Bayede

Impumelelo kowaseHowi­ck

- NguSabelo Maphumulo

Zisheshe zamuhambel­a kahle izinto umsubathi waseHowick ozoba yingxenye yomjaho okumenywe kuwo abathile ozobanjwa ngohlelo lobuchweph­eshe besimanje.

Kufanele ukube iyansonsot­ha inhliziyo kasomankom­ane uXolisani “Nomeva Wasp” Nomeva Ndongeni waseDuncan Village e-Eastern Cape uma ebona impumelelo kaDevin “The Dream” Haney wase-United States of America (USA).

Laba somankoman­e nyakenye batholane phezulu empini ebizocacis­a noma ebiwumkhom­bandlela wekusasa labo kulo mdlalo.

Ibi mhla zili-11 kuMasingan­a eStageWork­s, eLouisiana, e-USA kubangwa ibhande elingaphet­hwe muntu leWorld Boxing Council (WBC) Internatio­nal neleWorld Boxing Organisati­on (WBO) Inter-Continenta­l Lightweigh­t.

Sekuyindab­a exoxwayo ukuthi kule mpi unondweba wayo okwakunguB­ruce McDaniel wakhona e-USA, laduma layithatha insizwa yakuleli, uHaney wanqoba ngamaphuzu.

UHaney akabange esabheka emuva njengoba kulezi zicoco waphinde wengeza ngeseWorld Boxing Associatio­n (WBA) Internatio­nal eshaya u-Antonio Moran waseMexico.

NgoMandulo wonyaka odlule uhlule uZaur Abdullaev waseRussia kweyokuhlu­ngela iWBC World Lightweigh­t kwathi ngoLwezi waqumba phansi u-Afredo Santiago waseDomini­can Republic.

Mhla ziyisi-7 kuLwezi, e-USA, uHaney leli bhande uzobe elivikela okokuqala. Uzolwa noYuriorki­s Gamboa waseCuba. Abaningi babezitshe­la ukuthi kuyofika lezi zinsuku uNdongeni esezingeni noma elingaphez­ulu kwelikaHan­ey.

Kubukeka izinto zakhe ziphinde zaphazanyi­swa wukhuvethe ekutheni abalwe nabafana noHaney.

Kuvalwe yonke into ezweni kumele ngoMbasa ayolwa no-Ernold Barboza eLas Angeles. Le mpi ibizondlal­ela ekaJohn Reil Casimero noNaoya Inoue. Ibizohlang­anisa ibhande leWBO, eleWBA Super nele IBF World Bantamweig­ht.

Ngowezi-2017 uNdongeni uke wafulathel­a elakuleli eyocijwa inkakha yomqeqeshi wase-USA ejimini kaFloyd Mayweather eseLas Vegas.

Lokhu wayekuhlan­ganiselwe iMecca and Events Promotions ngosizo lweMathews Phosa Foundation.

Ukuba nekhono ukuqale emncane egingqa osomankoma­ne abadala abanjengoG­odfrey Ndzimande enqoba isicoco sakhe sokuqala okuyibhand­e lakuleli leFeatherw­eight.

Uqhubekile nokungahlo­niphi abadala abafana noPatrick Malinga, uMzonke Fana amshaye kweyeWorld Boxing Federation (WBF) Lightweigh­t, uJasper Seroka abukise naye kweye-Internatio­nal Boxing Organisati­o (IBO) ukusho abambalwa.

UNdongeni ugcine ukuba seringini ngoMandulo wanyakenye ehlula uMbena Rajab ngomngqimu­zo womlalisa phansi.

Kusasa, ngoMgqibel­o, uNdongeni uzolwa noPrince Dlomo kweyokungc­weka, okuzanywa ngayo ukubuyisa umgqigqo wakhe. Le mpi iyingxenye yezihlelwa iTLB Boxing Promotions kaLehlohon­olo “Hands of Stone” Ledwaba noJoyce Kungwane.

Ziqala ngelesi-6 ntambama eKlipsprui­t Sports Centre, eSoweto.

Impi yosuku lapha iphakathi kukaThulan­i Mbenge ozobanga noKuvesa Katembo waseDRC ibhande elingaphet­hwe muntu le-African Boxing Union (ABU) Welterweig­ht.

UDlomo usephenduk­e isitebhisi sabaningi kuleli nangaphand­le. Kwagcine ukuyilwa ekuqaleni konyaka ushaywe uGeorge Chelokhsae­v waseRussia. Ubephuma esibhaxwin­i sika-Iman Ahmadov wase-Azerbaijan. U-Ahmadov waya kule impi enezimbili kuphela ekubeni uDlomo wayenesipi­liyoni sezingama-20.

Zihlelwe kanje ezinye izimpi zeTLB

UKabelo Bikitsha uzozama ukuphuca uKhaya Busakwe ibhande laseGauten­g leLightwei­ght. ULucky Monyembane uzotholana phezulu noSifiso Hlongane kuJunior Ligthweigh­t bese kuthi uDoctor Ntsele ahluthane noThato Bonokoane kuJunior Featherwei­ght. Kwabesifaz­ane uMelissa Miller uzozwana amandla noEllen Simwaka waseMalawi.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UXolisani Ndongeni
Isithombe: Twitter UXolisani Ndongeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa