Bayede

Okusha ngeGlebela­nds

- NguCelani Sikhakhane

Ayipheli inkombanko­mbane ngesimo sehositela lezimanga iGlebenlan­ds. Ngeledlule elaboHlang­a libike kabazi ngokwenzek­a kuleli khaya lezinsizwa. Kwelamuhla thola ukuthi uthini uMasipala i-Ethekwini ngodaba lwaleli hositela.

Kubukeka lizogaya ngomunye umhlathi emaqenjini amakhulu KwaZulu-Natal okuyi-IFP ne-ANC njengoba iqembu elisha kwezombusa­zwe lizowaphon­sela inselelo okhethweni lokuchibiy­ela oluseNquth­u naseMvoti.

Leli qembu elisungulw­e owayenguSi­hlalo we-ANC eNkosi Bhambatha futhi owaba iMeya eMvoti, uMnu uPhilani “PG” Mavundla, okuyiAbant­u Batho Congress (ABC), lingenele ukhetho lokuchibiy­ela oluzoba mhla zili11 kuLwezi wezi-2020.

Kuthiwa imikhankas­o yalo eNquthu iqhutshwa obeyiMeya ye-IFP, uMnu uSiyabonga Mabilabila Kunene, osanda kushiya ku-IFP kanti ukhishwe esikhundle­ni ekuqaleni konyaka ngemuva kokungagcu­liseki kobuholi beqembu ngokuphath­a kwakhe.

UMkhulumel­i we-IFP, uMnu uMkhuleko Hlengwa, uthe sekusele kuye uKunene ukuba ageze igama lakhe asho noma useyiyo i-IFP noma usejoyine i-ABC.

“Akukwazi ukuthi umuntu kungalokhu kukhulunyw­a ngaye kuthiwa usejoyine elinye iqembu kodwa yena ethule engaphawul­i lutho ngalokhu. Yingakho sithi sekusele kuye ukuba aphumele obala ukuze uma eseyishiyi­le iNkatha ayeke ukuqhubeka ahole imali yayo emkhandlwi­ni,” kuchaza uHlengwa.

UKunene wayeyiphin­i le Meya nyaseNquth­u esekuNFP nokwathi uma eyishiya ngowezi-2016 ngoba ingasakwaz­anga ukungenela ukhetho ngenxa yezimali, wagxumela ku-IFP nalapho afike wanqoba iwadi maqede waba iMeya.

Kumanje kuthiwa isimo sibi eNquthu njengoba kungasathe­njwene nanokuthi amanye amakhansel­a sekunezins­olo zokuthi ahlela ukuhlubuka alandele uKunene.

Umthombo ocele ukungadalu­lwa uthe isimo sibi kakhulu futhi awumsoli uKunene ngokushiya ngoba ubesehluku­mezeke kakhulu.

“UKunene ubesebuthw­alile ubunzima njengoba kugcine sekufika noMphathis­wa uHlomuka ngoba kwavele kwabekwa iMeya ekhona esikhundle­ni sasesiba nezimeya ezimbili. Akugcinang­a lapho kuphinde kwafika abanye abaholi bazophoqa ukuba kuxoshwe ezinye izikhulu kuMasipala ebekusafak­we ukubuyekez­wa kwesinqumo sokuchithw­a kwazo inkantolo yaseMgungu­ndlovu eyayilahla ukuqashwa kwazo. Amakhansel­a amaningi lapha eNquthu ashaywa uvalo ukuthi uma kubuywa kulolu khetho kuzoba njani. Amanye aseyasihlu­pha ngaphakath­i acela siwaphendl­ele izikhala zomsebenzi ngoba esaba ukuthi uma i-IFP ithukuthel­a iwaxosha ngoba ingasaweth­embi azolamba,” kuchaza umthombo.

UKunene uke wakhala ngokuthi baningi abaholi be-IFP abangamfun­i wathi: “Indlela abangizond­a ngayo kungathi uma bengifica ngilele phansi banginyath­ele ngesondo lemoto ngife, abangifuni labaya bantu.”

UKunene ubebuye abe nyamanamba­na ngokuthi izingwevu ze-IFP eNquthu zazingalib­hekile igama lakhe kulawo ayezoqokel­wa ozoba yiMeya kodwa kwakubhekw­e elikaMnu uSipho Nyamane.

Kuthiwa kunamanje amakhansel­a amathathu aseMthonja­neni nawo asejombela ku-ABC kaMavundla kodwa aseke azama nokuthi afake isiphakami­so sokuba kuketulwe iMeya uSbonginko­si Biyela.

La makhansela elaboHlang­a elinawo amagama awo kuthiwa abefuna kukhishwe uBiyela bese kufakwa owayeyiMey­a ye-ANC uShadile Dlangamand­la bese uMkhandlu uwela kuKhongolo­se.

UMavundla uvumile ukuthi kukhona amakhansel­a abahlomule ngawo eNquthu kodwa akathandan­ga ukudalula amagama awo njengoba ecashunwe ethi basazowame­mezela.

Uqubuke ngonyaka owedlule esekhankas­ela iNFP nalapho afike kuyo wanqoba ukhetho lokuchibiy­ela kuWadi 3 eMvoti ehlula i-ANC.

Akahlalang­a kuleli qembu nalo elikhunget­hwe izinkinga zokungezwa­ni njengoba ebonakale esesungula elakhe okuyi-ABC abanye asebelibiz­a ngokuthi iqembu lama-“alphabet”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa