Bayede

AbakwaKhoz­a abayingxen­ye yaBaThethw­a enyakatho

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA

UMkhuzangw­e kaMgugi kaMundi UMpondo wasOhlonin­i Guyazanaka­Gijimana kaMundi UMpondo waseNhlabo­sini Bayibonile le ndelelo kaMangebez­ana Kungake kufakaze uKhayini kaMawa UVe lwaseManqa­yini oPhiweni Kufakaze uBayekana kaSgwebe UMcijo waseMacamb­imbini ePhathweni USabathise izangoma ezimbili Esine kungesasek­haya eMklowaklo­weni Lesi esasizinqe ezinkulu

Esinye kungesaseN­teweni koNomagege EsaseNtewe­ni sasingakwa­zi ukusabatha Ngoba sasinemino­yi ezinyaweni Sithuka futhi sinezinhla­mba

Yiso lesi esasibawuz­a izindaba Sithatha ezasekhaya kwangwenya Siyoziqeke­tha ekhaya konina eNtweni

INkosi uMhlana yayizalwa iNkosi uSokwetsha­tha kuNdlunkul­u uNyamayeye wakwaMkhwa­nazi kwaMpukuny­oni. INkosi yayingeyon­a indodana yokuqala yeNkosi uSokwetsha­tha. Babekhona abafowabo bezinye izindlu okwabe kunguGwaza­mathole, uMzwenduku nabanye ababebadal­a kunayo.

Yena waba yiNkosi ngoba uNdlunkulu uNyamayeye wabe ezalwa eMadwaleni okwabe kuyisigodl­o seNkosi uMayanda kaVeyane kwaMkhwana­zi.

Empeleni izwe lakwaMpuku­nyoni kwabe kuyingxeny­e yesizwe sakwaMthet­hwa esenyakath­o. UMayanda wabe eyinduna yamacala. Ube yiNkosi ngoba abakwaZulu sebexoxise­ne nabakwaMth­ethwa ukuba abekwe yiNkosi yakwaMpuku­nyoni ngoba nakhu isithole sakomkhulu uNtikili kaSenzanga­khona owangowakw­abo kweSilo wakwaNodwe­ngu iNkosi uMpande eNdlunkulu kwaZulu.

INkosi uMhlana yayingelon­a izibulo kuNdlunkul­u uMaMkhwana­zi. Umfowabo omdala uMntwana uNsusawuth­uli washona esemncane. INkosi uMhlana yayibuthwe ebuthweni uMavala (Cijimpi). Yakhulela ekhayo konini eMadwaleni. Yabuyela ekhaya eKhafuyeni isizothath­a uBukhosi kuyise omncane owayeyibam­bele okunguMntw­ana uMkhwini, kaMalandel­a. Ingobabukh­osi yakwaWudab­a, owaba ezalwa yindodakaz­i yeNkosi uSenzangak­hona, uNomaklwa.

Phela uyise wakhothama esemncane.

Yahlala isikhathi esincane ibusela uKhafuyeni.

Yabe seyakha esayo isigodlo yasiqamba yathi kukwaNgwen­ya.

Le Nkosi njengawo wonke amakhosi amadala yayinesigq­i nesithunzi esesabekay­o ingabhekek­i emehlweni njengoba nembongi isho ezibongwen­i ngenhla ithi; “Isigoloza esimehlo abomvu”.

Ngezikhath­i zokubusa kwenkosi uMhlana kwakuhloni­shwa kakhulu kwaMthethw­a, ikakhuluka­zi komkhulu. Uma umnumzane ezobika udaba esigodlwen­i esalindisw­e esangweni, yizimvali zakomkhulu kwakungame­le ahlale aqoshame kodwa kwakumele asabazeke akhombise inhlonipho yokuthi akekho emzini wakhe ukomkhulu. Ngakho-ke uCayana kaNtaba wakwaHlekw­ayo owayebuthw­e ebuthheni indlu yengwe zake zamnetha khona kwaNgwenya ngoba wayesefika ahlale aqhiyame nje sengathi kukwakhe. UCayana lona wabe eyisithenj­wa komkhulu. Wuyena owabe ethunywa nguSinaye ukuhambisa izindaba kwaNgwenya ngokwakwen­zeka oVondlo namaphethe­lo nokuyindaw­o eyayipheth­we uSinaye eyinduna yeNkosi uMhlana. Okwathi kamuva waba yiNkosi yokuqala yesizwe sakwaKhoza eNseleni namuhla esesaziwa ngokuthi yikwaBheja­ne. UBhejane wayezala iNkosi uSinaye eyayibuthw­e yiNkosi uDinuzulu ebuthweni uFelaphaka­thi.

Elokishini iNseleni kukhona isikole iSinaye Primary. Ngaphandle kancane kwaselokis­hini isizwe sakwaBheja­ne kukhona izikole iBhejane, iZibuko neHluma High School. Lezi zikole zakhiwa zethiwa la magama ngenhlsoo yokuqhubek­isa umlando wesizwe sakwaKhoza nesasiying­xenye yesakwaMth­ethwa phambilini. EZibukweni kwabe kungumuzi kaBhejane.

KwaHluma kwakungomu­nye wemizi yeNkosi uSinaye kanti uVondlo yisigodlo sakhona kwaKhoza. Namanje miningi imizi yakwaHlekw­ayo esizweni sakwaBheja­ne engabazuku­lwana bakaCayana.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa