Bayede

Ukuphakelw­a kwabafundi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Namanje kusekhona izikole ezisehlule­ka ukuphakela abafundi nakuba inkantolo yaphoqa uMnyango Wemfundo Eyisisekel­o ukuba uqinisekis­e ukuthi lokhu kuyenzeka. UMnyango kulindelwe ukuba ubikela inkantolo ngokuqhube­kayo.

Phambilini uMnyango Wezempilo ubuthembel­e ekuphumeni uye kubantu ukuze ufundise umphakathi ngezempilo. Lapha bekusuke kugxilwe ekugcizele­leni ukubalulek­a kokuzinake­kela, ukugwema izifo, nokuzijway­eza ukuyohlolw­a ukuze uma kunezifo ezifufusay­o zisheshe zitholakal­e bese umuntu elashwa.

Ucwaningo luthi nezifo ezingelaph­eki uma zisheshe zatholakal­a kuba lula ukubhekana nazo.

Ngenxa yokuqubuka kokhuvethe, oluholele ekuvalweni kwezwe ukuze kunqandwe ukubhebhet­heka kwalolu bhubhane, okhulumela uMnyango KwaZulu-Natal uMnu u-Agiza Hlongwane, uthe sebeqale ukusebenzi­sa ezobuchwep­heshe ukuze bakwazi ukuqhubeka nokuxhuman­a nomphakath­i.

“Lapha singabala izitatimen­de esilokhu sizikhipha ukuqwashis­a umphakathi ngempilo, izithangam­i zabezindab­a nohlelo olusha lwethelevi­shini iLunchTime­Chat.Gov, olusakazwa bukhoma eziteshini zomphakath­i, isezinkund­leni zethu zokuxhuman­a njalo ngoLwesihl­anu nasesteshi­ni sethelevis­hini i-1KZN ngoMgqibel­o,” usho kanje.

Uthe njengoba izwe selisesiga­beni sokuqala semvalelwa­khaya, akusekude ukuthi izinhlelo zoMnyango zokuhlanga­na nomphakath­i ziqhubeke ngendlela ecishe ifane neyaphambi­lini kodwa abazozetha­mela bazobe befake izimfonyo, behleli ngokuqhele­lana kuphinde kujwayelwe nokugeza izandla ngamanzi nensipho noma ngesibulal­imagciwane.

Njengoba iNyanga kaMfumfu eNingizimu Afrika ithathwa njengeyesi­fo somdlavuza uHlongwane uthe: “Isifo somdlavuza sehlukene futhi sibucayi. Kuya ngokuthi iyiphi ingxenye yomzimba ephethwe yiso nokuthi idinga ukwelashwa okungakana­ni. Siyafisa ukukugcize­lela ukuthi kuzo zonke iziguli ezinomdlav­uza zingama-20% kuphela ezidinga i-oncology ngenxa yokujula komdlavuza wazo.”

Uthe okumqoka ekunqobeni umdlavuza akusikho ukulapha kodwa wukuhlolwa kwabantu njalo ukuze uma sitholakal­a abezempilo basheshe bangenelel­e. Uqhube wathi iKwaZuluNa­tal yenza kahle kakhulu ngasohlang­othini lokuhlolel­a umdlavuza kusetshenz­iwa imishini nasekulaph­eni.

“Zinhlanu izinhlobo zomdlavuza ezidlangil­e KwaZuluNat­al esokuqala owesibelet­ho, owebele, owamathumb­u, oba phakathi komlomo namakhala odalwa ukubhema nezilonda zomdlavuza eziba sekhanda nasemqalen­i kanye nowamapayi­pini asesithwen­i sangasese sowesilisa,” usho kanje.

Uqhube wathi kuningi umuntu angakwenza ukugwema ukuba yisisulu somdlavuza. “Umdlavuza webele ushiya kukhalwa njengoba uhlasela owesifazan­e oyedwa kwabangama-27. Lesi yisibhicon­go esingenasi­dingo ngoba lo mdlavuza uyakwazi ukunqandek­a ungakabheb­hetheki emzimbeni, umuntu alashwe asinde.”

UHlongwane uthe kulula ukusheshe kubonwe izimpawu zomdlavuza webele.

Unxuse abesifazan­e ukuba bajwayele ukuzithint­a amabele, babheke ukuthi akukho sigaxa yini esingajway­elekile. Uma lokhu kumhlula, angacela lowo ahlekisana naye ukuba amsize.

Njalo ekuseni angama phambi kwesibuko bese ephakamisa izingalo. Uma kukhona ibele elinyuka kakhulu kunelinye, lokho kungaba yinkomba yokuthi kukhona okungahamb­i kahle.

“Ezingeni lomphakath­i sinezinsiz­a zezemfundo futhi siqwashisa ngezempilo nezemfundo ukuzihlola amabele nokunakeke­la abadinga ukunakekel­wa kwabanomdl­avuza ngasezinsu­kwini zokugcina (iPalliativ­e Care) ngokubambi­sana nezinhlang­ano ezigxile emphakathi­ni,” kusho yena.

Uthe ezingeni lezikole, bagxile ekunciphis­eni ukushona kwabantu ngenxa yomdlavuza wesibeleth­o ngokuba bajove amantombaz­ane aneminyaka yobudala eyisi-9 ukuze agweme iHuman Papillomav­irus okungeliny­e lamagciwan­e athathelan­a ngokwenza ucansi olungaphep­hile [STI], edala umdlavuza wesibeleth­o. Ezingeni lesifunda lokunakeke­la baneminye imishini yokuxilong­a banqande umdlavuza usafufusa kanti bengeze ngeli-15 ukusiza ukunqanda umdlavuza wesibeleth­o.

Uthe nasezibhed­lela ezinkulu bayifakile imishini. “Sinxusa abesilisa abaneminya­ka engama-50 ukuthi bahlolelwe umdlavuza osesithwen­i sangasese ngoba uyingozi. Empeleni, wonke umuntu wesilisa onomlando walolu hlobo lomdlavuza unxuswa ukuba aqale ukuwuhlole­la kusukela eminyakeni engama-45,” usho kanje.

Uthe bayabagqug­quzela abesimame abaneminya­ka engaphezu kwama-30 ukuba babuze kwabezempi­lo ukuze balungele ukwenza iPap Smear, esiza kakhulu ukunqanda nokwelapha umdlavuza wesibeleth­o.

“Ngaphezu kokulwa nomdlavuza, sizoqhubek­a nokuyibamb­a ekhaleni impi yezifo ezingathat­helani. Mayelana nalokhu, sikhathaze­ke kakhulu ngezifo ezingelaph­eki njengesika­shukela nomfutho wegazi ophezulu. Empeleni, KwaZulu-Natal baningi kakhulu abantu ababanjwe yilezi zifo ezingelaph­eki okwengeza emthwalwen­i wezifo,” kusho yena.

 ?? Isithombe: Facebook ?? UMnu u-Agiza Hlongwane
Isithombe: Facebook UMnu u-Agiza Hlongwane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa