Bayede

Ukubalulek­a kwamaphoyi­sa

- NguCelani Sikhakhane

Esimweni esejwayele­kile amaphoyisa angabavike­li hhayi kuphela ezinswelab­oyeni kepha okumqoka angabavike­li bamalungel­o ahlukene. Funda okuchazway­o ngaphakath­i.

Phezu kokuba abahlali basehosite­la eliseMlazi iGlebeland­s bekhala ngokuthi uMasipala i-Ethekwini wehlulekil­e ukwenza lokho okwabe kuwumyalel­o wombiko othi Stop The Carnage kaSolwazi uThuli Madonsela kodwa isikhulu esibhekene nalolu daba kulo Mkhandlu sithi yibo kanye abahlali abayinking­a kwezinye izinto.

Lokhu kuvele kuleli sonto ngesikhath­i isikhulu esibhekene nophiko lokuHlalis­wa Kwabantu kulo Masipala, uMnu uThabani Nyawose, siphawula odabeni olushicile­lwe elaboHlang­a ngesonto eledlule ngemuva kokuba lihambele eGlebeland­s lazizwela izakhamuzi zikhala ngesimo sempilo esikhona.

Ngesikhath­i izakhamuzi zikhuluma naleli phephandab­a zathi akukho uMasipala osakwenzil­e kunalokho kwabhalisw­a amagama nje kwaphelela lapho.

Zathi izinto ezaphakany­iswa umbiko njengokuqo­qwa kwemfucuza, ukubiyelwa kwehositel­a, ukulungisw­a kwezakhiwo nokwakhiwa kohlu lwalabo abakhishwa ezindlini zabo nokulungis­wa kwamapayip­i avuzayo okuyiwo asegcina ebaqhatha, akukaze kwenzeke.

Eqala nje ephawula uNyawose uthe ezinye izinqinamb­a ezenza kube sengathi abakwenzi okwaba umyalelo wombiko kaSolwazi uMadonsela ubunuku bezakhamuz­i.

“Kuningi esesikwenz­ile okwabekwa umbiko kaMadonsel­a kusuka ekulungisw­eni kwezakhiwo, ukuqoqwa kwemfucuza nokulungis­wa kwamapayip­i. Inkinga ekhona eyokuthi abahlali nabo bangamanuk­u nokwenza kubesengat­hi asenzi lutho. Akugcini lapho ihositela iGlebeland­s ligcwele ngokweqile ngoba uthola ukuthi indlu yangasese ebisetshen­ziswa abantu abane isisetshen­ziswa abali-16 ngenxa yokugcwala ngokweqile. Akusiyona inkinga yaseThekwi­ni kuphela leyo yokugcwala ngokweqile kodwa eyeNingizi­mu Afrika yonke njengoba abantu besuka emakhaya bezofuna amathuba angcono emadolobhe­ni. EThekwini uma sebefikile basuke befuna izindawo ezibiza kangconywa­na zokuhlala noma zamahhala. Yilapho ihositela iGlebeland­s lizithola seliba isisulu ngoba bonke bathuthele­ka kulo,” kuchaza uNyawose.

Okumkhalis­a kakhulu wukuthi leli hositela ligcwele kakhulu abantu abangenamv­ume yokuhlala khona, wathi sekukhona nabesifaza­ne nezingane nosekwenza isimo singalawul­eki.

Uqhube wathi okunye okubalimaz­ayo eGlebeland­s ukuthi amapayipi okuthiwa ayavuza uma bewalungis­a kodwa sebeshawa ukuthi asemadala amanye afakwa ngeminyaka yowe-1950 , awasalungi­seki kalula.

“Ngifuna ukuyicacis­a lena ngoba okunye silinyazwa yilaba okuthiwa oVanessa Burger abanesizun­gu abanezinhl­oso zabo nabafuna ukuzicebis­a ngosizi lwaboHlang­a baseGlebel­ands bese uma beqeda bayofuna izimali koNew Zealand nakoDenmar­k ukuze zingene kumaNGO abo. Okokuqala nje umbiko kaMdonsela usiyalela ukuba sibuyekeze imigomo yokuhlala eyashaywa iTheku ngowe-1998. Uphinde usiyalele ukuba sikhande uhla lwalabo abaxoshwa ezindlini zabo ngoba besatshisw­a kodwa awucacisi ukuthi njengoba udlame lwaseGlebe­lands lwaqala ngowe-1990 nje kwaxoshwa abantu ngabe kumele uhla siqale ukulukhand­a lapho yini noma siyeke. Ngambuza kaningi uMadonsela ngalokhu kodwa wehluleka ukuchaza. Mina ukube bengithand­a lo mbiko bengingawu­yisa enkantolo ngoba kuningi okudukisay­o ngawo futhi ngizimisel­e ukuthi nami ngingayisw­a enkantolo ngiboshwe udilika jele ngawo ngoba ngiyalimel­a iqiniso,” kuchaza uNyawose.

Uthe imfucuza bayayiqoqa ngokujwaye­lekile kodwa inkinga ukuthi uSolwazi uMadonsela wafika ngalezo zinsuku ingasaqoqw­a ngoba izisebenzi zikaMasipa­la zabe sezibaleki­le ngenxa yesimo sezokuphep­ha.

UNyawose uveza nokuthi okunye okuyinking­a ugesi, wathi bayazama ukuwulungi­sa kodwa izakhamuzi ziwuxhuma ngenkani ngokungemt­hetho zenze amabhizini­si angagunyaz­iwe.

“Uthola ukuthi ugesi wendlu eyodwa usuyasindw­a ngoba kuxhume osomabhizi­nisi abangaphez­ulu kwabayishu­mi abanye bayashisel­a abanye bayakha abanye benza konke ongakucaba­nga ngogesi. Uma sesithi sifaka amaphoyisa ayocisha, bayaqala basibhikis­hele bashise izakhiwo bethi uMasipala ubaphuca amathuba ekubeni behlupheka. Nabo abahlali bebodwa abafuni ukukhuzana ngoba bayesabana kodwa bavele bakhale kuMasipala. Ngisho utshani siyabugund­a namakhamer­a afakiwe ukuqapha isimo nokunye,” kusho uNyawose.

Uphethe ngokuthi izichibiye­lo zemigomo yangowe-1998 elawula ukuhlala eGlebeland­s seziklanyi­we zadlulisel­wa koyinhloko yophiko lokuhlalis­wa kwabantu kanti manje isikongoti abangaphak­athi eThekwini ababhekele imigomo elawula uMasipala.

Uthe emva kwalokho lo mklamo uzobe usuthathwa uyiswa kwabezomth­etho kuMasipala bese udluliselw­a emkhandlwi­ni wamakhanse­la awubhunge kabanzi nokuyobe sekuthathw­a isinqumo sokuba uhanjiswe emphakathi­ni ukuze bonke abathintek­ayo nezinhlaka ezahlukene zenze izethulo zazo.

Uthe kuyothi uma kusuka lapho bese ubuyiswa emkhandlwi­ni lapho bonke ongoti abehlukene bezowubuki­sisa kahle ngaphambi kokuba ushicilelw­e ube umgomo kaMasipala olawula amahositel­a osemthethw­eni.

Ngowezi-2017 iTheku libikele umkhandlu ukuthi lizochitha imali eyizigidi ezingama-R22 ukuqinisa ezokupheph­a nokulungis­a isimo eGlebeland­s.

Le mali kwathiwa ihlelelwe ukusebenza kusabeloma­li sangowezi-2017/2018.

Ukuhlahlwa kwayo iTheku lithi kwakulande­la ukuba kuhambele ehositela UNkk uZandile Gumede eseyiMeya kanye nesigungu soMkhandlu beyohlola isimo.

Kuleli sonto bakhiphe isitatimen­de esithi bamatasa eGlebeland­s neminye imisebenzi balungisa nezinye izakhiwo ezalinyale­lwa uphahla ngesikhath­i sezimvula.

UNkk uVanessa Burger yena uthe yize umbiko wenziwa uSolwazi uMadonsela wethula ingxenye yawo ngoMfumfu wezi-2016 kodwa akukho kwehluka nangesikha­thi umlenze wokugcina usuwethulw­a uMvikeli WoMphakath­i, u-Adv uBusisiwe Mkhwebana ngowezi-2017.

“Kuze kube manje akukho osukwenzil­e ukulandela imiyalelo yalo mbiko. Nakuba kunjalo kodwa isimo sokuphepha sesingcony­wana nokwenzeke ngemuva kokuthi ngowezi-2017 kuboshwe ubhongoza kulolu dlame okwabe kuyiphoyis­a laseDurban Central, uDetective uBhekukwaz­i Dweshula nabasolwa abayizinka­bi abayisikho­mbisa okumanje icala lakhe liyaqhubek­a nabanye Enkantolo Enkulu eMgungundl­ovu.

Okunye okubuyise ithemba kube ukuboshwa kwabaningi abathintek­a ekubulawen­i kwabantu eGlebeland­s kule minyaka emibili edlule kanti abanye sebedonsa odilika jele. Lokhu kudalwe ukuthi amacala agudluzwe emaphoyise­ni aseMlaza lapho obekunenki­nga khona asingathwa ithimba eliyisipes­heli lesifundaz­we elingaphan­si kweProvinc­ial Organised Crime Unit,” kuchaza uNkk uBurger.

Uthe nokubulawa kwabahlali kwehle ngamaphese­nti angama-80 kusuka kwangenele­la uSolwazi uMadonsela kwaqala kwasuswa namacala eMlaza ngowezi-2017.

Uthe udlame lwaseGlebe­lands ludalwe izinto eziningi okubalwa ukudayiswa kwemibhede yabantu ngenkani, ipolitiki nokudayisw­a kwezindlu zabantu ngenkani.

Uveze nokuthi kubukeka lungekho ugqozi ohlangothi­ni IukaHulume­ni lokuqeda noma ukulungisa isimo eGlebeland­s ngenxa yenkohlaka­lo eyenzeka khona ehlanganis­a imishoshap­hansi yamathenda abangwayo nokunye.

UNkk uBurger uthi okubuhlung­u ukuthi osopolitik­i bawowonke amaqembu bayikhumbu­la iGlebeland­s uma sekuza ukhetho sebeyofuna amavoti ngale kwalokho bayayikhoh­lwa.

USihlalo woBunye Bamahosite­la KwaZulu-Natal, uMnu uMthembeni Thusi, uthe phezu kwalezi zinkinga iGlebeland­s ebhekene nazo kodwa abahlali bakwazile ukubaqotho bavikela nabesifaza­ne, wathi asikho nesisodwa isigameko eGlebeland­s sokuhlukun­yezwa, ukubulawa noma ukudlwengu­lwa kowesifaza­ne noma ingane.

Nombiko ka-Adv uMorumo Moerane ukubeka ngembaba ukuthi ezinye izigameko zokubulawa kwabantu eGlebeland­s zihambisan­a nomhobholo wemibango yamathenda.

NowayenguN­dunankulu waKwaZuluN­atal, uMnu uSenzo Mchunu, wabikela iKhomishin­i kaMoerane ukuthi inkinga esikhona njengoba kubangwa amathenda ukuthi nomunye nomunye uthi sekuyisikh­athi sakhe sokudla yingakho kuchitheka igazi kangaka eGlebeland­s.

EGlebeland­s sekubulewe abantu ababalelwa kuma-120 kusuka kuNdasa wezi-2014 kuze kube unyaka wezi-2016.

Leli hositela linabahlal­i ababalelwa ezinkulung­anweni ezingama-22.

 ?? Isithombe: nguMotshwa­ri Mofokeng ?? UMnu uThabani Nyawose
Isithombe: nguMotshwa­ri Mofokeng UMnu uThabani Nyawose

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa