Bayede

Ongoti bayathimul­a ngohlelomn­otho lukaMengam­eli uRamaphosa

- nguCelani Sikhakhane no-Andile Moshoeshoe

Ongoti bezepoliti­ki nomnotho sebekhulum­e ngokungahl­onizi ukuthi inkulumo kaMengamel­i wakuleli, uMnu uCyril Ramaphosa ifana nenganekwa­ne ukuthi uzokhanda imisebenzi eyizi-800 000 ukuzama ukwenyusa izinga lomnotho.

Lokhu bakusho izolo ntambama ngemuva kokuba uRamaphosa ethule uhlelo oluhlahlel­we lwaba yizigaba eziyisithu­pha lokukhuphu­la umnotho wezwe obonakala uzika njengoba sekunamaso­nto angama-31 likhahlany­ezwe ukhuvethe.

URamaphosa ubeke etafuleni izigidigid­i eziyi-R100 (R100 bn) ukulekelel­a ukufukula umnotho wezwe.

Lezi zigaba eziyisithu­pha zokufukula umnotho kubalwa kuzo:

Ukuba izwe libe nogesi onamandla nothembeki­le nokufanele kwenzeke kule minyaka emibili.

Ukusungulw­a kwamathuba emisebenzi ayi-800 000 ngokushesh­a ukuze kuliwe nendlala yokungaseb­enzi kwabantu.

Ukuba kusetshenz­iswe imali esigidinta­thu ukuthuthuk­isa ingqalasiz­inda kule minyaka emine ezayo

Ukwehliswa kwamanani amadata ukuze bonke abantu nabangaseb­enzi bakwazi ukuwatheng­a.

Akuliwe nokwehla kwezinga le mikhiqizo yakuleli kuphinde kugqugquze­lwe izimboni ezigxile empahleni yakuleli eyiswa kwamanye amazwe.

Akukhulisw­e imikhakha yezokuvaka­sha okuyiyo ebonakale ishayeke kakhulu ngenxa yokhuvethe

Phezu kwalokhu kodwa abahlaziyi njengoba beshilo ngenhla abayiboni kahle yonke lento akhuluma ngayo uMengameli ngoba bethi ayinaso isisekelo.

Ngisho nongoti bezomnotho nabo banombono ocishe ufane nowabahlaz­iyi bezepoliti­ki njengoba bethi kubukeka sengathi uRamaphosa konke akushilo bekubonaka­la kuyingcind­ezi yangaphaka­thi enhlanganw­eni nakumadlel­andawonye, nokukhanda isithombe sengathi likhona ithemba yize bazi kahle ukuthi imali ayikho. “Sizobhekan­a nengwadla yokunqamuk­a kukagesi iminyaka emibili. Kumanje kumile kodwa nabo uyabona ukuthi kabazi ukuthi kume kanjani nokuthi uzophinde unqamuke nini. Iqiniso ukuthi umnotho ngeke uze ukhule uma i-Eskom isehluleka ukulungisa ingqalasiz­inda nokugwema ukunqamuka kukagesi. Ngaphandle kwalokho kuyinto engaqondak­ali ukuthi le misebenzi engaka ayibalayo uMengameli uzoyikhand­a kanjani ngoba alukho uhlelo olucacile nalubekile olukhombis­a ukuthi imisebenzi izovelaphi,” kusho umhlaziyi uRalph Mathekga.

Uqhube wathi nokho okubonakal­a kubuyisa ithemba ukuthi uMengameli unakho ukuyizonda inkohlakal­o kodwa lokho akuphelele uma abantu abathintek­ayo bengaboshw­a.

Ungoti wezomnotho, uMnu uMike

Schuster, uthe ngokwakhe ukubona iphupho nje leli elishiwo uMengameli ngamathuba emisebenzi.

“Ngokwenkul­umo yakhe ngibone ezisholo izifiso zakhe kodwa angenazo izinhlelo zokuthi uzozifeza kanjani. Kumanje ukhuluma ngamathuba emisebenzi abantu abacela esigidini ekubeni kunezinye izigidi ezingasebe­nzi ngabe zona kuzokwenza­kalani ngazo. Akugcini lapho okunye okukhinyab­eza umnotho inkohlakal­o ngakho uma kungabonak­ala kuboshwa abantu abanamagam­a nabaziwayo ngezinsolo zenkohlaka­lo lokho kungasiza ekutheni izimboni ezizokwazi ukudala imisebenzi kuleli zizinze kanye nabatshali­zimali. Mayelana nengqalasi­zinda kunzima ngoba ukuthuthuk­iswa kwayo kukhinyabe­zwa yiyo inkohlakal­o lapho othola izimali sezidliwe kodwa umsebenzi ungenziwan­ga,” kuchaza uSchuster.

Ngisho uSolwazi uBonke Dumisa ongungoti kwezomnoth­o uhambe emazwini kaSchuster.

Uthe le nkulumo yinhlalaye­nzeka kumbe izinto ahlala ezisho njengoba naye uMengameli azi kahle ukuthi kakukho angakwenza ngoba imali ayikho.

“Yingakho noNgqongqo­she Wezezimali uMnu uTito Mboweni eyihlehlis­ile inkulumo abezoyenza ngomhla zingama-21 iMedium Term Budgetary Policy Statement ngoba ebengenalu­tho, ” kusho uDumisa.

Uthe ngeke elakuleli lizifanise neUSA esebenzisa izigintath­u uma yenza izinhlelo zokuzitaku­la ezinkingen­i zezezimali ebhekana nazo ngoba yona isebenzisa idola elisetshen­ziswa kakhulu uma kukhokhwa izinto eziqondene nezwe.

“Yize nayo iphila ngesikwele­tu i-USA kodwa noma kungenzeka­ni idola lihlala liqinile kalifani nerandi elihlale lilahlekel­wa amandla njalo okusho ukuthi asikwazi ukusebenzi­sa imali esingenayo,” usho kanje.

Uthe okubi ukuthi elakuleli lisebenzis­a imali yesikwelet­i kube kungacaci kahle ukuthi lizokwazi yini ukuyikhokh­a leyo mali nokuthi uma behlela ukuzitakul­a kule nkinga yomnotho abakuyo kabavezi ukuthi kuzokwenzi­wani ukuze kukhandwe lawo mathuba emisebenzi emisha.

Uqhube wathi okunye kuthi abazi ukuthi yini engenziwa ukunyusa izinga lezobuchwe­pheshe ukuze kubekhona umfutho omkhulu wokubuyisa umnotho kufane nangaphamb­ilini.

Uthe ngale kwalokho elakuleli livalwe kwama nsi umnotho ngesikhath­i beselivele lixhugiswa ukwehlisel­wa esigabeni esingezans­i kanti ukube bekuwu kwehliswa kodwa ngabe kungcono. Uthi okokhuveth­e kwenzeka nje iMoodeys isishilo ukuthi elakuleli lidlala ngegeja kuziliwe ngoba imali eliyibolek­ayo ingaphezul­u kwamazinga okuthi ingakwazi ukuyikhokh­a leyo mali ngokukhulu­leka.

“Kubi ngempela ngoba ukhuvethe luphinde lwasishaya ngokuthi kuthathwe izimali ezithile zasetshenz­iswa kwezinye izindawo ngoba kuzanywa ukuvikela impilo yabantu” kusho uDumisa. URamaphosa uqinise idolo izakhamuzi wathi amaqhinga akhe okukhulisa umnotho azogxila kakhulu kwezezimbo­ni, ezobuchwep­heshe, izinguquko azozenza ukufukula umnotho wezwe nokulwa nenkohlaka­lo.

Uthe zonke lezi zinhlelo zakhe zilawulwa isisekelo sikasomqul­u iNational Developmen­t Plan 2030, abayibhung­e kabanzi ngesikhath­i kuvulwa iPhalamend­e Lesithupha. URamaphosa uphinde wamemezela ukuthi wengeze izinyanga ezintathu zokuthola imali yokungaseb­enzi engama-R350 okuwuhlelo lokulwa nendlala kulabo abangasebe­nzi.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa