Izimbali nomnotho
Kusenesikhalo esikhulu sokuthi aboHlanga abakangeni kahle ebhizinisini lezimbali. Liyibhizinisi elibucayi kodwa elenzeka kalula. UDinangwe usibekela ukusuka nokuhlala kwaleli bhizinisi elidinga abalimi abakwaziyo ukuhwebelana namanye amazwe nangaphakathi ezweni.
Uma sibheka ezolimo kuyacaca ukuthi singasho singananazi ukuthi yimboni ebanzi. Ibanzi futhi inemikhakha eminingi kakhulu engazenelisa zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Njengoba ibanzi nje othanda ukufunda wambuleleka usuku nosuku ukuthi miningi kangakanani imikhakha angakhetha kuyo ukuze aziphilise aphilise nabanye. Njengoba iminingi kangaka imikhakha embonini yezolimo kusobala kuningi aboHlanga okumele bakufunde futhi bakwenze kule mboni, bazibeke esimweni sokwaziwa kangcono nokuhlonipheka njengesizwe. Kunezimboni othi uma ubheka kuzo uzibonele ukuthi kusengabamhlophe bodwa abasina bezibethela. Namathuba avulekayo kuleyo mikhakha bawafica efelwe ngunina bazitike futhi bawasebenzise ngendlela abayithandayo. Singebasole kangako ngoba kweminye yale mikhakha aboHlanga abavinjwe muntu. Ezinye zezinto ezenziwa kule mboni azidingi namhlaba omkhulu, kodwa zidinga ukuhleleka nokucabanga kwalowo ongene kulowo mkhakha.
Bengibuka imboni yezimbali kulezi zinsuku yabukeka kimi ingenye yezimboni ezibalulekile emnothweni futhi iNingizimu Afrika ehlonishwayo ngayo le mboni emhlabeni. Izimbali eziphuma kuleli lizwe zithunyelwa emazweni okubalwa phakathi kwawo awase-Europe nase-USA. Kule minyaka esikuyo uma sibheka emazweni angaphansi kweSub Sahara Afrika, izwe iKenya lingelesine ngobukhulu bomthamo wokukhiqizwa kwezimbali emhlabeni wonke. Izwe iKenya lisemhlabeni ongehlukile kowaseNingizimu Afrika, futhi-ke nengqalasizinda yakhona ayiyedluli eyaseNingizimu Afrika. Lokhu kuchaza ukuthi elakuleli lisethubeni lokwandisa umkhiqizo walo futhi aboHlanga banethuba lokuyifukula le mboni.
Uma sibheka eminyakeni eminingi eyedlule sibona ukuthi ngonyaka wezi2003 lalingelesishiyagalombili emhlabeni, laya ngokuya lihlehla ngeminyaka elandelayo. Ngaleyo minyaka iNingizimu Afrika yayikleliswe yaba ngeyama-21 ekukhiqizeni nasekuthumeleni izimbali emazweni aphesheya. Le mboni ingenye yalezo ezivalekile kwaboHlanga, okungelula ukuthola ulwazi oluningi ngayo. Kodwa-ke kulabo abazimisele akukho okungenzeki.
Umhlabathi nesimo sezulu kwalapha eNingizimu Afrika kwenza kube lula ukukhula kwemvelo ehlobise umhlaba. Enye ingxenye yale mvelo iyizimbali ezithathwa kalula nje ngabaningi kanti ziyivelakancane kwamanye amazwe. Umthamo wezimbali ezikhiqizwa kuleli lizwe eminyakeni embalwa eyedlule beyilinganiselwa kumarandi ayisigidigidi. Ngonyaka wezi-2007 uma kuhlanganiswa umthamo othunyelwa kwamanye amazwe bewulinganiselwa ezigidini ezingama-R415. Akusiyo imboni encane neze lena, kodwa abekho aboHlanga kuyo. Njengoba zonke izinto ziya ngokuguquka nokukhula ngeminyaka, ngokunjalo nemboni yezimbali seyikhule kakhulu.
Imboni yezimbali, ikakhulukazi umkhiqizo othunyelwa kwamanye amazwe, uthwalwa ngamabhanoyi. Uma singayehlukanisa ngononina imikhiqizo eyehlukahlukene ethunyelwa kwamanye amazwe kuhle sikucacise ukuthi ayifani. Kukhona ewukudla, edinga ukuhamba isikhathi esinqunyiwe, esifushane ukuze ingonakali. Eminye yale mikhiqizo idinga isiqandisi esizoyigcina ibanda ukuze ingonakali endleleni. Kukhona leyo mikhiqizo engenankinga yesikhathi ngoba ayiboli futhi ingakwazi ukuhamba amasonto amaningi ngaphambi kokufinyelela ezandleni zalowo oyidingayo. Kunaleyo mikhiqizo efana nezimbali okuzokuthi emuva kosuku noma ezimbili ibe seyiqala ukubuna, ifinyelele kumnikazi wayo ingasenamsebenzi. Ngale ndlela kuyacaca ukuthi imboni yezimbali iyimboni ebucayi edinga ubuciko nesineke.
Le mboni ikhahlamezeke kakhulu ngokufika kokhuvethe nemvalelwakhaya ngoba umkhiqizo oya emazweni aphesheya uhamba ngebhanoyi. Njengoba kuvaliwe ukundiza kwamabhanoyi nemikhiqizo eya emazweni aphesheya beyingekho indlela yokuyihambisa. Lo mkhiqizo oyimbali kumele uthathe isikhathi esilinganiselwa osukwini olulodwa noma ngabe uya kuphi ukuze ufike lapho uthengwe khona usesesimweni.
Kunezinhlobo eziningi zezimbali ezithathwa njengezihamba phambili eziqhamuka kuleli lizwe lethu. Kunaleyo ethathwa njengembali yezwe ebizwa ngeProtea. Lolu hlobo lwembali lutholakala ikakhulukazi esifundazweni iKwaZulu-Natal, ezindaweni eziseduze naseMgungundlovu, maphakathi nesifundazwe. Igama leProtea laze lasetshenziswa kuqanjwa igama leqembu lesizwe lebhola elishaywa ngenduku, ikhilikithi. Leli qembu libizwa ngembali ebalulekile eNingizimu Afrika. Ziningi ezinye izinhlobo zezimbali ezitholakala nakwezinye izifundazwe okubalwa phakathi kwazo imbali yohlobo lweRose, iChrysanthemum, iCarnation kanye nezinye izinhlobo. Ezinye izifundazwe ezihamba phambili ekukhiqizeni izimbali, yiWestern Cape, yiMpumalanga neLimpopo.
Kule mboni kunezinkampani okuyizo ezaziwayo ngokuhlola imikhiqizo okuyizo eziyithatha ziyithumele emazweni ayidingayo. Ebukeka ihamba phambili kulesi sikhathi yileyo ezinze eGoli iMultiflora. Le nkampani ihamba phambili ekwamukeleni izimbali eziqhamuka nakwezinye izifundazwe, ikhokhele labo abazitshalile bese izithumela emazweni azidingayo.
Kuyadinga ukuba aboHlanga bangagcini nje ngamabhizinisi aziwa njengajwayelekile kodwa bedlulele kweminye imikhakha abangakangeni kuyo abaningi.