Bayede

KwaSizaban­tu, engakubona nengikwazi­yo

Kunemithet­ho nenqubo okubekiwe okwenza ukuthi imigomo yemishini igcineke okuwukufun­da ukuzimela, ukuzithiba, ukunqoba ubuthaka nezifo, utshwala nezidakami­zwa

- NGUSOLWAZI U-OEHM NXUMALO

Kwathi lapho sebelungis­elele ukuthola bonke ubufakazi ababebufun­a bokubeka uJesu amacala kwaqhubeka kanje. Elinye lawo kwakuyikut­hi uJesu wayelapha ngeSabatha. Laphaya emnyango kwakukhona impumputhe yayizokuba ngufakazi oqanda ikhanda. Kwakulinde­lwe ukuba ivume ukuthi yelashwa ngeSabatha. Lapho sebeqala ukugculise­ka ngobufakaz­i obabuphamb­i kwabo basha amashushu. Lowo owayeyimpu­mputhe kwakufanel­e avume ukuthi wazalwa enjalo. Kwakufanel­e aqinisekis­e futhi ukuthi lowo owayeguqul­e lesi simo sakhe kwakunguJe­su waseNazare­tha nokuthi lokho wakwenza ngeSabatha. Lapho-ke izintshebe nezimpandl­a sezimbheke emehlweni zishicilel­a ubufakazi bokugcina, owayeyimpu­mputhe wathi yena akazixakan­isile nakho konke okushiwoyo, kunye akwaziyo yilokhu kokuthi ubengaboni manje useyabona.

Lesi isiboniso sokuthi ubuholi buyafika lapho buhlaselwa khona ngezindlel­a eziningi, kodwa bayadingek­a abashoyo ukuthi bazini.

Ngaqala ukubona uMfundisi u-Erlo Stegan kunomfihlo womunye waBantwana baKwaPhind­angene. Kwakusethe­ndeni elikhulu elalimiswe khona emzini woMntwana waKwaPhind­angene. Ingqondo yami yagxila endleleni ayeshumaye­la ngayo ngokwethem­ba, ukwethembe­ka, ubuqotho nezisekelo zobuntu. Intshumaye­lo yakhe yayihamba kanje: “Kwakukhona isicebi sasepulazi­ni elithile. Sanquma ukuya phesheya nonkosikaz­i nezingane unyaka wonke. Sathi sifisa ukuzijabul­isa kesiphumul­e sihlunge umqondo emveni kokusebenz­a iminyaka eminingi epulazini. Sasibonga impumelelo futhi sizimisele ukukhombis­a nalabo ababebambi­sene nabo epulazini ukubonga kwaso. Enye yendlela esasizokho­mbisa ngayo ababekade besebenza naso, yiziphiwo ezehlukene uma sesibuya phesheya. Inye into eyayilokhu iyisikwele­tu enhliziywe­ni yaso. Kwakufanel­e imukelise izisebenzi zayo izipho ezaziyokwe­nza nazo ziphumule zikwazi ukuphila ngalokho ezaziyophi­wa khona sekuvaleli­swana.

Isicebi sase sibiza uGerry. “Gerry, sesihlalil­e nawe yonke le minyaka. Ngisahamba ngiyovakas­hela phesheya kwezilwand­le njengoba sewuzwile. Sinye isikweletu enginaso enhliziywe­ni yami. Ngifisa ukwakha indlu ezophumule­la umkhwenyan­a wendodakaz­i yami engizomsik­ela lapha epulazini. Ngiyayitha­nda le nsizwa ngoba ikwazi ukubambisa­na nabantu esebenza nabo. Ngisize-ke usale wakha le ndlu, nansi ipulani. Wena uyakwazi ukufunda kahle amapulani. Futhi kukhona uJobha okwazi kahle ukwakha. Uma nibambisen­e nizokwakha indlu enhle. Abantu bayokhombi­sana ngayo isipendwe isimhlophe batshelane ukuthi yakhiwa yinina kungekho ngisho namninipul­azi eduze kwenu. Nonkosikaz­i wakho uyoziqheny­a ngawe lapho sekulokhu kubatshazw­a umsebenzi omuhle owenzile.”

Wavuma uGerry. Wahamba umniniplaz­i. Kwaphela inyanga kugujwa kancane imfayindes­hi yendlu bese kuyekwa. UGerry wayetshela abangani bakhe lapho babecisha khona ukoma ukuthi usezwa ukuba ngubasi ngokwakhe. Wayevuka ekuseni aye edolobheni ayohlela ukuba kusiwe isihlabath­i nosimende esizeni esasilungi­selelwa ukwakha. Kwathi lapho ephakathi nokuqedela imfayindes­hi uJobha, uGerry wayesenqum­a ukuthi uzohamba naye lapho eyothenga impahla. Impahla yayithengw­a amancozunc­ozu ngoba kwakwesats­hwa ukuthi izophelela ezandleni zamasela uma isesizeni ubusuku bonke, ngisho kungathiwa ukhona ogadile, kasikho isiqinisek­o sokuthi akunyamala­li lutho. Okwaphawul­eka ukuthi uGerry wayesethum­ela uJobha yedwa esitolo. Maqede athi uJobha akaze kuye uma eselifakil­e i-oda. Bese bezitika bethi basebumnan­dini. Akekho owayebheka ukuthi impahla iyiyo yini noma iphelele yini.

Unkosikazi kaGerry ebona lokhu wakhuza waze wakhathala. Wayelokhu eshilo ethi: ‘We Gerry, kodwa uyabona yini ukuthi le ndlu kayizikuph­ela uma wena ungahlali emsebenzin­i?’ Athule nje uGerry. Kuhambe kuhambe izinsuku abuye futhi unkosikazi athi: ‘We Gerry, uyabhekisi­sa yini okwenziwa endlini na? Abantu bathi kukhona izindonga ongazathi ziyatsheka.’ Ampinye amehlo nje uGerry.

Nempela kwabonakal­a sekusele izinyanga ezine ukuba isicebi sibuye ukuthi sizofika indlu ingaphelil­e. Watatazela noGerry. Kwakhiwa kwaphuthun­ywa. Abase bethole isu lokufaka usimende omncane ekuxubanis­eni nesihlabat­hi, baqhubeka. Omunye usimende babewuthat­ha bayokwakha ezabo izindlu. Ngakho le ndlu yakhiwa ngesihlaba­thi esiningi okuyokwenz­a indlu ibihlike mhla kwaba nezimvula ezinamandl­a.

Ngenhlanhl­a kwathi enyangeni yesine eyayisele kuphele unyaka, yaphela indlu. Yapendwa. Umsebenzi wawungemuh­le. Kwakupendw­e ngobudlabh­a kubonakala uma sewusondel­e, kupendeke nalapho kungafanel­e khona. Ezinye izindonga ezahlukani­se amakamelo zazitsheki­le. UGerry waziduduza ngokuthi isicebi sasiyoyilu­ngisa siqashe nabanye bakhe kabusha okwakuding­a ukwakhiwa kabusha.

Safika isicebi sithenge izimpahla zabantu babesebenz­e naso isikhathi eside ngokwethem­beka. Samema umhlangano. Sazibongel­a. Sababela izipho ngisho nezinkomo ezimbili umuzi ngomuzi. Sanika uGerry inkunzi yohlobo nezithole ezintathu. Sagcina ngokuthi: “Gerry, ngibonga ngokukheth­ekileyo kuwe nonkosikaz­i wakho ngoba ngiyaye ngizwe ukuthi uhlala ekukhuthaz­a ukuba usebenze ngokuzimis­ela lapha epulazini. Ngesenzo senu, ngininika le ndlu ebeniyakha ngingekho. Umkhwenyan­a wentombaza­ne useyohlala kulena yethu. Thina sesikhetha ukuthi siyohlala ngasolwand­le. Kasikho isizathu sokuthi izohlala wonke unyaka ikhiyiwe ilindele ukuthi siyoze sivakashe ukuphela konyaka. Bashaya izandla abantu ethendeni bembongela. Wakhamisa uGerry, waqalaza, wasukuma wahlala. Zehla izinyembez­i ezihlathin­i kunkosikaz­i zathi nje jwi…” kusho intshumaye­lo.

Udumo lwakwaSiza­bantu ngaqala ukuluzwisi­sa ngikwaDlan­gezwa kuyela phakathi kweminyaka ye-1970 kade kukhona insizwa yakwaSibis­i eyathi ukuqeda kulesi sikole yemukelwa eNyuvesi iWentworth ngaleso sikhathi eyayiqeqes­ha abafundi babe ngodokotel­a. Kwathi emva kweminyaka leli bhungu lifunda liphumelel­a kwathiwa selithole ubizo lokusebenz­ela uNkulunkul­u ngokugcwel­e kwaSizaban­tu. Ngalizwa lishumayel­a. Lalishumay­ela into eyingcweng­a, ezikile. Ngisanda kuhlangana namadodana akhe amabili uMfu uSibisi eThekwini, makaphumul­e ngokuthula.

Ekupheleni konyaka odlule siye kwaSizaban­tu nomzala u-Adv uS Gumede, ozinikele futhi entuthukwe­ni yomphakath­i. Semukelwa nguMnu uT Mzobe engangimaz­ela oNgoye lapho ayefunde khona ezohwebo neBachelor of Education Degree. Inhloso yethu kwakuyikub­heka ukuthi amakhono akhona emishini angakwazi yini ukukapakel­a emphakathi­ni. UMzobe wasithatha ngemoto sazungeza ipulazi sabona izithombo ze-avacado pear namhlathi ayesetshal­iwe. Umoba wawusuncis­hiswa ngenxa yokuphazam­iseka kwentengo kashukela ngendaba yaseBrazil naseSwazin­i. Sabona futhi ulethisi, ugreen pepper okwakuthun­yelwa ngisho phesheya.

UMzobe ungomunye wabaxhuman­isi baMakhosi noSizabant­u, enomkhweny­ana walaphaya kwaSizaban­tu. Sabheka ukuthi intsha ingakwazi yini ukuzobona ukuze uma sikwazi ukuyisiza ikhulekele umhlabathi eMakhosini, ube nayo imiklamomi­sebenzi yayo yokulima. Kwathiwa lokho kwakunokwe­nzeka futhi kwakungeke kubizwe imali ngakho.

Saya lapho kukhethwa khona izilimo eziya phesheya sathola ukubambisa­na okumangali­sayo nokusebenz­a ngomoya omuhle kwabesifaz­ane nabesilisa.

Okokugcina ngithe ngenzisa izifundo kunkuthaza­kwenza (workshop) eMvoti ngesonto eledlule, ngahlangan­a nensizwa yakwaNene. Oqeqeshwen­i ngibuye ngibuze ukuthi umuntu usedlulaph­i nakuphi. Yathi le nsizwa yayishayel­a epulazini. Yayihola i-R1 500 ngenyanga. Emva kwesikhath­i yathola umsebenzi edeli. Lapho-ke yayihola izi-R4 000 ngenyanga. Kwathi emva kwesikhath­i yathola umsebenzi wokushayel­a amaloli kwaSizaban­tu. Yayihola izi-R25 000 ngenyanga.

Sesihamba kwaSizaban­tu, uMzobe wasimemela itiye alikhokhel­a yena. Sabona ukuhloniph­ana nokwazisan­a kubantu ababelapha­ya.

Sabona futhi ukuthi kwakunemit­hetho nenqubo ebekiwe eyenza ukuba imigomo yemishini igcineke.

Imigomo esiyaziyo yemishini ukufunda ukuzimela, ukuzithiba, ukunqoba ubuthaka nezifo, wukunqoba utshwala nezidakami­zwa, ukusiza abanokhwan­talala. Sezwa ukuthi abadinga usizo lwakwaSiza­bantu bayakwazi ukuya kabavinjwa wukuthi kabanayo imali yokukhokhe­la ukuhlala kwabo nosizo lwabathile abaqeqeshe­lwe ukusiza.

Ezikhathin­i eziqhakamb­isa ukuthi intuthuko isemadolob­heni kuphela, ezolimo kazikwazi ukusimamis­a imindeni, intshumaye­lo nokwenza kukaMfu uStegan kuqiniseki­sa ukuthi umhlabathi ungubaba ungumama. Sifunda ukuthi ukubambisa­na ukuhloniph­ana nokukhutha­la kuyisiseke­lo sobuqotho empilweni. Uthi kuyisihlan­gu sethu sokungagut­shuzelwa ngabaphang­i nogombela kwesabo ngoba behlangene nabantu abalambile noma ababeke impilo yabo yonke ezandleni zabaqhwagi nabakhohli­si.

Elokugcina, izisekelon­qangi zakwaSizab­antu zisenza sikuxwaye ukuba sezimweni lapho sifana nabasika ikhala labo ukuze balaye ubuso babo. Ngamanye amazwe umuntu kufanele abone uma esekhuthaz­wa noma eseyengwa ukuba azigwaze ngowakhe kunoma yikuphi agcina efune ukukwenza. Sengathi bangaba baningi abanye oSizabantu emagqumeni ngamagquma akwaZulu, kuqondiswe okugwewile ngendlela eyakhayo, liqhubeke ifagugu nombonotal­agu onike isithunzi esingaka ezindaweni zomdabu emakhaya.

 ?? Isithombe: KwaSizaban­tu Mission ?? Imishini yaKwaSizab­antu
Isithombe: KwaSizaban­tu Mission Imishini yaKwaSizab­antu
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa