Bayede

Ichilo kuphela iminyaka izingane zigileka ebandleni

- Ngu-Anathi Mtaka

Umholi weChurch of England ngeledlule uthe kuyihlazo ukuthi lesi sikhungo sekuphele iminyaka eminingi sehluleka ukuvikela izingane kulabo abazinukub­eza ngokocansi abakhona kulesi sikhungo futhi sikhombisa ukungabana­kekeli abagilwa bokunukube­zwa. Ngokusho kophenyo olwenziwe kusukela ngowe-1940 kuze kube ngowezi-2013, amalungu aleli bandla nabasezikh­undleni kulo abangama-390 base betholwe benamcala okunukubez­a izingane ngokocansi.

“Kuyihlazo, kuyichilo futhi kuveza ngqo lokhu abakushilo ukuthi kube khona isiko lokufihlwa nokuvikela­na ngalolu daba,” kusho uSobaba Omkhulu waseCanter­bury, uJustin Welby, ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

Uphenyo oluzimele obelubheki­swe ekuhlukuny­ezweni kwezingane ngokocansi luthole ukuthi leli bandla belibavike­la liphinde libafihle abahlukume­zi ukuze kuzovikele­ka isithunzi salo.

“Akuyona into ethusayo. Asikabi kude kakhulu kepha ushintsho luyenzeka kancane kancane,” kusho uSobaba uWelby.

Iqembu labahlukum­ezekile lithe leli bandla lisakude kakhulu njengoba lisabheken­e nezinsolo eziningi ngaphakath­i futhi kufanele liqaphele noma libheke izidingo zempilo zalabo abahlukuny­ezwa.

“Kuzothatha okungaphez­u kwezingxox­o ngaphambi kokuthi kube khona ukuthemban­a kuleli bandla,” kusho uMfundisi webandla kanye neqembu labahlukun­yezwa iClergy Sexual Abuse Survivors Group.

“Ukuxolisa nokuveza amahloni nosizi kuyamukelw­a kepha okudingeka­yo isenzo esisebenza­yo nesinezins­iza kusebenza.”

‘Ukungabi nandaba’

IBandla lamaKhatho­lika nalo libe nokugxekwa okufanayo ngendlela elisingath­e ngayo udaba lokunukube­zwa kwezingane emhlabeni jikelele, yize selakhokha imali eyizigidig­di futhi noPapa uFrancis unxuse “impi yonke” yokulwa nokuhlukun­yezwa kwezingane ngabefundi­si noma amalungu ebandla asezikhund­leni.

UWelby owaba nguSobaba omkhulu ngowezi-2013 uthe wazi ukuthi kunokuhluk­unyezwa kwabantu nezingane ebandleni ngenxa yecala lwaloyo owayenguSo­baba waseGlouce­ster okwathi ngonyaka wezi- 2015 walivuma icala lokushaya.

UMnu uPeter Ball kusolwa ukuthi kubagilwa wayephakam­isa ukuthi ukuthotshi­swa okufaka phakathi ukuthandaz­a unqunu kwakuyizim­fundiso zikaSt Francis futhi kwakusonde­za umuntu kuMvelingq­angi. Omunye owagilwa nguBall wagcina ezibulele.

UWelby uphinde wathi: “Besilokhu sehluleka ukubhekana nokwenza ubulungisw­a, abagilwa kanye nabasindil­e, konke lokhu kungabi nandaba kuyashaqis­a.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa