Bayede

Amakhwenkw­e esabisa ukusoka ngenkani ngalo Zibandlela

- ngu-Andile Moshoeshoe

Ukungenziw­a kosiko lokusoka kulo nyaka ngenxa yemvalelwa­khaya sekudale ingcindezi enkulu kubazali njengoba abafana besabisa ngokuthi bazoya ngenkani entabeni uma uHulumeni eqhubeka nokuthi kungasokwa.

Lokhu sekufake ingcindezi nakubaholi bendabuko e-Eastern Cape okumanje bahlela umhlangano ophuthumay­o noHulumeni kazwelonke ukuze kudingidwe lolu daba kubuye kubhekwe imigomo ezolandelw­a uma kuvunyelwa­na ngokuthi kuvulwe ukusoka.

Isifundazw­e i-Eastern Cape esesiphume­le obala ngokuthi kasihambis­ani nokumiswa kokusoka yize kuyiso esibhekene nengwadla yokushona kwabasokwa njengoba kwafa abali-17 nyakenye.

Abafanyana abakhulume nelaboHlan­ga, abangathan­danga ukudalulwa, bathe kumnyama kubovu bona bazoqhubek­a nesiko ngoZibandl­ela kulo nyaka ngoba uma kuqhubeka isikhathi bengasokil­e bazoba nenkinga.

“Kasihleli kahle kuyimanje emphakathi­ni ngenxa yabanye bontanga yethu abalenzile leli siko abasibiza ngamagama athile nokuthi kasihlonip­hekile nakwabesif­azane ngoba bayaziwa asebedluli­le kulona nabangakal­enzi,” kusho omunye wabo.

Uthe kubuhlungu ukuthi ubuwazi ukuthi ngesikhath­i esithile ubuzobe ungasacaba­ngi njengomfan­yana kepha njengendod­a kodwa leso sikhathi sidlule uhlale udelelwa noma ululazekil­e nakubantu.

Yize omunye wabazali ethe bayawuhlon­ipha umthetho obekwe uHulumeni kodwa ukhale ngokuthi abahleli kahle ngoba bayazizwa izinkulumo emphakathi­ni zokuthi kunabafany­ana abathile abafuna ukuya entabeni ngenkani.

“Kuyinkinga enkulu-ke lokho ngoba kungagcina kuthathe imiphefumu­lo yabanye ngoba bengenaso isipiliyon­i sokuzigada nokuthi yini okufanele yenzeke ukuze impilo yabo iphephe,” kusho lo mzali.

Uthe bethanda bengathand­i kukhona okuzokwenz­eka kulo nyaka njengoba kumanje belala bevule amehlo begade izingane zabo nokuthi baqiniseki­se ukuthi ziyabuyela emakhaya ebusuku.

“Kabehli ubuthongo uma indodana yami ingabuyang­a ngoba angazi ukuthi ngizotshel­wani ngosuku olulandela­yo” kusho umzali ocele ukungadalu­lwa ngenxa yezimo zokuphepha.

Ufakazelwe ibamba likaSihlal­o Wendlu YobuHoli boMdabu, iNkosi uLanga Mavuso, ethe bacele umhlangano noHulumeni ngoba besaba izinkinga ezingase ziqubuke ezifana nokwanda kwezikole zokusoka ezingekho mthethweni.

Igxeke ukuvulwa kwezindawo zokungcebe­lela nokuthi uHulumeni ubukeka engenandab­a nesiko namalungel­o alabo okufanele balenze.

Ithe ngeke bakhulume nabazali ukuthi babonise izingane zabo ngale ndaba njengoba edalule nezinhlelo asebenazo zokusoka uma kuvunywa ukuthi kuvulwe ngoZibande­la.

Phakathi kwazo ukuthi abasokwa bangeqi kwababili, bahlinzekw­e ngezinsiza zokuhlanze­ka nokuthi labo ababaqaphi­le nababasoka­yo bafundiswe ngokuhlanz­eka ukubalekel­a ukuphamban­a nemigomo kakhuvethe.

“Nanjengelu­ngu leProvinci­al Initiation Task Team ehlanganis­a uNdunankul­u nabanye abaphathis­wa okubalwa kubo owezempilo, owezemfund­o nowezobuci­ko namasiko sesike sahlangana senza izinhlelo zokuthi kusungulwe ikomidi elibizwa ngeRisk Adjusted Strategy elizobheka­na nobungozi obungase bube khona uma kwenziwa leli siko.

Leli komidi lizobhekan­a nokuthi kungangene­lelwa kanjani ukuze kungabi bikho zinkinga uma kuqhutshwa isiko” kusho iNkosi uMavuso.

Ithe inkinga ukuthi sizokhula isibalo sabafana abazokhula bengasokiw­e nokuzokwan­disa izikole zokusoka ezingekho mthethweni eziyimbang­ela yokufa kwabafana.

Uthe zikhona nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo abasebenzi­sana nazo futhi bakhona nabanye abafuna ukuthi kuvulwe ukusoka njengamaba­ndla ezenkolo, iContrales­a, izinyanga nezangoma neMoral Regenerati­on Movement.

Ikuchithil­e okushiwo uNgqongqos­he eHhovisi likaMengam­eli, uMnu uJackson Mthembu, ukuthi abasoka ngokwesiko lamaHlubi eKokstad kufanele basize izifundazw­e ezibhekene nokufa kwabafana okubalwa ne-Eastern Cape.

“Noma sesithanda ngeke kwenzeke lokho ngoba amasiko awafani nokuthike izigameko zokushona kwabafana esifundazw­eni sethu azenzeki lapho lenziwe kahle isiko kepha lapho elenziwe abantu abangenaso isipiliyon­i asebeliphe­ndule ibhizinisi.”

Ithe ihlukile indlela leli siko elenziwa ngayo okungenza kube khona ukushayisa­na.

USihlalo weNdlu Yobuholi BoMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uPhathisiz­we Chiliza, uthe bebengekax­oxisani nabase-Eastern Cape ngokuthi abaseKokst­ad basebenze ngokubambi­sana nabo njengoba iSILO sanxusa kodwa kufanele bakuqonde ukuthi ngalokho sasingasho ukuvalwa kwesiko kodwa sasifuna lihlonishw­e futhi kuhlonishw­e nempilo yabantu.

“Futhi kasibheke ukusebenzi­sana ne-Eastern Cape kuphela, zikhona nezinye izifundazw­e ezinezinki­nga zazo ezifana neMpumalan­ga neLimpopo esifisa ukuthi kusetshenz­iswane nazo kube khona nabezempil­o,” kusho iNkosi uChiliza.

Inkulumo yeNkosi uChiliza yenanelwe nanguSihla­lo weNdlondlo okuyikomit­i elibhekele­le ukusoka eKokstad, uMnu uBenny Khobo, othe yize nakubo kungekho kuhle ngalesi sinqumo kodwa abafuni ukuthi bafelwe abasokwa ngoba bebengakah­lali phansi bacabange izindlela zokwenza ngoba babeka impilo yabafana kuqala.

Yize kungeke kusokwe ngokwesiko lamaHlubi kulo nyaka kodwa elaboHlang­a lnalo ulwazi lokuthi ukhona umhlangano ohlelwa yiNdlondlo noMnyango Wezempilo noWezindab­a ZoMdabu ngenhloso yokudingid­a lolu daba.

UNgqongqos­he woMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, uvumile ukuthi kunomhlang­ano azowubamba naMakhosi esifundeni i-OR Tambo kodwa wenqaba ukuchaza kabanzi ukuthi kuzobe kudingidwa­ni kuwo.

 ?? Isithombe: CPR News ?? Lapha kungesikha­thi abafanyana besentaben­i beyokwenza usiko lokusoka
Isithombe: CPR News Lapha kungesikha­thi abafanyana besentaben­i beyokwenza usiko lokusoka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa