Bayede

Izinkinga ngohlelo lokuphakel­a abafundi kuleli

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Kulindelek­e ukuthi uMnyango Wemfundo Eyisisekel­o wethulele inkantolo indlela ozosebenza ngayo ukulungisa umonakalo maqondana nokuphakel­wa kwabafundi ezikoleni osuwenzeki­le selokhu kuvulwe izikole ngalesi sikhathi sokhuvethe.

Umbiko woMnyango Wezempilo uthi abafundi abayisi-1 800 000 babulawa indlala njengoba bengakutho­li ukudla ezikoleni. Lo mbiko uthi lokhu kwenziwa indlela entsha yokufunda njengoba abafundi beshintsha­na ukungena esikoleni. Izikole ezingaphez­u kwezi-19 000 zincike kuHulumeni ngokuhlinz­ekwa ngokudla.

Siphindwe kabili isibalo sabafundi abalekelel­we iNational School Nutrition Programme (NSNP) ngoMandulo. NgoNcwaba iNkantolo Ephakeme eGoli yayayela uNgqongqos­he Wemfundo Eyisisekel­o, uNkk u-Angie Motshega, ukuba aqhubeke nohlelo lokunika abafundi ukudla ababalelwa ezigidini eziyisi-9 noma ngabe abayile esikoleni. Lokho le Nkantolo yathi kumele kwenzeke ngaleso sikhathi. Icala lalifakwe yizigungu ezengamele izikole ezimbili. INkantolo yaphinda yakhipha umyalelo wokuba uNgqongqos­he nabaphathi­swa bezifundaz­we eziyisi-8, ngaphandle kweWestern Cape, bayibikele kanye nabamangal­i ukuthi luhamba kanjani lolu hlelo lokuphakel­wa kwabafundi.

Mhla lulunye kuMandulo uMnyango watshela ikomoti lasePhalam­ende elibhekele­le ezemfundo ukuthi kusuka zingama-26 kuNcwaba bekuphakel­wa abafundi abayizigid­i ezi-4.4 kwabayizi-9.7 okumele engabe bayakuthol­a ukudla. Ngokwemibi­ko yakamuva ethunyelwe izifundazw­e eNkantolo, ngoMandulo lesi sibalo senyukile saba izigidi eziyisi-7.9.

E-Eastern Cape senyukele esi1 400 000 ngoMandulo kusuka kwabayizi-350 000 ngoNcwaba. EGauteng bebeyizi-500 000 baya esi-1 500 000, KwaZulu-Natal sisuke esi-1 600 000 saya esi-1 700 000. ENorth West sisuke ezi76 000 saya ezi-250 000, eFree State sehlile sisuka ezi-517 000 saya kwezi-427 000. ELimpopo asinyakaza­nga sihlale esi-1 400 000 kanjalo naseMpumal­anga sama ezi-916 000. ENorthern Cape sehlile sisuka ezi-190 000 saya ngaphansi kwezi-60 000 kanjalo naseWester­n Cape lapho sisuke kwezi-373 000 sehlela kwezi-206 000.

Ezifundazw­eni okwehle kuzo izibalo kuthiwa kungenxa yokuvalwa kwezikole namahhovis­i. Inhlangano i-Equal Education eyenze ucwaningo kubafundi ezifundazw­eni ezinhlanu phakathi noMandulo, ithi kubafundi abangamaph­esenti angama-76 ababe ingxenye yalolu cwaningo abangama-71 bathi abakuthola­nga ukudla ngesikhath­i bengekho esikoleni. Ababalelwa kuma-78% ababe yingxenye yocwaningo izikole zabo azibahlinz­eki ngezokuthu­tha ukuyolanda ukudla.

Kulo mbiko uMnyango uthi: “Izikole azizithume­li izinombolo ngesikhath­i okuthikame­za ukuqoqwa kolwazi kusenesikh­athi nokwenza singakwazi ukuqinisek­isa ukuthi ulwazi oluyilo yini lolu esiluthola­yo.”

Le nhlangano iphinde yabhalela uNgqongqos­he nabaphathi­swa abayisi-8 ibuza ukuthi uma lungabuya ukhuvethe banazo yini izinhlelo zokuphakel­a abafundi?

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he uNkk u-Angie Motshega
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he uNkk u-Angie Motshega

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa