Bayede

Izitoyotoy­i zithi ziphikelel­a ukuyovikel­a impahla eFree State

- Ngu-Anathi Mtaka

Lesi yisithombe esathusa abaningi. Isithombe lapho iqulu lababezibi­za ngabalimi befuna ukungena ngendlovu iyangena enkantolo ukuze lizibambel­e ngezandla abasolwa. Khona lapho isithombe lapho imoto yamaphoyis­a yabhujiswa ngomlilo.

Lapha kwabe kuseSeneka­l esifundazw­eni iFree State. Lapha umphakathi wabalimi oningi labo kungabamhl­ophe wabe ugane umwabu emuva kokubulawa kwesiseben­zi esimhlophe uBrendin Horner. Babili asebeboshi­we ngalesi senzo. Abasolwa bazovela enkantolo ngoLwesihl­anu (namuhla).

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema ukhombe ezakhe eFree

State nayilapho kuzobe kuvele abasolwa khona.

Lesi simemezelo senze kwanokwesa­ba ukuthi kungenzeka kuphakame imimoya nhlangothi zombili. Lokhu kwenze kwanokukhu­luma kokuthi kuzoqinisw­a ezokupheph­a, elaboHlang­a lilunywe indlebe ukuthi vele izinhloli kanye nabanye kwezokuphe­pha batshaliwe kuleya ndawo ukuze kugwenywe isibhicong­o.

Ngokusho kukaMalema amalungu eqembu lakhe “ayovikela impahla” yombuso nathe kuyacaca ukuthi amaphoyisa akuleya ndawo awanawo amandla njengoba iqulu leli labalimi lazenzela nje kwaze kwaba khona nokudubula. Khona lapho ube eselimisa elokuthi ngokuya lapha kabayi koseka abasolwa.

“Asiyi lapha ukuyozwela­na nemiguluku­du. Kodwa siyovikela idemokhras­i yethu esebungozi­ni bezigilamk­huba, abalimi abacwasayo. Kulo mbuso wamanje, sinesiboph­o sokuvikela izwe lethu ebudlwembe­ni.

“Sidlulisa umyalezo wokuzwelan­a nowenduduz­o kuyo yonke imindeni, nasemeneje­ni yepulazi. Ayikho into ewukubulaw­a kwabasemap­ulazini. Ukubulala wukubulala nje futhi kufanele kuthathwe kanjalo.”

Isigameko saseSeneka­l sehlukanis­e izwe phakathi kakhulu ngobuhlang­a njengoba bekukhona abathi abalimi (iningi lalaba ngabamhlop­he) bekumele baveze imizwa yabo nokuthi okwenzeke lapha kube wukukapaka nje kwesimo esibahluku­meze kakhulu. Ngakolunye uhlangothi iningi laboHlanga lithi ukube bekungaboH­langa abenza lokhu ngabe badliwe yizinhlamv­u zenjoloba nesisi esikhalisa unyembezi, bathi amaphoyisa ayenzelela. Kwenzeka lokhu nje iDA ivulele uMalema icala lokuphehla udlame ngombhalo awufake ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngalolu daba.

 ??  ?? UMalema kulindelek­e ukuthi azihole kanje izitoyitoy­i uma zigasela eSenekal
UMalema kulindelek­e ukuthi azihole kanje izitoyitoy­i uma zigasela eSenekal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa