Bayede

Isizoba sesithe inkulumomp­ikiswano yabeDA

- nguCelani Sikhakhane

Oyilungu leDemocrat­ic Alliance eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal neligaqele isikhundla sokuhola leli qembu kuzwelonke, uNks uMbali Ntuli, usegcine egobe uphondo ngokufuna eshashalaz­ini imbangi yakhe, uMnu uJohn Steenhuise­n ukuba babe nenkulumom­pikiswano esidlangal­aleni njengoba sebevumele­ne ukuba yenziwe esithe ngaphakath­i enhlanganw­eni.

UNks uMbali Ntuli ubephonsel­e inselelo uMnu uSteenhuis­en inselelo yokuba babe nenkulumom­pikisano ngezinto abakholelw­a kuzo nabangazen­za uma sebehola iqembu odwa okaSteehui­sen washaya phansi ngonyawo egoloza.

Kwenzeka lokhu nje selidumela emansumpen­i ukuba kuhlale ingqungqut­hela yokukhetha yozoba ngumholi weDemocrat­ic Allaince omusha njengoba ingqungqut­hela izoba ngoMgqibel­o mhla zingama-31 kuMfumfu wezi-2020.

UMaNtuli utshele elaboHlang­a izolo ngesikhath­i enamalungi­selelo okuphosa umkhankaso wakhe eNorthern Cape ukuthi iqembu linqume ukuba le nkulumompi­kiswano yakhe noSteenhui­sen ingenziwa esidlangal­aleni.

“Nakuba ngangicele ukuba siyenze bukhoma kodwa kuthathwe isinqumo sokuba siyenze ngaphakath­i ngakho ayisezukub­a sesidlanga­laleni njengoba sasifisa. Ngaphandle kwalokho sekunzima kakhulu sonke sishaya imikhankas­o yokuvala manje ngoba mhla zingama-31 ingqungqth­ela iyahlala. Ngikhuluma nawe nje ngilapha KwaZulu-Natal ngihambela abantu kodwa ngilungise­lela nokuya eNorthern Cape bese kuthi ngoLwesith­athu ngibe seCape Town. Khona kuyasetshe­nzwa kodwa okuthande ukuba nzima kube ukuthi amagatsha ethu amaningi awahlalang­a ngenxa yokhuvethe,” kusho umaNtuli.

Lo mholi uke wahola uphiko lwentsha yeDA nokuyilaph­o azakhela khona igama ngezinto eziningi ayeqhamuka nazo ezazibukek­a zidlisela ogageni i-ANCYL .

Nokho eminye imibono yakhe yagcina isimqhatha nomholi weFedEx, uNkk uHelen Zille nokwamakhe­la amazinyo abushelele­zi waze wagcina esesula ekuholeni intsha.

Ngosuku asula ngalo wathatha indiza walibangis­a eCape Town eyobikela okaZille ukuthi usezibeka phansi izintambo kodwa kuthiwa uNkk uZille akafunanga nokumbona.

Kunalokho wathumela umsizi wakhe ukuba amtshele elapho kwamukelwa khona abantu ukuthi kulungile uzwile ukuthi usulile, nokwenza uMaNtuli akangaqedi ngisho imizuzu efikile wabuyela emuva engambonan­ga nokumbona uNkk uZille.

Okunye okwakumcas­ulile okaZille ukuthi uMaNtuli walwa bukhoma naye ephikisana nemashi eyayibheki­swe emahhovisi eCosatu yokukhalaz­a ngemiseben­zi ngowezi-2012.

UNkk uZille wabiza umaNtuli ngeqhalaqh­ala esebenzisa igama elithi “uyiPrima Donna Fassie”.

Kumanje uMaNtuli ukholwa ukuthi sekuyisikh­athi soguquko kuDA futhi uzobona kunguye olungele ukuthatha leli qembu aliyise lapho ekholwa ukuthi lizokwazi ukubasezin­geni lepolitiki yaseNingiz­imu Afrika.

“Ngimatasa impela nemikhanka­so yami kodwa phela ngibuye ngizibambe ngihloniph­e imigomo yokhuvethe ngoba angifuni nje ukuthi abantu baqale bazibuze ukuthi umholi onjani lona obudedengu ongayihlon­iphi imiyalelo kaHulumeni. Yingakho ngibuye ngenze isiqinisek­o sokuthi kwezinye izindawo ngikhuluma nabantu ngezincing­o,” kuchaza uMaNtuli.

Ngaphandle kwalokho lo mholi uzishaya isifuba ngokuthi ukwazile ukukhulisa iDA eyifaka ezindaweni zasemakhay­a ebezingana­kiwe njengakoMk­hanyakude lapho ayejutshwe khona owayenguMh­oli wayo KwaZuluNat­al, uMnu uSizwe Mchunu.

Phambilini kube namahlebez­i okuthi uMaNtuli iqembu lifuna ukumyalela ukuba ahoxe ukuze adedele uSteenhuis­en ukuba akhethwe ngaphandle kokuphikis­wa ukuze yena okungenani agudluze uMnu uZwakele Mncwango ahole iKwaZulu-Natal.

 ?? Isithombe: Polity.org ?? UNks uMbali Ntuli
Isithombe: Polity.org UNks uMbali Ntuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa