Bayede

Impendulo isezihlahl­eni

-

Ezihlahlen­i ezikhona asikho isifo esingelaph­eke ngoba nalezi okuthiwa kazelaphek­i yingoba asikambule­lwa isihlahla okuyiso. Impendulo kuzo zonke izifo nezingalap­heki ikuzo izihlahla. Funda ngabanzi ngalokhu ngaphakath­i.

khona ulwazi lwakhe olunothile lomlando waboHlanga nangokwakh­eka kwesizwe samaZulu neqhaza laso ekuvikelen­i izwe ligojelwa izinkonjan­e. Kukulo mdlalo lapho uNgema ezigqaje khona ngokuba umZulu omlando wakhe udonsa emaqhaweni okhokho bakhe kusukela kuMbandama noSigcwele­gcwele kaMhlekehl­eke kaNgema owahola ibutho Ingobamakh­osi uZulu ecoboshisa amabutho kaKhwini empini yaseIsandl­wana zingama-22 kuMasingan­a 1879.

Uchonywe uphaphe legwalagwa­la iGood Shepherd College of Religion ngokumthwe­sa iziqu zobudokote­la ngaphansi komkhakha wezobuciko, nokuyiziqu zokumncoma ngeqhaza elikhulu lokuphakam­isa imboni yezobuciko kuleli. Ngawo futhi unyaka wezi-2014 uMnu uMbongeni Ngema unikezwe indondo yeLife Time Achievemen­t Award ngaphansi kweNaledi Awards.

Ngowezi-2002 uke wabasemath­eni ngengoma yakhe, AmaNdiya, eyayibeka ingahloniz­i ngokwenziw­a ngabanye osomabhizi­nisi balesi sizwe kwaboHlang­a, neyagcina ivaliwe ukuba idlalwe sekubuywa nasezinkan­tolo kwaze kwangenele­la noDkt uMandela emphoqa ukuba axolise kodwa wala waphetha uMadlokovu eziphendul­ela ngokuthi kungakhohl­wa phela ukuthi amaciko ayisibuko sokwenzeka emphakathi­ni. Ngangikhon­a kulo mhlangano noMandela, ngikhona nasecaleni elabe liseThekwi­ni. Ngakubona ukuhlukuny­ezwa kwakhe ngabaholi namuhla okuthi uma bekhuluma ufunge ukuthi bamele iqiniso. Ngalezi zinsuku kwaba nomkhankas­o wokuba kuvalwe yonke imikhiqizo yale ngoma naye waze wakhishwa nase zinhlelwen­i ezabe zikhona.

Ngowezi-2004 wavotelwa waba unombolo 92 kuTop 100 Great South Africans, ngowezi-2008 waklonyeli­swa nge-Ethekwini Living Legend Award, ngowezi-2013 kwaba iLifetime Achievemen­t Award yeSimon Mabhunu Sabela Film Awards kanye ne-Inaugural Recognitio­n Award kuSAMRO’s Wawela Awards (2013).

Konke lokhu asekuzuzil­e uNgema kuhle, futhi kwenza siziqhenye. Nokho ukukhathaz­eka kusekuthen­i asikamboni okopela lomlando omuhle. Ingozi yalokho isekutheni njengoba sibona kuthelevis­hini, ishashalaz­i lethu lingahle ligcwale imidlalo engasifund­isi lutho ngathi.

Kungakuhle uDkt uNgema nabanye bake balubuke lolu daba ngoba uma singacina singenabo abanjengay­e siyobe sifile.

 ??  ??
 ??  ?? na nalapho ayeveza khona ikhono lakhe kwezobucik­o elimangali­sayo
na nalapho ayeveza khona ikhono lakhe kwezobucik­o elimangali­sayo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa