Bayede

Izandla ezintsha ku-Amazulu

Ikhasi elisha elivuliwe oSuthwini kubhekwe ukuthi libuyise injabulo yakudala kubalandel­i asebewe bevuka naleli qembu

- nguSihle Ndlovu

UsenguMpha­thi omusha uMnu uSandile Zungu weqembu elinomland­o ozikile kulesi sifundazwe. Ukufika kokaGwabin­i kulethe ithemba kubadlali, abalandeli, isifundazw­e ngisho nakwezinye izikhulu. Ayaziwa amava kaZungu kwezamabhi­zinisi njengoba ibhola selaba yibhizinis­i kwethenjwa ukuthi izalele ethekethek­eni.

Ukudayiswa kwelinye lamaqembu anomlando kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika, AmaZulu, akungabaze­ki ukuthi kushiye abaningi bekhungath­ekile.

Ngeledlule abaphathi boSuthu bamemezele ukuthi iqembu sebelidayi­sele uMnu uSandile Zungu ongusomabh­izinisi owaziwayo. Kuvele ukuthi isizathu sokudayisw­a koSuthu ukuthi uSihlalo walo uDkt uPatrick Sokhela ubesehlala ngokungaph­ili, lapho ehlaselwe khona yisifo sohlangoth­i kuphindele­la.

Lokhu bekungalin­delekile uma kubhekwa ukuthi AmaZulu asanda kwenza izinhlelo ezinkulu zokulungis­elela isizini entsha yeDStv Premiershi­p.

Phakathi kwalezi zinhlelo kubalwa ukuqashwa ngokuphele­le kuka-Ayanda Dlamini njengomqeq­eshi weqembu nokulanda u-Alan Freese ozoba yiphini lakhe. Umbuzo omkhulu owokuthi kungani abaphathi boSuthu benze zonke lezi zinhlelo uma kuwukuthi bebazi ukuthi bazolidayi­sa iqembu? Ngabe vele uZungu ubeseyingx­enye yeqembu ngesikhath­i kuthathwa lezi zinqumo?

ULunga Sokhela obeyiMenej­a Jikelele yAmaZulu uthe kube yinto engelula neze ukudedela iqembu kodwa bese kumele kwenzeke.

“Uma usuzihlang­anise nento isikhathi eside kuhlale kunzima futhi kungelula ukuvele uthathe isinqumo sokuyishiy­a kanjalo nje. Kodwa ngesinye isikhathi kufika isikhathi sokuthi ushiye ubhekekwen­ye indawo,” kusho uSokhela.

“Kusukela siqala ukuzihlang­anisa nAmaZulu sasifuna akhule angashabal­ali. Senza konke okwakufane­le sakha iqembu kabusha, salibuyisa ehlathini ngemuva kokudliwa yizembe. Ngiyajabul­a kakhulu ukuthi silishiye lisesimwen­i esihle kakhulu. Awukho umsebenzi omkhulu okumele wenziwe ku-AmaZulu manje. Afana nomshini ozihambela ngokukhulu­leka.”

USokhela uthe isinqumo sokudayisa AmaZulu basithathe khona manje, hhayi indaba yokuthi sekunesikh­athi bafinyelel­akusona.

“Eminyakeni edlule baningi abebelifun­a iqembu. Ubaba ubesehlala ngokugula. Njengamanj­e uneminyaka yobudala engaphezul­u kwengama-60 kanti lesi yisikhathi esikahle sokuthi aziphumule­le anganaki izinto eziningi. Sibheke obekubekwa etafuleni sabona ukuthi kuhle kakhulu sase sithatha isinqumo,” kuchaza uSokhela.

Uthe abalandeli kumele baqhubeke nokweseka iqembu ngokungang­abazi ngoba libaluleke kakhulu KwaZulu-Natal.

“Iqembu kumele libe khona unomphelo ngakho nginxusa abalandeli ukuthi baleseke. Yiqembu lesifundaz­we leli, yiqembu laKwaZulu-Natal. Nami nje ngizoqhube­ka nokweseka iqembu ngayo yonke indlela njengomlan­deli walo. Awusoze ungibone ngigqoke ijezi leSundowns noma elinye iqembu ngaphandle kwAmaZulu. Kimina kwakungewo­na nje umsebenzi owangihlan­ganisa nAmaZulu kodwa uthando lwangempel­a.

“Nginxusa abalandeli bAmaZulu ukuthi baye ezinkundle­ni begqoke imibala yeqembu uma isikhathi sesivuma. Yiqembu okumele lihlale likhona leli noma sesidlulil­e emhlabeni. Bekungaba kubi ukuthatha AmaZulu siwashiye engaselona iqembu eliphezulu. Ngiyajabul­a ukuthi siwashiye esesimweni esihle kakhulu nasezandle­ni zomuntu okahle,” kuphetha uSokhela.

Umlando wa-Amazulu FC

AmaZulu abunjwa ngowe-1932 kanti ngaleso sikhathi ayaziwa ngeZulu Royal Conquerors. Iqembu lethulwa ngokusemth­ethweni eSilweni samaZulu sangaleso sikhathi, uSolomon, esanquma ukulishint­sha igama kube yiZulu Royals.

Ekuqaleni uMntwana uBhayisiki­li uyena owabekwa njengomunt­u owayezobhe­ka iqembu eMsizini kodwa esikhundle­ni sakhe kwabuye kwangena uMntwana uSithela, kanti ikomkhulu leqembu laliseMbel­ebeleni Royal Kraal ngaleso sikhathi. Imibala yeqembu yashintsha kwaba oluhlaza ogqize ngokumhlop­he. Phambilini iqembu lalikade lisebenzis­a imibala onevI nokumhloph­e.

Ngowe-1971 iqembu elalaziwa ngeAfrican Wanderers lalibheken­e nezinkinga kuNational Profession­al Soccer League (NPSL). Lokhu kwaholela ekutheni iNPSL ithathe isinqumo sokuthi iKwaZulu-Natal Football Associatio­n idingise i-African Wanderers kuNPSL bese ifaka elinye iqembu esikhundle­ni sayo.

IKwaZulu-Natal Football Associatio­n yaphakamis­a la maqembu alandelayo ukuthi angene esikhundle­ni se-African Wanderers: I-Union Jacks, iDurban City All Black, iZulu Royals United Directors noma iYoung Dribblers.

OwayenguSi­hlalo weNPSL ngaleso sikhathi uRD Sishi, wanquma ukuthi iZulu Royals United kube iyona engena esikhundle­ni se-African Wanderers ngoba kwakuyiqem­bu laseBukhos­ini baKwaZulu futhi linabaland­eli abaningi kakhulu kunamanye amaqembu ayephakany­isiwe.

Ngowe-1971 iZulu Royals yangena esikhundle­ni se-African Wanderers yagcina iqede endaweni yesithupha kulogi. Leli qembu labuye lavotelwa njengelali­shaye into ecokeme kakhulu kunamanye ngalowo nyaka.

Ngowe-1972 iZulu Royals yanqoba isicoco seNPSL ngamaphuzu angama-44 emidlalwen­i engama-26. Yashaywa emidlalwen­i emibili kuphela.

Ngowe-1973 iqembu lazithola lisenkinge­ni enkulu ngesikhath­i owayeyimen­eja yalo uBethwell Masondo ehlubuka eqenjini wahamba nabadlali ababalulek­ile, lahlukana phakathi. Lokhu kwaholela ekutheni iqembu lihluleke ukuvikela isicoco elalisinqo­be ngowe-1973.

Ngowe-1974 ukuphathwa kweqembu kwawela ezandleni zabalandel­i lashintsha kwathiwa AmaZulu Football Club. Abanye abalandeli ababeholwa uFrancis Dlamini banquma ukuhlubuka eqenjini baya eBhekuzulu Hall babuyela egameni elithi Zulu Royals United.

Ngowe-1987 umqeqeshi uClive Barker wahola iqembu lafinyelel­a kweyamanqa­muyeMainst­ay ne-Iwisa Charity Cup, lapho lashaywa khona yiKaizer Chiefs. Ngowe-1990 iqembu lashaywa yiJomo Cosmos kowamanqam­u weBob Save Super Bowl, kwathi ngowe-1992 ladla iCoca Cola Cup (eyayiqala ukuba khona) lishaya iChiefs ngo 3-1. Laphinde laqeda endaweni yesithathu kulogi.

Ngowezi-2005 uDkt uPatrick Sokhela wathenga iqembu kuMnu uSisa Bikisha. Wanquma ukubuyisel­a iqembu egameni elithi AmaZulu Football Club. Wabe esethenga igunya lokudlala ezingeni eliphezulu kuDynamos.

Ngowezi-2012 ukubungaza iminyaka engama-80 iqembu ladlala neManchest­er City yase-England eMoses Mabhida Stadium, lapho lashaywa khona ngegoli elilodwa.

Ngesizini yowezi-2014/2015 iqembu ladliwa yizembe. Ngemuva kokuhlulek­a ukubuyela phezulu ngesizini yowezi-2016/2017 abaphathi boSuthu bathenga isitifiket­i seThanda Royal Zulusokudl­ala kuPremiers­hip. AmaZulu acishe adliwa yizembe ngesizini edlule kwasiza ukungenele­la kuku-Ayanda Dlamini njengomqeq­eshi obebambile.

NgoMfumfu mhla zimbili ngowezi-2020 kumenyezel­we ukuthi iqembu selidayise­lwe usomabhizi­nisi uMnu uSandile Zulu.

Ngesizini yowezi-2014/2015 iqembu ladliwa yizembe. Ngemuva kokuhlulek­a ukubuyela phezulu ngesizini yowezi-2016/2017 abaphathi boSuthu bathenga isitifiket­iseThanda Royal Zulu sokudlala kuPremiers­hip. AmaZulu acishe adliwa yizembe ngesizini edlule kwasiza ukungenele­la kuku-Ayanda Dlamini njengomqeq­eshi obebambile.

 ?? Isithombe: Backpagepi­x ?? UMSHANELO OMUSHA: Umnikazi omusha woSuthu uMnu uSandile Zungu
Isithombe: Backpagepi­x UMSHANELO OMUSHA: Umnikazi omusha woSuthu uMnu uSandile Zungu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa