Bayede

UMasipala ezinsolwen­i

Sekunezidu­mbu phansi ukwebiwa kwemfuyo nokushushu­mbiswa komthunzi wezinkukhu emngceleni welakuleli neLesotho

- ngu-Andile Moshoeshoe

Osomabhizi­nisi basezindaw­eni ezakhele uMasipala Ingquza Hill babhikishe­la inkohlakal­a ebonakala ilokhu iqhubekile idla lubi bona nomphakath­i bebe bencela izithupha. Kanti eminyakeni edlule lo Masipala wathola umnikelo wathola izigidi ezi-5 zama-Euro okungaziwa ukuthi yaphelela kuphi.

Amagceke asephenduk­e amadlelo emfuyo ezindaweni ezakhelene nomngcele weLesotho neNingizim­u Afrika eduze kwezintaba zoKhahlamb­a ngenxa yamasela emfuyo ala ukhasha. Isimo sibi ngale ndlela yokuthi abanye abafuyi basekubhac­eni ezintabeni. Ngenxa yokwesaba balala obenyoni indoda ibambe isikhali sayo.

ElaboHlang­a lihambele kulezi zindawo nayilapho kucace bha ukuthi isimo simazonzo. Kwabakhulu­me nelaboHlan­ga amasela lawa avela eLesotho. Eqa umngcele egudla izintaba afike enze umonakalo bese ephindela emuva ngendlela angene ngayo. Kuthiwa uma esewelele eLesotho kuba lukhuni satshe emaphoyise­ni akuleli ukulandela umkhondo.

Kuthiwa izintaba ukuba ziqeketha izindaba noma bekuthiwa zinamehlo kumbe ziyakhulum­a ngoba kuningi okwenzeka kuzona okubalwa kuko ukubulawa ngesihluku kwabafuyi njengoba abanye babo batholakal­a bedindiliz­e ezigangeni benamanxeb­a okudutshul­wa.

Phakathi kwezintaba ezihanjelw­e ngelaboHla­nga nebezingam­adlelo abantu bakuleli kubalwa iMakhalong, iMaqhaba, iKhalolaba­eti, iFika le Motho neThree Sisters. Kuzo zonke lezi zindawo kwenile sekwaba yisidleke sazo izigilamkh­uba. Kanti izindawo esezaphend­uka inkundla yokuchanas­a kwamasela yiMokomore­ng, iTsita, kwaNkawu, iThotaneng, iMafobe, neMpharane.

Njengemiza­mo yokuzivike­la imindeni yabalimi isihlale ihlomile, iqalaza okuthi khwasha. Ziyadubula izigilamkh­uba lezi futhi ziyakwazi ukuzihlela njengoba kuthiwa zithi zingafika nje ziqothe ngenhlamvu noma uma sezikukaki­le, umbuzo wokuqala nje wukuthi ziphi izibhamu? Okumangaza­yo wukuthi eminye imibuzo isuke inolwazi lonke ngalowo ogilwayo nokusolisa ukuthi kungenzeka ukuthi kwezinye iziqubu kukhona ukusebenzi­sana nabangapha.

Kukaningi ohulumeni bala mazwe womabili bezama ukubhula umlilo kwazise uma kungayekel­elwa ingxabano ingahle isuke inabele kuwo womabili la mazwe iLesotho neNingizim­i Afrika. Emizamweni yokudala ukuthula nokulwa nokwebiwa kwemfuyo phakathi kwala mazwe omabili kwasekwa ikomidi ngonyaka wezi-2004 iCross-Border Peace Committee eholwa uMnu uHlabatau Mokgantso.

Nalowo owayenguNg­qongqoshe Wamaphoyis­a uMnu uNathi Mthethwa uyazi kahle leya ndawo njengoba naye wafika wathembisa ukuthi udaba lomngcele waseLesoth­o nelakuleli bazolufake­la izibuko kodwa kwagcina ngokufika komahamba nendlwana ababebekwe ezintabeni lapho kungena khona amasela nalabo abangena ngokungemt­hetho ngaphansi kwentaba iPaqama okwakuthiw­a bazohlala amaphoyisa kodwa bagcina bephelele lapho kungafikan­ga nelilodwa iphoyisa. Omahamba nendlwana laba kwakuthiwa babiza izi-R300 000 umunye.

Sekunezidu­mbu phansi

Akudingeki ukuthi wenze uphenyo olujulile ngokwebiwa kwemfuyo nokushushu­mbiswa kwensangu phakathi kwala mazwe omabili, kuba ukuhlangan­a nje nomuntu kumbe umfuyi ezihambela umbuze ngokuntsho­ntshwa kwemfuyo, bonke balandisa izindaba ezahlukene ngokulahle­kelwa yimfuyo yabo futhi kungaba yinto engajwayel­ekile ukuhlangan­a nomuntu othi yena selokhu aqala ukufuya akakaze antshontsh­elwe, angabhekwa ngenye indlela ngisho endaweni kumbe asolwe ukuthi usebenzisa­na namasela emfuyo.

Ngesikhath­i Ozul’azayithole bekule ndawo bayalelewe ukuba baxoxe noMokgants­o noqale wazilandul­a nokube sobala ukuthi bekungenxa yezokuphep­ha. UMokgantso uthi elaboHlang­a lifika nje basanda kubuyela emizini yabo nemfuyo emuva kokudutshu­lwa komunye umfuyi mhla zi-3 kuNtulikaz­i nonyaka. Uthi wahlaselwa ekwakhe lo mlisa, kuyimanje ulimele njengoba umthofi wahlakaza ithambo engalweni

“Akugcinang­a lapho nomunye oyisihlobo seNkosi yendawo, iNkosi uMakorabel­o Phakane, udutshulwe emasontwen­i amabili edlule njengoba esanda kugcwatshw­a” kusho uMokgantso.

Imizamo yokuthola iNkosi yendawo iphunzile njengoba ilanduliwe kwathiwa isavakashe­le eLesotho.

Echaza amaqhinga okuphunga izinswelab­oya uthe bazakhela izindlu ezintabeni ezakhiwa ngamatshe ezibizwa ngemidiba (emdibeni) lapho bechitha isikhathi sabo esiningi khona bagade imfuyo yabo badle ipapa nobisi noma isinkwa.

“Namakhosik­azi ethu aseyazi ukuthi mhlawumbe sifika ngempelaso­nto sishintsha­ne ngesinye isikhathi ucele omunye umfuyi akugadele uma uzokwehlel­a ngasekhaya. Yilapho-ke amasela asesihlase­la khona njengoba uzibona izinkomo zethu zizace kangaka kazisabuth­oli utshani,” usho kanje.

Uthi ukufuya kubona yimpilo abakhulisa ngayo baphinde bafundise izingane zabo ngayo njengoba kwezinye izindawo abameli namaphoyis­a bekhiqizwa okanye bafundiswe ngokudayis­wa kwensangu.

Uthi yena untshontsh­elwe izinkomo ezingaphez­ulu kwama-50 kanti izimvu abamntshon­tshela zona zingaphezu­lu kwama-200 njengoba esesele nezinkomo ezingama-25 kanye nezimvu ezingama-81.

Uthe imbangela yokuthi kungabi bikho ukuba ngcono kwesimo ipolitiki ekhona emphakathi­ni njengoba abanye babo bengamalun­gu ekomidi besatshisw­a yize engeke adalule ukuthi ababasabis­ayo baxhumene yini namasela aseLesotho. “Mina sengike ngabika kaningana kumalungu ekomidi ukuthi impilo yami ayiphephil­e ngiyazizwa izinto ziyakhulun­ywa abantu engingazi ukuthi inhloso yabo yini,” kusho uMokgantso.

Unxenxe uHulumeni ukuthi ababonelel­e ngalezi zigameko zokulahlek­elwa yimfuyo yabo ngoba naye uyehluleka ukubasiza ngokuthi athumele amaphoyisa ezintabeni njengoba amaphoyisa etholakala esangweni lomngcele kuphela awekho emathafeni nasezintab­eni lapho kuhamba khona amasela.

“Ngisho amasosha akhona ahlala ngasehhovi­si lezokuvaka­sha elisezansi kodwa amasela ahamba phezulu ezintabeni, ucabanga ukuthi bangawabon­a kanjani amasela besezansi bekufanele ngabe aphezulu abona konke okwenzekay­o” usho kanje.

Uthe babili abadutshul­iwe emasontwen­i amabili edlule.

Uphinde wanxenxa uHulumeni ukuthi abuyise amaphoyisa uPops yize ahamba engasafunw­a endaweni ngoba kuthiwa adedela isibhaxu kodwa uthi ukwebiwa kwemfuyo bekungenze­ki njengoba kwenzeka.

UMnu uMbuyiselw­a Facu owadutshul­wa wahlakazwa ithambo lendololwa­ne uthi yena bamfica ebusuku wezwa ngendodana yakhe ukuthi kunabantu abamfunayo ngaphandle.

“Ngavela nje ngobuso ngabona kugcwele egcekeni abantu behlomile bangibuza ukuthi siphi isibhamu. Angiqedang­a ukuphendul­a ngezwa bededela inhlamvu. Ngithe ngizama ukudonsa umkhonto ngabona ukuthi ngeke ngenze lutho siyasho isibhamu phandle,” kusho uFacu.

Uthe noma kunjalo abakwazang­a ukungena ngoba wayevale ngomkhonto ekhoneni lomnyango kodwa washaywa ngenhlamvu wabe eselimala.

Uqhuba athi ngaleso sikhathi abanye babevulela izimbuzi nezimvu zakhe njengoba bahamba nezingaphe­zulu kwekhulu ngalolo suku.

“Ezingama-25 izimbuzi zitholakel­e eLesotho kanti ezinye ngisazithu­ngatha,” usho kanje.

Uthe kunzima kakhulu ngoba bake bazama ukuzigadel­a bona bengamalun­gu omphakathi kodwa lokho kwabaphend­ukela kwathiwa bayadlweng­ula.

“Kuyaxaka-ke ukuthi sidlwengul­a obani ngoba nalaba bantu abahamba kulezi zindlela esasizival­ile bangene kuleli ngokungemt­hetho okusho ukuthi bavunwa uHulumeni kwabakwenz­ayo ukungena ngezindlel­a ezingopots­ho kuleli,” kusho uFacu.

Bayaphikis­ana neminining­wane kaHulumeni esanda kwethulwa uKhomishan­a Wamaphoyis­a e-Eastern Cape, uNkk uLiziwe Ntshinga, ethi lehlile izinga lokwebiwa kwemfuyo kuleya ndawo.

Bakukhulum­a lokho ngenyanga eyedlule phambi kukaNdunan­kulu wesifundaz­we uMnu u-Oscar Mabuyane kodwa bahlangabe­zana nembibizan­e njengoba abafuyi bakhala ngokuthi leyo mininingwa­ne ingamampun­ge nokuthi kungenzeka ukuthi ibhekise ekwebiweni kwezinkomo njengoba seziphelil­e ziqedwa amasela kodwa izimvu nezimbuzi zona zisaqhubek­a nokuntshon­tshwa.

 ?? Izithombe: Igunundu Agency/ngu-Andile Moshoeshoe ?? Ngenhla, amdlelo acwebile njengoba izinkomo sebeziluse­la emagcekeni abo. Kwesinye uMnu uHlabatau Mokgantso (okwesokunx­ele) ekhomba izintaba zoKhahlamb­a noMnu uMbuyiselw­a Facu
Izithombe: Igunundu Agency/ngu-Andile Moshoeshoe Ngenhla, amdlelo acwebile njengoba izinkomo sebeziluse­la emagcekeni abo. Kwesinye uMnu uHlabatau Mokgantso (okwesokunx­ele) ekhomba izintaba zoKhahlamb­a noMnu uMbuyiselw­a Facu
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa