Kungani abezindaba kumele baqaphele
Ngenxa yokuthi abezindaba bafana nomfula ophakela abantu abaningi, kumqoka ukuthi amanzi angadungwa ngobuthi bokuchema
Namuhla kulolu shicilelo siveza into okungelula ukuyiveza. Sibika ngezinsolo zokuthi kukhona abathile abasebenzisa abezindaba ukuqhuba izimfuno zabo.
Odabeni olusekhasini lesithathu nolukhuluma ngoMtubatuba sinike ubufakazi obanele ukukholwa ukuthi nembala bakhona ozakwethu abashibilikile nasebezithole bethe shi embangweni wakulo Mkhandlu.
Ngobufakazi esinabo siyakholwa ukuthi lokhu akwenziwanga yiphephandaba kepha ngabantu nje. Nokho ngisho kunjalo sinomuzwa wokuthi lesi kumele kube yisifundo kithi sonke.
Iqiniso lithi abezindaba bafana nomfula ophuzwa ngabantu abaningi. Ingozi-ke wukuthi uma la manzi omfula ahlinzeka inqwaba esefakwa ubuthi yinqwaba yabantu engahle ilimale.
Uma abantu sebekwazi ukudunga abezindaba ingozi isekutheni kuzosabalala amanga nangahle abe yingozi kubafundi. Umsebenzi wethu akuwona owokuthathela abantu (abafundi nomphakathi jikelele) izinqumo. Okwethu wukubeka izinhlangothi zonke bese kuba yibo abantu abazikhethelayo.
Asingabazi ukuthi nalaba abagila le mikhuba bayakwazi lokho, ithemba lethu lilele ekutheni bazozinuka amakhwapha bese beyeka le mikhuba esilulaza sonke.