Bayede

Akakaphumi ebungozini nokho uyelulama uTrump

- ngu-Anathi Mtaka

UMengameli uDonald Trump (osesithomb­eni) uthumele umyalezo ngevidiyo kubantu base-USA kuleli sonto ngemuva kwezinsuku ezimbili esesibhedl­ela samasosha sase-USA lapho ebelashelw­a ukhuvethe.

Umyalezo ubuthi: “Phumani futhi ningesabi”.

Yize odokotela bakhe bethe akakaphumi ebungozini kule vidiyo uTrump ubonakale engasifaki­le isimfonyo futhi ekhombisa ukungathuk­i ngemuva nje kokubuyela eWhite House esuka eWalter Reed Medical Center.

“Ungavumeli ukuthi likubuse. Ungalesabi,” kusho uMengameli uTrump. “Siyabuya, sesibuyela emsebenzin­i. Sizoba siphambili. Ungavumi ukuthi libuse impilo yakho. Phumani kodwa niqaphele.”

Ukhuvethe selubulale abantu abangaphez­u kwesigidi emhlabeni jikelele kwathi e-USA iyodwa kwashona abangaphez­u kwezi-209 000 okuyisibal­o esikhulu emhlabeni.

Ithimba lakhe lezempilo lithe uTrump oneminyaka yobudala engama-74 ubengakaze abe nemfiva esikhathin­i esingamaho­ra angama-72 futhi amazinga akhe omoyampilo (oxygen) abejwayele­kile. Odokotela bakhe banqabile ukukhuluma ngemiphume­la ezobakhona emaphashin­i kaTrump njengoba ebenokhuve­the futhi abafunanga ukudalula ukuthi wagcina nini ukuhlolelw­a ukhuvethe watholwa engenalo.

Leli thimba lithe uMengameli uTrump uthole umoyampilo owengeziwe kabili kulezi nsuku ezimbalwa.

“Yena akakaphumi ebungozini,” kusho uDokotela uSean. P. Conley, ongudokote­la waseWhite House.

“Uma kungashaya uMsombuluk­o noLwesibil­i isimo sakhe sisafana ilapho esizoqala sikhululek­e khona.”

Kodwa uDkt uConley uthe ithimba likaTrump lezempilo likholwa ukuthi ubesekulun­gele ukuthi aphume esibhedlel­a wagcizelel­a ukuthi uzothola ukwelashwa kwezempilo okusezinge­ni eliphezulu eWhite House.

Uphinde wathi odokotela bahamba indawo abangayijw­ayele njengoba uMengameli ubesethole izindlela eziningi ezithile zokwelashw­a kunesikhas­hana egulile futhi ukhuvethe lubikiwe emhlabeni.

Ubucayi bokugula bukaTrump bube ngaphansi kokucutshu­ngulwa okukhulu, kanti abanye ochwephesh­e bezokwelap­ha bebebona ukuthi njengendod­a ekhuluphel­e ngokweqile futhi esikhulile ngeminyaka ubesesigab­eni esinamathu­ba amaningi okuthi abe nezinkinga ezinzima noma ashone ngenxa yokhuvethe.

Ubelashwa ngemastero­id nangedexme­thasone okuyizinto ezijwayele ukusebenza uma isimo sonokhuvet­he sesinzima kakhulu. UTrmup ubevamisil­e ukubukela phansi ubungozi balolu bhubhane. Ezinsukwin­i ezedlule udedele amavidiyo akhe eqinisekis­a umphakathi ukuthi uyelulama.

Umthombo osondelene naye uTrump wona ubike ukuthi ubengafuni ukuya esibhedlel­a ngesonto eledlule futhi ubesejahil­e ukuphuma futhi khona.

Lokhu kuhlabeka kukaTrump ngokhuveth­e kukhumbuze abantu abaningi emhlabeni ukuthi ukwehla kwezibalo zabanokhuv­ethe emhlabeni kwakungash­o ukuphela kwalo uqobo. Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnu uTrump kanye naloyo onguMengam­eli waseBrazil uMnu uJair Bolsonaro bebeluthat­ha kancane udosi lokhuvethe bengazifak­i izamfonyo okugcine selubahlab­a bobabili ngezikhath­i ezahlukene. Umbuzo osusele ngukuthi ngabe manje uMengameli uTrump usezoqala aluhloniph­e ukhuvethe noma uzoqhubeka nokuba yiqhawe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa