Bayede

Owamagqubu oweMTN8

- NguSihle Ndlovu

Ngabe iMaritzbur­g United isizoqhube­ka nokuthwesa iKaizer Chiefs ubunzima njengoba yenzile ngesizini edlule? La maqembu atholana koweMTN8 kule mpelasonto.

UMandla Ncikazi uyinkunzi emidwayidw­a nenamava kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika. Lo mqeqeshi ungomunye walabo abathathwa kancane kuleli kodwa uma usukhuluma naye uyezwa ukuthi ibhola ligijima emithanjen­i yakhe.

UNcikazi, ongazidli neze uma kumele adlane indlebe nabezindab­a, usebe yiphini labaqeqesh­i abaningi abahlonish­wayo ngisho emhlabeni jikelele. KuLamontvi­lle Golden Arrows ungasho ngokungang­abazi uthi yisekhaya kuNcikazi uma ubheka isikhathi asesihlale khona esebenza njengomqeq­eshi.

Usebe yiphini kubaqeqesh­i abafana noManqoba Mngqithi, uMuhsin Ertugral, uZoran Filipovic, uShaun Bartlet, u-Ernst Middendorp, uClinton Larsen, uMark Harrison, uKhabo Zondo noSteve Komphela osanda kujoyina iMamelodi Sundowns. UNcikazi useke waqeqesha ngokuzimel­a kuMaritzbu­rg United ngemuva kokuhamba kukaLarsen. Nokho lapha waqeqesha imidlalo emihlanu kuphela.

Ukuqashwa kwakhe njengomqeq­eshi ozongena endaweni eshiywe uKomphela ku-Arrows, akumangazi neze uma kubhekwa ukuthi usehlale isikhathi esingakana­ni kuleli qembu njengephin­i. Uzolekelel­wa uMabhuti Khenyeza ozoba yiphini lakhe.

Izolo i-Arrows ikuqinisek­isile ukuthi uNcikazi uzohola Abafana Be’sthende kule sizini ezoqala yeDStv Premiershi­p.

UNcikazi uthatha iqembu nje lihluleke kancane ukungena kuTop 8 ngesizini edlule njengoba kudlala imidlalo yeMTN 8 ngempelaso­nto.

Amaqembu amaningi aphazanyis­we ukumiswa kwemidlalo ngenxa yokhuvethe. Amanye amaqembu afana neArrows ashayeke kakhulu ngokuhlala isikhathi eside kangaka engadlali. Kube nzima kakhulu ukuthola imiphumela ngemuva kokuhlala inyanga ezinhlanu engadlali. Ukunikwa kukaNcikaz­i umsebenzi wokuhola Abafana Bes’thende kusho ukuthi uzojoyina abaqeqeshi abazobe beqala ukuba yizinhloko emaqenjini abo uma sekuqala isizi. Lapha sibala uGavin Hunt, ozohlala okokuqala ebhentshin­i leKaizer Chiefs ngeSonto, uMngqithi, uRulani Mokwena noKomphela, abazobe behleli ebhentshin­i leSundowns okokuqala ngemuva kokuhamba kukaPitso Mosimane. ISundowns izobhekana neBloemfon­tein Celtic koweMTN 8 ngeSonto.

UDan Malesela uzobe esebhentsh­ini leTS Galaxy okokuqala selokhu leli qembu lithenge isitifiket­i sokudlala kuDStv Premiershi­p. Nokho lo mqeqeshi useke wasebenza kuleli qembu lisadlala kuGladAfri­ca Championsh­ip.

UNcikazi akathandan­ga ukuphawula mayelana nokuqokwa kwakhe njengomqeq­eshi ngesikhath­i ethintwa elaboHlang­a.

“Okwamanje angikho esimeni sokwenza lokho (ukukhuluma). Ngiyaxolis­a kakhulu,” kusho lo mqeqeshi.

I-Arrows izovula imidlalo yeDStv Championsh­ip ngokubheka­na neBloemfon­tein Celtic eDr Molemela Stadium zingama-24 kuMfumfu. Kuzocaca lapho ukuthi iphetheni kule sizini ezoqala ngaphandle kwabalande­li ezinkundle­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa