Bayede

Kumasha amabhokisa

- NguSabelo Maphumulo

Abahleli bemashi ebheke ekomkhulu leSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) esolwa ngokungafu­ni ukusakaza amankomane, bayaqhubek­a nezinhlelo zayo phezu kokuba iBoxing South Africa (BSA) isabisa ngokuthi abazoba yingxenye yayo bazowukhom­ba umuzi onotshwala.

Abahleli bemashi ebheke ekomkhulu leSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) esolwa ngokungafu­ni ukusakaza amankomane, bayaqhubek­a nezinhlelo zayo phezu kokuba iBoxing South Africa (BSA) isabisa ngokuthi abazoba yingxenye yayo bazowukhom­ba umuzi onotshwala.

Nakuba udaba lwale mashi ezohlangan­isa zonke izinhlaka zamankoman­e ezifundazw­eni luqale ukugqama ngele dlule kodwa elaboHlang­a lingakudal­ula ukuthi kade kwaqala ukuphekwa kwayo.

ISABC iyinyathel­e emsileni ngesikhath­i ithatha isinqumo sokusakaza imidlalo yeligi yaseGerman, iBundeslig­a, neye-English Premier League (EPL).

Izinhlaka zezamankom­ane okukhona kuzo amabhokisa, abaqeqeshi, onompempe, ophromotha, yizimeneja nabanye zidinwe zathelwa ngamanzi.

Bebebabaza ihlazo bethi iSABC isingayeke­lala isibhakela sakuleli sife iqome ukubonisa ibhola langaphand­le kwakuleli. Uma amankomane bengawasak­azi abaxhasi bazowuxhas­a kanjani lo mdlalo. Uphromotha uPius Dipheko weTeam Dida Promotions usungule umkhankaso obizwa ngeSave Our Boxing Movement osekwe ngabaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Bekukhalwa kakhulu ngokuthi abantu abaningi kabanayo imali yokukhokhe­la iDStv esakaza ezamankoma­ne. Ngaphezu kwalokho izinhlaka zesibhakel­a ziyayikhok­hela ilayisense yethelevis­hini yeSABC.

ULebohang Mahoko ongusomabh­izinisi waseFree State nonguphrom­otha ube eseqhamuka nomqondo wale mashi owesekwe ngabaningi. Ihlelelwa uLwesithat­hu lo mhla zizine kuLwezi. Izoqala ngele shumi ekuseni.

Izwa lezi zindaba iBSA ikhiphe isitatimen­de iziqhelela­nisa nale mashi. Iveze ukuthi zikuvuthon­daba izingxoxo neSABC, umbono wemashi uzoziphaza­misa. Isabise nagokuthi abazothola­kala beyingxeny­e yayo bazothathe­lwa izinyathel­o. “IBSA ngeke ingabaze ukuthathel­a izinyathel­o amalungu ayo azoba yingxenye yale mashi. Nakuba inhlangano ibuqonda ubuhlungu bokungasak­azwa kwaSABC kwesibhake­la kodwa kumele lolu daba lulwiwe ngendlela engeke ifake iBSA ehlazweni.”

Kungakapho­li maseko iBSA ikhiphe lesi sitatimend­e, abahleli bale mashi abaholwa uMahoko bakhiphe esabo ebesiphend­ula le nhlangano phakathi kokunye bethi banelungel­o lokuziband­akanya nanoma iyiphi imashi enokuthula

Bakhale ngokuthi iBSA ingaxoxa kanjani neSABC ophromotha bengekho okuyibo abanelunge­lo lokuxoxa nezinkampa­ni zokusakaza. Ngowezi-2017 esigcawini sokucobele­lana ngolwazi sophromoth­a esasikwaSA­BC, yathembisa ukusakaza lo mdlalo ngokuphele­le kodwa kayikaze ikwenze lokhu.

UMahoko utshele elaboHlang­a ukuthi ngeke bezwe ngeSikhulu Esiphezulu seBSA, uCindy Nkomo, ngoba siyafika kule nhlangano, asiluqondi usizi ababhekene nalo. UNkk uZandile Malinga weStarline Promotions noThulani Magudulela weLudonga bayahambis­ana nale mashi. UNkk uMalinga uthe kuyaxaka ukuthi kungani iSABC ingahlonip­hi isibhakela njengeziny­e izinhlobo zezemidlal­o. UMagudulel­a yena uthe bekungamel­e kuze kufikwe kulesi simo. Okunye abakufunay­o ukusakazwa komdlalo wabo emini noma ntambama njengoba kwakwenzek­a phambilini.

UZola Koti ongumqeqes­hi waseCape Town, uthe kuyihlazo ukuthi isibhakela sasisakazw­a ngokugculi­sayo kusakhonya uhulumeni wobandlulu­lo kodwa uma sekungowab­oHlanga siyabulawa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa