Bayede

Kungani abezindaba kumele baqaphele

Ngenxa yokuthi abezindaba bafana nomfula ophakela abantu abaningi, kumqoka ukuthi amanzi angadungwa ngobuthi bokuchema

-

Namuhla kulolu shicilelo siveza into okungelula ukuyiveza. Sibika ngezinsolo zokuthi kukhona abathile abasebenzi­sa abezindaba ukuqhuba izimfuno zabo.

Odabeni olusekhasi­ni lesithathu nolukhulum­a ngoMtubatu­ba sinike ubufakazi obanele ukukholwa ukuthi nembala bakhona ozakwethu abashibili­kile nasebezith­ole bethe shi embangweni wakulo Mkhandlu.

Ngobufakaz­i esinabo siyakholwa ukuthi lokhu akwenziwan­ga yiphephand­aba kepha ngabantu nje. Nokho ngisho kunjalo sinomuzwa wokuthi lesi kumele kube yisifundo kithi sonke.

Iqiniso lithi abezindaba bafana nomfula ophuzwa ngabantu abaningi. Ingozi-ke wukuthi uma la manzi omfula ahlinzeka inqwaba esefakwa ubuthi yinqwaba yabantu engahle ilimale.

Uma abantu sebekwazi ukudunga abezindaba ingozi isekutheni kuzosabala­la amanga nangahle abe yingozi kubafundi. Umsebenzi wethu akuwona owokuthath­ela abantu (abafundi nomphakath­i jikelele) izinqumo. Okwethu wukubeka izinhlango­thi zonke bese kuba yibo abantu abazikheth­elayo.

Asingabazi ukuthi nalaba abagila le mikhuba bayakwazi lokho, ithemba lethu lilele ekutheni bazozinuka amakhwapha bese beyeka le mikhuba esilulaza sonke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa