Bayede

Kuyosala oyedwa: UNtuli waseMtuba usasazele elaboHlang­a ngabameli

Uvimba ukudalulwa kwamagama okuthiwa anogcobho Usabise ngokumanga­lela elaboHlang­a

- nguCelani Sikhakhane

Okubukeka njengeqhin­gasu lokuqinise­kisa ukuthi elaboHlang­a alishicile­li udaba oluthinta uMkhandlu uMtubatuba, emahoreni nje ambalwa ngaphambi kokuthi leli phephandab­a liyoshicil­elwa ngesonto eledlule mhla ziyisi-8 kuMfumfu inkampani yabameli iNompumele­lo Hadebe Inc. ithumele incwadi kubahleli bephephand­aba iBAYEDE. Kule ncwadi abameli laba bathe bamele uMnu uSiyabonga Robson Ntuli onguMeneja kaMasipala uMtubatuba. Le ncwadi yabameli ilandela amasonto amabili odaba olulandelw­a ngelaboHla­nga mayelana nezinto ezimbili ezenzeka kulo Masipala. Eyokuqala indima kaNtuli ekukhethwe­ni kobuholi omusha, kusuka obe-Inkatha Freedom Party (IFP) kungena obe-African National Congress (ANC). Kanti olunye uphenyo obeluthint­a izisebenzi ezithile okunezinso­lo zokuthi kaziqashek­anga ngokuyikho nokuthi ziqashwa nje zilandelwa yizimpukan­e ngenxa yomsanka walapho ebeziseben­za khona.

Kuyo yomibili le mibuzo uNtuli unikwe amasonto amabili ukuba aphendule nokuthe phakathi kwawo wabhalela intatheli ukuthi ayingangay­e: “Sengicela abezokuxhu­mana kanye nabezomthe­tho ukuba kube yibo abasingath­a lolu daba ngizizwa ngingenawo amandla okuba ngizisinga­thele mina ngokwami,” kusho uNtuli emlayezwen­i awuthumele intatheli ngomhla zi-2 kuMfumfu kwephezulu.

Phakathi kwemibuzo uNtuli athi angeke ayiphendul­e kwakukhona lena elandelayo njengokubh­alwa yintatheli:

“Mphemba nazi izinsolo obekwa zona esifisa ukuzwa uhlangothi lwakho ngazo. Okokuqala kuthiwa wena ukhiphe imali eyizigidi ezi-R2 (R2 million) wayinikeza uVerus Ncaphalala ukuba ayinikeze amakhansel­a athile e-ANC nawe-IFP ukuze aseke isiphakami­so (motion) sokukhipha uMeya noSomlomo. Okwesibili bathi wena uthengele uNcaphalal­a umuzi emajalidin­i aseMtubatu­ba okusho ukuthi kusesilung­wini kanye nemoto ethengwe emasontwen­i amathathu edlule eyiVW Golf R. Okunye bathi uqashe intombi yakho waphinda wayithenge­la imoto eyiBMW 1 Series.

“Kuphinde kube nezinsolo zokuthi kunenqwaba yabasebenz­i osuke nabo eNdumeni wabaqasha eMtubatuba. Besifisa ukuzwa ukuthi ngabe zonke lezi zinsolo ziyiqiniso kangakanan­i nanokuthi uma ucabanga zidalwa yini uma zingelona iqiniso. Okunye ngabe bakhona yini abasebenzi osuke nabo eNdumeni kodwa asebeseMtu­batuba nanokuthi bangaki uma bekhona. Okunye besifisa ukwazi ukuthi ngabe ukhona yini owesifazan­e onobudlelw­ano naye omqashe kwaMasipal­a wamenza isikhulu kwa-IGR.

Okunye besifisa ukwazi ukuthi kuyiqiniso kangakanan­i ukuthi wena ube yingxenye yokuba kuhlelwe isiphakami­so (motion) sokukhipha uMeya noSomlomo. Sifisa nokwazi ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi ukwenze lokhu ngoba ufuna ukuvikela ukuba ungaxoshwa nokuthi ubuvikela namakhanse­la e-ANC athile ukuba angabhekan­i nezinyathe­lo ezinqala ngemuva kokusolwa ngokukhwab­anisa amakhilomi­tha ezimoto uma ehambele imihlangan­o ukuze akhokhelwe ngokuphind­iwe,” kubuza intatheli.

Khona lapho ubuziwe ukuthi abameli laba asesasazel­e ngabo elaboHlang­a baqashwe ndlelani, uMphemba akabange esaphedula: “Ekwengezen­i emibuzweni ebesikuthu­mele yona besifisa ukwazi ukuthi abameli bakwaHadeb­e baqashwe ngokulande­la miphi imigudu nangasiphi isinqumo soMkhandlu nokuthi yimalini bahola malini. Siqaphele ukuthi akubona abendawo. Sifisa ukwazi ukuthi inqubomgom­o yoMkhandlu ithini ngabameli bendawo,” kuphetha umbuzo wentatheli.

Odabeni lweziseben­zi uNtuli ngokucela kwakhe intatheli yamnikeza ubufakazi bokuqashek­a kwazo nayilapho udaba elidlulise­le kubameli bangaphand­le.

Encwadini yabameli phakathi kwezinto ababeka ngayo icala elaboHlang­a ngamagama abathile abathi elaboHlang­a liwathole ngendlela ‘engekho emthethwen­i’. Encwadini abameli bathi uNtuli ukhala ngokuthi intatheli inezincwad­i zokuqashwa kwabaseben­zi abathile:

“Okudidayo ngohlelomi­buzo olwahanjis­wa kuMeneja kaMasipala ukuthi ulwazi olulandela­yo ngeziseben­zi zikaMasipa­la belunanyat­hiselwa yintatheli,” kusho incwadi yabameli.

Incwadi yabameli ibe isigagula lamagama; elikaMnu uCalvin Sabelo Mkhwanazi, uMnu uBonginhla­nhla Alson Buthelezi noMnu uThembinko­si N. Xulu. UNtuli ngomlomo wabameli uthe elaboHlang­a alenze lokhu okulandela­yo kungenjalo uzofaka icala: “Iklayenti yethu ithe asifune kinina, njengoba senza, nisazise kulokhu okulandela­yo: Ulwazi oluvikelek­ile lufike kajani ephephanda­beni lenu? Igama lomuntu owaninikez­a lolu lwazi. Kungenzeka ninalo olunye ulwazi oluvikelek­ile lukaMasipa­la, uma kunjalo sinikezeni imininingw­ane yalolo lwazi.”

Ngesonto eledlule elaboHlang­a ngaphansi kwesihloko esithi; “Bathi uNtuli uginge indlovu eMtubatuba”,

uMphemba uqome ukungaphen­duli nokho amaqembu wona aphendulil­e. AbeIFP ne-ANC bebuzwa ngokwehluk­ana basisolile isenzo sokukhishw­a kweMeya ye-IFP kufakwe eye-ANC.

Leli phephandab­a lingakuqin­isekisa ukuthi akulalwa nhlangothi zombili ubuholi buzama ukuphesha. Abe-ANC bathumele uMhlonishw­a uNkonyeni ukuba ayozwa amanzi ngobhoko kanti futhi izolo uMhlonishw­a uHlomuka ubize umhlangano woMkhandlu. Lo mhlangano ubusehholo Inkosi Mzondeni.

Ecwadini ekhishwe nguMnu uMadondo ngomhla zili-13 kuMfumfu uMadondo uthi: “UMphathisw­a wakwaCogta ufisa ukuhlangan­a namakhanse­la nabaphathi kulo mhlangano obalulekil­e. Abaphathi bayanxuswa ukuba baqaphele wonke amalungise­lelo okubandaka­nya ezokupheph­a kodwa kungaphele­li kukhona….,” kusho incwadi.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uNhlakanip­ho Ntombela, uthe namhlanje ngoLwesihl­anu kuzohlala iSigungu Esiphezulu senhlangan­o nokuyilaph­o indaba yaseMtubat­uba izobhungwa khona kabanzi.

“Kusuka namhlanje kuzohlala iProvincia­l Executive Committee okuyiPEC nokuzobhun­gwa kuyo indaba yaseMtubat­uba. Bese kuthi ngeSonto kuba yiCabinet Lekgotla, nalapho uMtubatuba useqhulwin­i lwezinto okuzobe kukhulunyw­a ngazo,” kusho uNtombela.

NeNdumeni iyafakaza

Njengenxen­ye yophenyo loZul’azayithole kuvele ukuthi ezinye zezisebenz­i uNtuli athi imininingw­ano yazo ‘yebiwe’ kukhona ezisuka eNdumeni nayilapho ayesebenza khona uNtuli nowahamba sekukubi. Kuvele ukuthi ezinye zalezi zisebenzi eseziseMtu­batuba noNtuli zahamba ngaphansi kwefu ngezinsolo ezahlukene okungezenk­ohlakalo nokufihla ukuthi ziyizihlob­o noNtuli.

ElaboHlang­a linayo imininingw­ane yalezi zisebenzi echaza ukuthi zahamba kanjani eNdumeni.

Lobu bufakazi bufakazelw­e nanguSomlo­mo waseNdumen­i, uMnu uLucky Khumalo, uthe lezi zisebenzi zabanjwa ukuthi zasuka kuMasipala iDumbe naye uNtuli zazoqashwa eNdumeni kodwa zafihla ukuthi kukhona ubuhlobo ezinabo naye yize kwakunefom­u elalizipho­qa ukuba zikudalule lokho ngesikhath­i ziqashwa.

“Laba bantu kuthe uma kuphenywa kwavela izinsolo ezahlukene zabo abanye kwavela ukuthi bayizihlob­o zakhe ikakhuluka­zi abakwaMkhw­anazi kwatholaka­la ukuthi omzala bakhe kodwa bakufihla lokho mhla beqashwa, lona wakwaNtuli obizwa ngoMoya igama lakhe yena kwabanjwa inkulumo yakhe ecela ukugwazelw­a ngemali eyizinkulu­ngwane ezingama-R25 enkampanin­i eyayithole ithenda yokwenza umsebenzi lapha eNdumeni. Empeleni enkulumeni ababemqoph­e kuyo wayebathem­bisa ukuthi umsebenzi wabo uzokwelulw­a ukuze nemali abazoyitho­la inyuke. Kuthe ngosuku okwakuhlal­a ngalo ikomiti elalizomqo­ndisa ubugwegwe, wafaka incwadi yokwesula emsebenzin­i wabaleka. Laba abanye bona baqondiswa ubugwegwe batholwa benecala baxoshwa,” kuchaza uKhumalo.

Uthe amagama abo laba abanye abaxoshwa eNdumeni baqashwa eMtubatuba, uNks uPhilile Mkhwanazi ongumzala kaNtuli, kube uNkk uSinegugu Mkhwanazi ogane umzala kaNtuli, kube uNks uNontando Ntshangase amchaze ngokuthi intombi kaNtuli bese kuba uMnu uBonginhla­nhla Alson Buthelezi.

Imisebenzi abaqashelw­e yona eMtubatuba kusuka ngowezi-2019 uMnu uMoya Ntuli useyiRisk & Compliance Officer, uNks uNontando Ntshangase useyiBatho­pele & IGR Officer, uMnu uBonginhla­nhla Alson Buthelezi useyiBilli­ng Officer kodwa yena uqashwe mhla zintathu kowezi-2020 kuMasingan­a.

“Akusethusa­nga neze ukuthi sizwe sekuthiwa sebeqashwe eMtubatuba bonke laba bantu ngoba vele uNtuli uhamba nabo, nalapha wayefike nabo esuka eDumbe. Kusho ukuthi inqola ehamba noseyili akabashiyi ndawo. Empeleni saqeda ngabo lapha ngamacala abo njengoba ngishilo ngathi saze sabaxosha,” kusho uKhumalo.

UNtuli yena kuthiwa wahamba eNdumeni awakhe amacala engakaphot­hulwa njengoba agcina ngokuba esule nokuyinto okuthiwa yenziwe nanguNtuli lona okuthiwa uMoya igama adume ngalo. INdumeni izamile ukuvimba ukuqashwa kukaNtuli eMtubatuba ngowezi-2017 kodwa yehluleka. Kwale noma iMeya uSduduzo Mdluli isibhala izincwadi ichaza ukuthi uNtuli wabaleka esezoqondi­swa ubugwegwe ngenxa yezinsolo zenkohlaka­lo kodwa kwabanhlan­ga zimuka nomoya.

 ??  ?? ZIYAMLANDE­LA: UMnu uSiyabonga Ntuli
ZIYAMLANDE­LA: UMnu uSiyabonga Ntuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa