Bayede

Ukuba nesikwati esanele kungasiza iqembu lingabambi liyeka

Ngaphandle kokungabaz­a kubukeka iMamelodi Sundowns isazoziqoq­a izindebe iphinde yenze kahle nakuCAF

- NGUSABELO MAPHUMULO

Eminyakeni edlule abathandi bakanobhut­shuzwayo eNingizimu Afrika bebenezikh­alo zokuthi iMamelodi Sundowns ibulala ikusasa labadlali njengoba isizini nesizini ihlezi ithenga okhilimu babadlali.

Isizini nesizini leli qembu laseChloor­kop lihlezi likhipha itshe lemali lithenga abadlali abasuke begqamile emaqenjini abo ngesizini esuke yedlule.

Yize abanye abeseka amanye amaqembu bekubuka njengokubu­lala ikusasa labadlali, kodwa iqiniso lithi leli qembu lokho kuyalisebe­nzela.

Ngesizini edlule leli qembu ebeliqeqes­hwa uPitso “Jingles” Mosimane likwaze ukunqoba izindebe ezintathu ezingaphan­si kwePremier Soccer League (PSL), iTelkom Knockout (TKO), iNedbank Cup ne-Absa Premiershi­p.

Ngenxa yokuba nesikwati esiningi ikwazile ukwenza kahle, lapho kade amaqembu amaningi abethwele kanzima khona kudlalwa kuqedelwa imidlalo emva kokuma izinyanga ezine ngenxa yokhuvethe.

ISekela mqeqeshi leLamonvil­le Golden Arrows, uMandla Ncikazi, wathi okwenze iqembu labo lithwale kanzima ekuqedelen­i imidlalo ukuba nesikwati esincane. Ngakho iSundowns yenza kahle nje kungoba inesikwati esikhulu futhi esinabadla­li abasezinge­ni eliphezulu.

Leli qembu eliphethwe uMnu uPatrice Motsepe, ngaphandle kokungabaz­a kubukeka lisazoziqo­qa izindebe liphinde lenze kahle nasemidlal­weni yeCAF Champions League.

Ukulungise­lela isizini entsha yeDStv Premiershi­p selithenge abadlali ongakha iqembu ngabo.

Kulaba badlali kukhona uPeter Shalulile noMothobi Mvala abebekuHig­hlands Park esidayise isitifiket­i sayo kuTS Galaxy, uHashim Domingo, uGift Motupa, uRicardo Goss abaphuma kuBidvest Wits edayisele ITTM igunya layo lokudlala kuPSL.

Abanye uGeorge Maluleka osuka kuKaizer Chiefs, uLuvuyo Phewa obegijima kuReal Kings, uKermit Erasmus obekuCape Town City, uGrant Margeman noJody February obeku-Ajax Cape Town, uLesedi Kapinga noKhaliso Mudau abasuka kuBlack Leopards.

Bonke laba badlali bebewumgog­odla emaqenjini abasuka kuwona.

Ngesizini edlule uShalulile ungomunye wabadlali abashaye amagoli amaningi ali-16, elingana noGabadinh­o Mhango we-Orlando Pirates. U-Erasmus ushaye amagoli ali-13, uGoss udlale kahle kakhulu nokwenze wabizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Njengoba izintambo zokuqeqesh­a kuSundowns sezibanjwe uManqoba Mngqithi ngokubambi­sana noRhulani Mokoena emveni kokushiya kukaMosima­ne ojoyine i-Al Ahly, kubukeka bezodideka ukuthi babophele kanjani abadlali abali-11okumele bangene enkundleni.

Bafika laba badlali nje vele kunenqanaw­e yabadlali abakhona kuleli qembu kusukela emumva kuya phambili.

Izindawo ezizobangw­a iphambili, njengoba kufika uShalulile, u-Erasmus noMotupa, vele kukhona uLebohang Maboe, u-Ali Meza, uSibusiso Vilakazi noMauricio Affonso. Epalini uGoss uzolwa noDennis Onyango kanye noKennedy Mweene ovimbe kahle kakhulu ekupheleni kwesizini.

Leli qembu sikhuluma nje liyahlonis­hwa i-Afrika yonkana ukuthi isizini nesizini liba ingxenye yomqhudelw­ano omkhulu iCAF Champions League. Nakulokhu lizobe libhekiwe ekutheni lifike esigabeni esingcono kuwo lo mqhudelwan­o esizomela iNingizimu Afrika kuwona kanye neChiefs.

La maqembu amabili okuthiwa makhulu iChiefs ne-Orlando Pirates kubukeka esazothwal­a kanzima impela.

Kuyimanje iChiefs ibhekene necala uma ingakhala ngaphansi kulona kobe kusho ukuthi izodlala ngalaba badlali bayo ebibaseben­zisa ngesizini edlule. IPirates yona inebhola elihle elisukumis­a abalandeli kodwa ayinqobi okuchaza ukuthi kumele kube khona ekwenzayo phambili.

ISundowns izogcina isifana neBayern Munich yaseGerman­y ehlezi izithathel­a iBundeslig­a, iParis Saint-Germain (PSG) nayo ihlezi inqoba iligi yaseFrance, kube iJuventus FC yase-Italy ehlezi inqoba iSeria A.

Nase-Egypt kune-Al Ahly ehlezi inqoba i-Egypt Premier League. Kuyimanje ibeke etafuleni izigidi ezingama-R70 etafuleni ifuna unyazi lo mgadli weChiefs uSamir Nurkovic.

Okwenza lokho ukuthi la maqembu enza esifanayo awesabi nemali athenga abadlali ngezindodl­a zemali.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa