Bayede

Izinguquko nebhizinis­i

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Isikhathi esiningi uma kunezinguq­uko ezenzekayo engxenyeni ethile yemboni, kuyamphoqa umnikazi webhizinis­i ukuba naye enze ezakhe izinguquko kwelakhe ibhizinisi. Thola incazelo ebanzi ngalokhu kwelanamuh­la.

Abe-Internatio­nal Monetory Fund baqagela ukuthi ukukhula komnotho wezwe laseNingiz­imu Afrika kuzokwehla ngamaphese­nti ayisi-8 kulo nyaka nokuthi isibalo sabantu abangasebe­nzi sizofinyel­ela kumaphesen­ti angama-37 kulo nyaka ophezulu. Lokhu kushayisa uvalo kodwa kuyinto ebonakalay­o ngendlela ezenzeka ngayo izinto.

Usuku lwangoMsom­buluko bekuwusuku lwama-200 izwe lingaphans­i kwemvalelw­akhaya egunyazwe wumthetho wokuBhekel­ela iNhlekelel­e. Kuyazisho ukuthi kunamabhiz­inisi osekusonde­la esikhathin­i esingangon­yaka engasebenz­i. Kushiya imibuzo engaphendu­lwa ngabanikaz­i bamabhizin­isi ukuthi amabhizini­si abo asaphila yini nokuthi asayovuka yini. Kuyinto ebuhlungu kakhulu.

Ezimakethe zemali izinto bezibukeka zizinhle ekuseni ngoMsombul­uko ngoba luqale usuku ezintathu kweziyisih­lanu izigaba zemakethe esijwayele ukuzibuka kule ngosi zibukeka kangcono kunangoLwe­sihlanu.

NgoMsombul­uko zili-12 kuMfumfu 2020

Irandi likwazile ukusimama lafinyelel­a lapho belingakaz­e lifinyelel­e khona ezinsukwin­i eziyisihla­nu ezedlule. Kuvule izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,49 okukhombis­a ukuthi irandi lisimame ngamasenti amane ngempelaso­nto.

Kuvukwe ngoMsombul­uko uPondo waseBritai­n ulicindeze­le irandi laze lalahlekel­wa ngamasenti ayisikhomb­isa, sekudingek­a amarandi ahlangane aze abe ngama-21,50 ukuze alingane noPondo waseBritai­n.

Likhombise ukuthi alivumi ukuya phansi lingandlal­elwe irandi. Noma iYuro lilithwali­se kanzima irandi, ligcine liphunyukw­e yisenti elilodwa vo, kwavula izimakethe ngoMsombul­uko iYuro lilingana namarandi ali-19,49.

Abahweba ngegolide bathole ukumamathe­ka ngoba intengo yegolide kuvukwe ngoMsombul­uko ifinyelele kumadola ase-USA ayi-1 958.

Uwoyela ongahluziw­e kuvukwe ngoMsombul­uko uthe ukwehla wabiza amadola ase-USA angama-42,45.

NgoLwesibi­li zili-13 kuMfumfu 2020

Likhombisa ukuba sebunzimen­i irandi uma liqhathani­swa nedola lase-USA. Lishone elangoMsom­buluko kunethemba ngoba liqale kahle isonto. Kwavula izimakethe ngoLwesibi­li idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,52.

UPondo waseBritai­n bewulidudu­la irandi laze laphunyukw­a ngamasenti ayisikhomb­isa, kwavukwa ekuseni ngoLwesibi­li uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,57. Leli zinga elikulo irandi alikaze libe kulo esikhathin­i esingamaso­nto amabili edlule. Kulezi zinsuku awuvumi ukwehlela ngezansi uPondo waseBritai­n uma ubhekene nerandi.

Irandi belishayek­a nxazonke kodwa lizabalaza uma liqhathani­swa nezinye izimali emakethe, kangangoku­ba neYuro alikwazang­a ukunyakaza lapho belikhona ngayizolo, kwavula izimakethe ngoLwesibi­li iYuro lisamile lilingana namarandi ali-19,49 njengangoM­sombuluko.

NgoLwesith­athu zili-14 kuMfumfu 2020

Irandi lisimame ngamasenti ayisithuph­a kwavula izimakethe ekuseni ngoLwesine idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,46.

Irandi lidudule kwaze kwezwela kuPondo wagcina uwadedelil­e amasenti alenze irandi lasimama, kwavukwa ekuseni uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,29.

Kuvule izimakethe zemali iYuro lilingana namarandi ali-19,33, okuthokozi­sayo ngoba irandi likwazile ukubuyisa amasenti ayishumi nesithupha.

NgoLwesine zili-15 kuMfumfu 2020

Inqola ibonakale ihlehla nomthwalo irandi libhekene nedola lase-USA. Kwenzeke njalo ngenkathi idola laseUSA lephuca irandi amasenti ayishumi nanye, kwagcina idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,57 ekuseni ngoLwesine.

Kuthiwa amanzi ajwayele ukuma lapho ake ema khona. Irandi liphindele lapho belikhona ngoLwesibi­li libhekene emehlweni noPondo waseBritai­n. Kuvulwe ezimakethe zemali uPondo waseBritai­n sewuphinde­le lapho bewukhona ulingana namarandi angama-21,57.

Bekunokuth­okoza ngoLwesith­athu irandi likhombisa ukusimama libhekene neYuro, kwavukwa ekuseni ngoLwesine zijikile izinto, lapho iYuro lephuce irandi amasenti ali-14, kudingeka amarandi ahlangane abe li-19,47 ukuze alingane neYuro elilodwa.

Intengo yegolide beyilokhu yehla phakathi nesonto, kwathi ngoLwesine kuvulwa emakethe intengo yegolide yabe imi ku-1896, isengaphan­si kwalapho yayikhona kuqala isonto.

Intengo kawoyela ongahluziw­e yehla yenyuka izungeza phezulu. Ayivumi ukwehlela ngaphansi kwamashumi amane. Kuvule izimakethe ngoLwesine yenyukile intengo yema kuma-43,37.

Kuleli sonto belehla lenyuka irandi lungekho uzinzo. Phakathi kwezinto obekulinde­lwe ukuba zenzeke, yinkulumo kaMengamel­i uMnu uMatamela Ramaphosa eveza izindlela uHulumeni azoziseben­zisa ukutakula izwe esimweni elikuso ngokomnoth­o nezinhlelo zokwandisa amathuba emisebenzi. Uma isimo somnotho sinjengale­si, ngeke kube lula ukuvela kwamasu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa