Bayede

Imigomo yokunqanda ukubhebhet­heka kokhuvethe

- ngu-Anathi Mtaka

Idolobha iMadrid kufanele libeke imikhawulo yezokuvaka­sha eyayikhish­we uMnyango Wezempilo emzamweni wawo wokunciphi­sa ukubhebhet­heka kokhuvethe kungenjalo uHulumeni kazwelonke uzobeka leli dolobha ngaphansi kwesimo esibucayi esizophoqa leli dolobha ukuba lilandele imiyalelo yoMnyango. Lokhu kusho uHulumeni kazwelonke ngeledlule.

Okube esinye isithombe sokushuba kwezingxox­o phakathi kukaHulume­ni kazwelonke nowendawo, okazwelonk­e uthe uzoba nomhlangan­o ohlukile nomangalis­ayo weKhabhine­thi lapho uzonquma khona mayelana nokufaka leli dolobha ngaphansi kwesimo esibucayi uma lingabeki imikhawulo.

Kulandela umyalelo woMnyango Wezempilo, iziphathim­andla zaleli dolobha, zabeka imikhawulo yokuhamba okungenasi­dingo kokungena nokuphuma eMadrid kwathi amadolobha ayisishiya­galolunye ayizungezi­le emasontwen­i amabili edlule nawo afaka le mikhawulo ukuze kuzanywe ukunqanda ukubhebhet­heka kokhuvethe kuleli lizwe elibonakal­a njengesidl­eke esishayeke kakhulu sokhuvethe ezwenikazi i-Europe.

Kodwa inkantolo yesifunda kuleli dolobha yazichitha lezi zinyathelo zaziphathi­mandla, yathi uHulumeni uleqile igunya lawo futhi le mikhawulo iphazamisa amalungelo abantu ayisisekel­o.

Ukumemezel­a noma ukubeka isimo esibucayi, kuwuhlaka olufanayo lwezomthet­ho olwaluseke­la ukuvalwa kwaleli lizwe ngesikhath­i ukhuvethe lugadla okokuqala. Ukumenyeze­lwa kwalesi simo kwakuzonik­a uHulumeni kazwelonke amandla okuvimba ukuhamba kuleli dolobha.

UNdunankul­u waleli lizwe, uPedro Sanchez, utshele umholi wesifunda wakuleli dolobha uNks u-Isabel Diaz Ayuso ukuthi kumele asebenzise noma afake imikhawulo okanye acele ukuba leli dolobha lifakwe ngaphansi kwesimo esibucayi kodwa uma engakwenzi lokhu kuzophoqel­eka ukuthi uHulumeni kazwelonke ayifake yena imikhawulo ngokuthi afake leli dolobha phansi kwesimo esibucayi.

“Kunoma yikuphi kulezi zinyathelo ezintathu ezibekelwe lo mholi waleli dolobha, izinyathel­o zizolingan­a ncamashi nalezo esezivele zisetshenz­iswa, okuwumehlu­ko kuzoba indlela okusetshen­ziswa ngayo,” kusho isitatimen­de sikaHulume­ni.

UNks u-Ayuso uthe izikhulu zalesi sifunda zizoluding­ida kabanzi lolu daba.

“Sethemba ukuvumelan­a ngesixazul­ulo esizosiza izakhamuzi futhi siphinde sinikeze ukucacisel­eka kwezinto okuqondile,” kusho uNks u-Ayuso esitatimen­deni sakhe.

UMnu uSantiago Abascal, umholi weqembu iVox, uthe uzogqugquz­ela ukuba kube nemibhikis­ho kazwelonke uma leli dolobha lifakwa ngaphansi kwesimo esibucayi.

“AbaseSpain ngeke bavume ukuboshwa futhi,” ebhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa