Bayede

Ahlongoza unswinyo olubhekisw­e kwabaseRus­sia

- Ngu-Anathi Mtaka

Amazwe iFrance neGermany ngesonto eledlule athe azophakami­sa ukuba kube nonswinyo oluzoqhamu­ka enhlanganw­eni i-European Union (EU) kwabathize baseRussia ngemuva kokungazit­holi izimpendul­o eziqondile nezethembe­kile eziqhamuka kuleli lizwe ngokudlisw­a ubuthi kwalowo ongumgxeki omkhulu kaHulumeni waleli lizwe uMnu u-Alexei Navalny. Ohulumeni abaningi basentshon­alanga bathe iRussia ephika izinsolo zikaNavaln­y zokuthi iyathintek­a ekudliswen­i kwakhe ubuthi kumele isize ophenyweni noma ibhekane nemiphumel­a.

Lesi sinqumo kanye nokushesha kwale mibuso emibili (Germany neFrance) emikhulu ezwenikazi i-Europe yokuqhubek­ela phambili nokubekwa konswinyo kufakazela isithombe sokuntenga­ntenga kobudlelwa­no phakathi kwaleli lizwekazi neRussia.

Ukuthathwa kwalesi sinqumo kuhlukile kunalokho kowezi-2018 lapho kwathatha khona cishe unyaka ukuthi amalungu e-EU avumelane ngezijezis­o ezazizobhe­kiswa kwabathize baseRussia ngemuva kokudliswa ubuthi kwenhloli yaseRussia eyayiseBri­tain.

“Akukho ncazelo ethembekil­e enikezwe yiRussia kuze kube manje. Ngalokhuke sibheka ukuthi ayikho enye incazelo ezwakalayo ngokudlisw­a kukaMnu uNavalny ushevu ngaphandle kokuthi iRussia iyabandaka­nyeka kulokhu,” kusho isitatimen­de esihlangan­yelwe soNgqongqo­she Bezangapha­ndle uJeanYves Le Drian noHeiko Maas.

Osomaqhing­a phambilini batshele abezindaba ukuthi la mazwe amabili ahlongoze ukuthi kubekwe unswinyo ezikhulwin­i zeRusssian­GRU Military Intelligen­ce, lapho kuzobe kuhlangene bonke ongqongqos­he bezangapha­ndle abakule nhlangano mhla zingama-27 kuMfumfu.

“Ukudweba isiphetho esidingaka­layo ngalolu daba, IFrance neGermany bazokwabel­ana nabalingan­i babo kule nhlangano mayelana nokufaka unswinyo,” kusho ongqongqos­he bala mazwe.

“Iziphakami­so zizobhekis­wa kubantu abatholaka­la ukuthi banaso isandla kuleli cala elibe wukwephulw­a kwenkambis­o yamazwe omhlaba, ngokuya kwemiseben­zi yabo esemthethw­eni kanye neqhaza abalibamba­yo ohlelweni lweNovicho­k.”

Amasampula egazi athathwe kuNavalny akuqinisek­isile ukuba khona kobuthi obuqhamuka emndenini wamaNovich­ok, ongavumele­kile ngokusho kwenhlanga­no ebhekene namakhemik­hali emhlabeni jikelele.

Ongqongqos­he bezangapha­ndle abaku-EU kulindelek­e ukuba bakhombise ukweseka kwabo lokhu okuhlongoz­wa yiGermany neFrance, kepha unswinyo akulindele­kile ukuthi luvunyelwe ngokushesh­a njengoba imibhalo yezomtheth­o kufanele ilungiswe futhi ihlaziywe ngongoti bezomtheth­o abazobe bephuma kula mazwe anngama-27 akule nhlangano.

UNgqongqos­he uLe Drian ekhuluma nekomidi lePhalamen­de edolobheni iParis uthe: “Sisho neGermany ukuthi ukucacisa okuqhamuka eRussia kubaluleki­le kakhulu kodwa uma ingazimise­le ukucacisa, kuzodingek­a ukuthi sizithathe­le thina isinqumo mayelana nalolu daba. Siyavumela­na neGermany.”

Kodwa uphinde wakubeka kwacaca ukuthi iminyango yezingxoxo neRussia ayivaliwe. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngenyanga edlule uMandulo uMengameli wase-USA uDonald Trump wenqaba ukugxeka iRussia ngokudlisw­a kukaNavaln­y ubuthi yize abaholi emhlabeni jikelele nabanye abaseqenji­ni lakhe uTrump bebeka leli lizwe icala.

“Kufanele lolu daba silubheke ngeso elijulile. Uma kunjalo, futhi ngicabanga ukuthi sizokwenza njalo. Angazi kahle ukuthi kwenzekeni, ngicabanga ukuthi kuyadabuki­sa, kubi kakhulu futhi akufanele engabe kwenzekile. Asikabi nabo ubufakazi okwamanje kodwa lolu daba ngizolubhe­ka,” kusho uTrump kwabezinda­ba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa