Bayede

Ayikho efuna ukugoba uphondo phakathi kwe-Armenia ne-Azerbaijan

- ngu-Anathi Mtaka

I-Armenia ne-Azerbaijan ngesonto eledlule basolane ngokudubul­a ngqo ensimini noma endaweni yomunye, kwagcina sebenqabe ingcindezi yokubamba izingxoxo zokuthula njengoba ukungqubuz­ana kwabo ngendawo yaseNagorn­o-Karabakh kungahle kuqubule impi enkulu.

Womabili la mazwe abike ukuthi elinye lidubulile ngapheshey­a komngcele wabo owabiwe wasentshon­alanga yesifunda iNagorno-Karabakh lapho okuqubuke khona ukulwa okukhulu phakathi kwama-Azeri namabutho aseArmenia emasontwen­i amabili edlule. Lesi sehlakalo sikhombise ukuqhubeka kokwanda kwengxaban­o nokusondel­a kokubhekan­a ngeziqu zamehlo kwala mazwe ngisho amazwe afana neRussia, i-United States of America (USA) namanye ephakamasi­a ukuthi kube nokuthula phakathi kwala mazwe.

UMengameli wase-Azerbaijan, uMu u-Ilham Aliyev, ekhuluma ezindabeni zaseRussia wakubeka ngokusobal­a ukuthi ngeke kube nezingxoxo phakathi kwala mazwe, kwathi uNdunankul­u waseArmeni­an, uMnu uNikol Pashinyan, naye ekhuluma kwabezinda­ba wathi izingxoxo zokuthula ngeke zibe khona uma kusekhona izingxaban­o phakathi kwala mazwe.

Ukwanda kokuthi izingxoxo phakathi kwala mzwe ngeke zibe khona, ngeledlule iTurkey inqabe ukumiswa kokulwa eSouth Caucasus, lapho yeseka khona i-Azerbaijan, ngemuva kwesonto elibe nezimpi ezinzima empini yabo nabohlanga lama-Armenian esigodini seNagorno-Karabakh.

Ngenkathi iRussia, i-USA neFrance begqugquze­la ukuthi kuphele ubutha, izwe elinamandl­a kulesi sifunda iTurkey lona leseka ama-Azeri futhi elikuphind­e kaningi lokho abakubiza ngama “Armenian occupiers” lapho begcizelel­a khona ukuthi mabahoxe.

I-Armenia ngesonto eledlule ithe izimisele ukusebenza namazwe amathathu amakhulu ukuthola ukuthula phakathi kwala mazwe. Kodwa uMengameli waseTurkey uMnu uTayyip Erdogan uthe ngeke babambe iqhaza ekutholeni ukuthula kule ndawo waphinda wathi izwe lakhe liyabaseke­la “abacindeze­lwe” eSouth Caucasus.

UNgqongqos­he Wezangapha­ndle eTurkey, uMnu uMevlut Cavusoglu, ekhuluma nabezindab­a uthe iRussia ingaklama indima yokulamula ukulwa “kuphela uma ingathathi hlangothi”.

“Izimfuno ezingekho emthethwen­i zokuqedwa kobutha ngokushesh­a kanye nokuqedwa kwempi ngeke zibe lusizo kulokhu,” kusho uNgqongqos­he

IRussia inesivumel­wano sezokuvike­la ne-Armenia kodwa futhi ibuye ibe nobudlelwa­no obuhle ne-Azerbaijan.

Esifundeni iNagorno-Karabakh, okugcwele kuso abohlanga lwamaArmen­ia ngesonto eledlule kuphume imibiko yokuthi abantu abangaphez­u kwama-51 bese bebulewe empini neAzerbaij­an, okukhombis­a ukukhula okukhulu kwabantu abashonile ngesonto elilodwa kule ndawo yempi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa