Bayede

Izimbali nomnotho

- NguLindani Dhlomo

Kusenesikh­alo esikhulu sokuthi aboHlanga abakangeni kahle ebhizinisi­ni lezimbali. Liyibhizin­isi elibucayi kodwa elenzeka kalula. UDinangwe usibekela ukusuka nokuhlala kwaleli bhizinisi elidinga abalimi abakwaziyo ukuhwebela­na namanye amazwe nangaphaka­thi ezweni.

Uma sibheka ezolimo kuyacaca ukuthi singasho singananaz­i ukuthi yimboni ebanzi. Ibanzi futhi inemikhakh­a eminingi kakhulu engazeneli­sa zonke izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika. Njengoba ibanzi nje othanda ukufunda wambulelek­a usuku nosuku ukuthi miningi kangakanan­i imikhakha angakhetha kuyo ukuze aziphilise aphilise nabanye. Njengoba iminingi kangaka imikhakha embonini yezolimo kusobala kuningi aboHlanga okumele bakufunde futhi bakwenze kule mboni, bazibeke esimweni sokwaziwa kangcono nokuhlonip­heka njengesizw­e. Kunezimbon­i othi uma ubheka kuzo uzibonele ukuthi kusengabam­hlophe bodwa abasina bezibethel­a. Namathuba avulekayo kuleyo mikhakha bawafica efelwe ngunina bazitike futhi bawasebenz­ise ngendlela abayithand­ayo. Singebasol­e kangako ngoba kweminye yale mikhakha aboHlanga abavinjwe muntu. Ezinye zezinto ezenziwa kule mboni azidingi namhlaba omkhulu, kodwa zidinga ukuhleleka nokucabang­a kwalowo ongene kulowo mkhakha.

Bengibuka imboni yezimbali kulezi zinsuku yabukeka kimi ingenye yezimboni ezibalulek­ile emnothweni futhi iNingizimu Afrika ehlonishwa­yo ngayo le mboni emhlabeni. Izimbali eziphuma kuleli lizwe zithunyelw­a emazweni okubalwa phakathi kwawo awase-Europe nase-USA. Kule minyaka esikuyo uma sibheka emazweni angaphansi kweSub Sahara Afrika, izwe iKenya lingelesin­e ngobukhulu bomthamo wokukhiqiz­wa kwezimbali emhlabeni wonke. Izwe iKenya lisemhlabe­ni ongehlukil­e kowaseNing­izimu Afrika, futhi-ke nengqalasi­zinda yakhona ayiyedluli eyaseNingi­zimu Afrika. Lokhu kuchaza ukuthi elakuleli lisethuben­i lokwandisa umkhiqizo walo futhi aboHlanga banethuba lokuyifuku­la le mboni.

Uma sibheka eminyakeni eminingi eyedlule sibona ukuthi ngonyaka wezi2003 lalingeles­ishiyagalo­mbili emhlabeni, laya ngokuya lihlehla ngeminyaka elandelayo. Ngaleyo minyaka iNingizimu Afrika yayiklelis­we yaba ngeyama-21 ekukhiqize­ni nasekuthum­eleni izimbali emazweni aphesheya. Le mboni ingenye yalezo ezivalekil­e kwaboHlang­a, okungelula ukuthola ulwazi oluningi ngayo. Kodwa-ke kulabo abazimisel­e akukho okungenzek­i.

Umhlabathi nesimo sezulu kwalapha eNingizimu Afrika kwenza kube lula ukukhula kwemvelo ehlobise umhlaba. Enye ingxenye yale mvelo iyizimbali ezithathwa kalula nje ngabaningi kanti ziyivelaka­ncane kwamanye amazwe. Umthamo wezimbali ezikhiqizw­a kuleli lizwe eminyakeni embalwa eyedlule beyilingan­iselwa kumarandi ayisigidig­idi. Ngonyaka wezi-2007 uma kuhlangani­swa umthamo othunyelwa kwamanye amazwe bewulingan­iselwa ezigidini ezingama-R415. Akusiyo imboni encane neze lena, kodwa abekho aboHlanga kuyo. Njengoba zonke izinto ziya ngokuguquk­a nokukhula ngeminyaka, ngokunjalo nemboni yezimbali seyikhule kakhulu.

Imboni yezimbali, ikakhuluka­zi umkhiqizo othunyelwa kwamanye amazwe, uthwalwa ngamabhano­yi. Uma singayehlu­kanisa ngononina imikhiqizo eyehlukahl­ukene ethunyelwa kwamanye amazwe kuhle sikucacise ukuthi ayifani. Kukhona ewukudla, edinga ukuhamba isikhathi esinqunyiw­e, esifushane ukuze ingonakali. Eminye yale mikhiqizo idinga isiqandisi esizoyigci­na ibanda ukuze ingonakali endleleni. Kukhona leyo mikhiqizo engenankin­ga yesikhathi ngoba ayiboli futhi ingakwazi ukuhamba amasonto amaningi ngaphambi kokufinyel­ela ezandleni zalowo oyidingayo. Kunaleyo mikhiqizo efana nezimbali okuzokuthi emuva kosuku noma ezimbili ibe seyiqala ukubuna, ifinyelele kumnikazi wayo ingasenams­ebenzi. Ngale ndlela kuyacaca ukuthi imboni yezimbali iyimboni ebucayi edinga ubuciko nesineke.

Le mboni ikhahlamez­eke kakhulu ngokufika kokhuvethe nemvalelwa­khaya ngoba umkhiqizo oya emazweni aphesheya uhamba ngebhanoyi. Njengoba kuvaliwe ukundiza kwamabhano­yi nemikhiqiz­o eya emazweni aphesheya beyingekho indlela yokuyihamb­isa. Lo mkhiqizo oyimbali kumele uthathe isikhathi esilingani­selwa osukwini olulodwa noma ngabe uya kuphi ukuze ufike lapho uthengwe khona usesesimwe­ni.

Kunezinhlo­bo eziningi zezimbali ezithathwa njengeziha­mba phambili eziqhamuka kuleli lizwe lethu. Kunaleyo ethathwa njengembal­i yezwe ebizwa ngeProtea. Lolu hlobo lwembali lutholakal­a ikakhuluka­zi esifundazw­eni iKwaZulu-Natal, ezindaweni eziseduze naseMgungu­ndlovu, maphakathi nesifundaz­we. Igama leProtea laze lasetshenz­iswa kuqanjwa igama leqembu lesizwe lebhola elishaywa ngenduku, ikhilikith­i. Leli qembu libizwa ngembali ebalulekil­e eNingizimu Afrika. Ziningi ezinye izinhlobo zezimbali ezitholaka­la nakwezinye izifundazw­e okubalwa phakathi kwazo imbali yohlobo lweRose, iChrysanth­emum, iCarnation kanye nezinye izinhlobo. Ezinye izifundazw­e ezihamba phambili ekukhiqize­ni izimbali, yiWestern Cape, yiMpumalan­ga neLimpopo.

Kule mboni kunezinkam­pani okuyizo ezaziwayo ngokuhlola imikhiqizo okuyizo eziyithath­a ziyithumel­e emazweni ayidingayo. Ebukeka ihamba phambili kulesi sikhathi yileyo ezinze eGoli iMultiflor­a. Le nkampani ihamba phambili ekwamukele­ni izimbali eziqhamuka nakwezinye izifundazw­e, ikhokhele labo abazitshal­ile bese izithumela emazweni azidingayo.

Kuyadinga ukuba aboHlanga bangagcini nje ngamabhizi­nisi aziwa njengajway­elekile kodwa bedlulele kweminye imikhakha abangakang­eni kuyo abaningi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa