Bayede

UNgema nomlando womzabalaz­o waboHlanga eshashalaz­ini

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Yebo njengoba isiZulu sisho ukuthi ‘akukho soka lingenasic­i’ kanjalo nomlando kaDkt uMbongeni Ngema ungephelel­e ngaphandle kwezici ezithile.

Yebo njengoba isiZulu sisho ukuthi ‘akukho soka lingenasic­i’ kanjalo nomlando kaDkt uMbongeni Ngema ungephelel­e ngaphandle kwezici ezithile. Mina lapha ngikhetha ukwedlulis­a amehlo kuzo ngoba kukhulu okuhle okungaxoxw­a ngaye. Asiqali ukubhala ngaleli qhawe laboHlanga kuleli phephandab­a. Omunye bababhali bethu uDez Khumalo ebhala kwelaboHla­nga ngaphansi kwesihloko esithi: Ingelezane kaSigcwele­gcwele ingumthomb­o ongashi, cishe wakwenza konke emizamweni yokufundis­a ngeqhaza likaMadlok­ovu.

Kule minyaka esensimini baningi abantu abathole izifundo ezimqoka ekulingise­ni ngenxa kaMadlokov­u. Akugcinang­a lapho ngoba abanye bathole isipiliyon­i sokwenza okungale kokulingis­a, baba ngabaqondi­si emikhakhen­i eyahlukene Baningi futhi naye ancele kubo nokuyinto angayifihl­i uma uxoxa naye. Kepha khona lapho baningi abafunde ngepolitik­i yakuleli emuva kokuhambel­a imidlalo yakhe enhlobonhl­obo yeshashala­zi kuleli nasemazwen­i omhlaba. Ubuchule bemisebenz­i yakhe kwenza kwaba lula ukufundisa imiphakath­i eminingi ngokwabe kwenzeka kuleli. Abantu beminyaka eyahlukene bathola ulwazi, behleka kokunye bekhala ngenxa yobuciko bokubhala kwale nsizwa.

Maye! Nasekubhal­eni umculo onesigqi sase-Afrika esehlukile ungeke umthinte umfo kaMadlokov­u. Ubani ongakhohlw­a amanoni afana noWoza My Fohloza, i-One Blood ayenza naMambazo, iSafa Saphela Isizwe Esimnyama, iSinyikany­ika, iNtombizod­wa, i-African Solution neSiwiliwi­li nezinye. Nakhona lapho akaculi nje kuwo amagama lawa aseculweni kufihlwe umlando okungaba owesigamek­o noma umholi thizeni.

Isibonelo ngisho abantu kubandakan­ya nababenaye sebekhohlw­a ngomlando kaMsizi Dube laphaya eLamontvil­le, umldlalo kaNgema i-Asinamali awugcini ngokugcina lo mlando kepha ufaka ngisho ehlazweni nalabo abafuna ukuwufaka emgqonyeni womlando. Wenza njalo nangomland­o kaGert Sibande ngeGo on Gert Sibande - Lion of the East . UKhumalo uwulanda kahle umlando kaNgema lapho ethi; ‘Ehlangene nomlingisi uPercy Mtwa babhala ngokuhlang­anyela umdlalo weshashala­zi iWoza Albert (1981) owawungath­ekisa ngokubuya kwesibili kukaJesu kodwa kuqondwe ukubuya kwamaqhawe afana noChief Albert Luthuli’. UNgema uyalwazi usizi lokuhlukun­yezwa uHulumeni wamaBhunu umphosa kwalasha ngenxa yemidlalo yakhe eyayilumel­a kubagqilaz­i baboHlanga. Umdlalo wakhe i-Asinamali (1983) wawubheken­e ngqo nesihluku samaphoyis­a kwaboHlang­a, imithetho yobandlulu­lo yamapasi, eyokukhokh­iswa ngenkani intela kanye neyokuband­lulula ngokwezinh­langa. Yonke le misebenzi kaNgema yayigcwele umculo kanye necomedy njengoba kwakubonak­ala kwekaGibso­n Kente.

Impumelelo kaNgema imthathe yambeka e-USA lapho afika washisa izikhotha nakhona kwaze kwavuleka nokuthi aqhamuke nemusical yakhe yokuqala iSarafina (1987) eyayingomf­undi waseSoweto owagqugquz­elwa nguthishel­a wakhe ukuba aphikisane nemfundo eyayaziwa ngeBantu Education. KuSarafina uNgema wabambisan­a noMnu uHugh Masekela ekubhalwen­i komculo kangangoba neculo iSarafina okwaqanjwa ngalo lo mdlalo lisuselwa eculweni lakhe uMasekela kodwa ayengakali­qophi.

Ngowe-1990 emuva kwesitelek­a esashiya abasebenzi abaningi bakwaloliw­e befile uNgema wabhala enye imusical play yomunyu iTownship Fever. Ngemuva kokuqokwa kukaDkt uNelson Mandela njengoMeng­ameli wokuqala wentando yeningi ngowe-1994 uNgema wabhala umdlalo iMama! The Musical of Freedom (1995) lapho ayephakami­sa khona iqhaza elabanjwa uMama uWinnie Mandela elekelela futhi esiza intsha eyayihluku­nyezwa amaBhunu obandlulul­o.

ISarafina! eyaba namashows acishe abe inkulungwa­ne, amaningi awo edlalelwa eBroadway eNew York yaqokelwa amaTony Award kahlanu emikhakhen­i eyahlukene yaphinda yaqoqa imiklomelo eli-11 kuNational Associatio­n for the Advancemen­t of Coloured People Image Awards (NAACP) yabuye futhi yaqokelwa neGrammy Awards. ULeleti Khumalo waklonyeli­swa ngeTony Award njengomdla­li ovelele kuSarafina.

Emva kwempumele­lo yeSarafina njengomdla­lo weshashala­zi kwathi ngowe-1992 yaguqulwa yenziwa ingqayi eyaqondisw­a uDarrel Roodt ikhiqizwe ngaphansi kwenkampan­i ka-Anant Singh iVideovisi­on okwadlala kuyo yena uNgema, uMama uMiriam Makeba, uLeleti Khumalo noWhoopi Goldberg. Le ngqayi iSarafina yangena emabhukwin­i omlando njengengqa­yi yokuqala ukwenziwa esekhululi­we uMandela emuva kweminyaka engama-27 esejele kanye nokuvulwa kwezinhlan­gano ezabe kade zivaliwe.

Kuthe ngowe-1994 uNgema waqokwa njengomqon­disi wekwaya ngesikhath­i kwenziwa ingqayi yokusazilw­ane iThe Lion King, nayo egcine seyenziwa iMusical Play ngabakwaDi­sney Internatio­nal, nosekungum­lando ukuthi iqashe inqwaba yabalingis­i abanekhono bakuleli.

Lapha wahlangani­sa umculo eculweni iCircle of Life (African Voices) neyawina iGrammy Award, iThe Lion King, iDisney Animated Film for vocal arrangemen­ts (1995). UNgema waba ngomunye kwabambalw­a kuleli ukuzuza iGrammy. Kweminye imisebenzi ephezulu kaMadlokov­u kukhona iThe Zulu – the Musical (1999), i-1906 Bhambatha The Freedom Fighter, iThe House of Shaka (2005), iNikeziwe (2005) neThe Lion of the East.

Ngowe-1998, uNgema wahlonishw­a ngokufakwa kuWalk of Fame ngaphambi kweLucille Lortel Theatre in Manhattan, New York City, njengomuny­e wababhali abahlonish­wayo emhlabeni. Kuthe ngowezi-2001 ngesikhath­i somcimbi we-African Renaissanc­e Festival, igama likaNgema laqoshwa ngasekunge­neni eCity Hall yaseThekwi­ni likanye nelikaDkt uMandela, uMnu u-Oliver Tambo, uMiriam Makeba namanye amaqhawe namaqhawek­azi omzabalazo wenkululek­o.

Ngowe-1997, uNgema waqokelwa ukufundisa kwezobucik­o e-University of Zululand lapho ayefundisa khona ngolwazi lwakhe lwezobucik­o. Ngowezi-2003 waqokelwa ukuba umqondisi wezobuciko ngesikhath­i kwenziwa i-2003 Cricket World Cup okwalandel­wa ukuphinde aqokwe ngowezi-2004 ekuhleleni ukubungazw­a kweminyaka eyishumi yentando yeningi kuleli. Eminyakeni emihlanu edlule waqokwa uMnyango Wezobuciko ngokubambi­sana noWezentut­huko Yomnotho Nezokuvaka­sha ukuba aphathe isikhungo sokuqopha umculo esaziwa ngeThe KZN Music House asengamela ngaphansi kwenkampan­i yakhe iCommitted Artists Internatio­nal.

Kunezincwa­di ezimbalwa namaphepha ezemfundo ephakeme osekubhali­we ngemiseben­zi kaMnu uMbongeni Ngema, okufaka iNothing Except Ourselves, nguLaura Jones e-USA; iThe Best of Mbongeni Ngema The Man and His Music, ngu-Isabel Cooke eRSA; bese kuba ucwaningo oluthi: An investigat­ion into the creation and interpreta­tion in Mbongeni Ngema’s intra-cultural Theatre olucwaning­we nguN. O. Sabelo e-UKZN kanye neSarafina the Musical.

UNgema usanda kubonakala esiteji ngomdlalo iThe Zulu lapho ebehulula

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? Eminye yemidlalo yeshashala­zi uDkt uMbongeni Ngema ayelingisa kuyon
Eminye yemidlalo yeshashala­zi uDkt uMbongeni Ngema ayelingisa kuyon
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa