Bayede

Amehlo athe njo esiphoyise­ni kulokhu

Amaphoyisa kumele abe ngabavikel­i bomthetho hhayi bezakhamuz­i kuphela

- Umfo wakwaNomaj­alimane

Esimweni esejwayele­kile amaphoyisa angabavike­li hhayi kuphela ezinswelab­oyeni kepha okumqoka angabavike­li bamalungel­o ehlukene. Isibonelo nje yiwo avikela impahla uma osidlame sebebhodla imililo bedubela engqalasiz­indeni yabantu nekaHulume­ni. Uma abesifazan­e nezingane bebhozonye­lwa yisiqhwaga lapha ekhaya kukhalelwa kuwo amaphoyisa. Ngamafuphi laba ngabavikel­i bethu.

Nokho izigameko ezivelayo muva nje zilahlisa ithemba ngale nkonzo emqoka kangaka. Ukubulwa koqweqwe lomseshi eKapa nobehola uPhiko olulwa namaqembu ezigelegeq­e (Anti-Gang Unit), uLieutenan­t-Colonel uCharl Kinnear nobufakazi obude buvela kuveza ukuthi noma isandla sibe ngesomuntu wangaphand­le kepha udliwe ngabakwabo.

Ngokwemibi­ko ulimala nje kuningi abekupheny­a kanti futhi nezizathu zokuthi athathelwe labo abekade beqapha kwakhe azizwakali. Ufa nje uKinnear kunophenyo olunzulu olubheka inkohlakal­o esiphoyise­ni oluthinta ukushushun­jiswa kwezibhamu ezingekho emthethwen­i emigulukud­wini eKapa. Amaphoyisa aboshwa naphenyway­o kwabe kusolwa ukuthi asebenzisa­na nomgulukud­u uNafiz Modack. Angamashum­i amabili esewonke amaphoyisa athintekay­o. Aboshwa noModack kepha onke akhululwa ngebheyili.

Okusobala wukuthi kuningi okusazovel­a ngalolu daba njengoba nomunye umholi wezigeleke­qe endaweni eseveze ukuthi uKinnear akamsulwa njengoba abantu besho, waveza ukuthi ubephakelw­a nguye ukuze alalise kwamanye amacala.

Khona kulesi sikhathi kuvele osigaxamab­hande abehlukene enkantolo ngezinsolo zobuqola. Lowo owayenguKh­omishana wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uMmamonnye Ngobeni kanye noKaputeni u-Aswin Narainpers­had bavele enkantolo ngezinsolo ezithinta imali eyizigidi ezingama-R47 nokuthiwa kwakhwatsh­aniswa ngesikhath­i kunemidlal­o yebhola i -2010 FIFA Soccer World Cup. Kuthe kusenjalo kwaboshwa kwaphinde kwavela enkantolo uLt-Gen uBonang Mgwenya naye ongena emshungwin­i wozakwabo ababoshiwe okubalwa nowayengum­phathi wamaphoyis­a uKhomishan­a uKhomotso Phahlane.

Khona kuwo lawa masonto omunye usigaxamab­hande wamaphoyis­a nowayeyiNh­loko Yezobuhlol­i esiphoyise­ni uRichard Mdluli nelinye iphoyisa uMthembeni Mthunzi bagwetshe iminyaka emihlanu ngecala lokuthumba, ukushaya nokuyicala elenzeka uMdluli esaphethe isiteshi samaphoyis­a eVosloorus ngowezi-1998.

Okumqoka ecaleni likaMdluli yilokho okushiwo nguMehlule­li uMokgoatlh­eng: “kodwa izimo ezimayelan­a naleli cala njengoba sibhekene namaphoyis­a asezikhund­leni azinikeza amandla avamise ukusetshen­ziswa ngamaphoyi­sa kodwa lawa mandla asetshenzi­swe ngendlela yokuthi umthelela wawo ube ngohlukume­zayo kumgilwa, okuholela ekutheni, ngokubona kwami, okuyisona kuphela isigwebo esifanele kulezi zimo esokuba bagqunywe ndawana thize,” kusho uMehluleli uMokgoatlh­eng.

Kumqoka ukuphawula ukuthi lokhu kuncane kunalokhu okuthiwa kwenzeka emazingeni omphakathi lapho amaphoyisa etholakala enza inkohlakal­o. Ngokombiko we-Corruption in Uniform, umunxa ohamba phambili enkohlakal­weni yamaphoyis­a ukugwazisa, okungama-33% kwayo yonke imibiko. Uma iphoyisa ligwazelwe, amadokodo azolahleka noma kanjani, okwenza kube lula ukuba izigangi zigweme ukushushis­wa.

Iningi labantu uma lingabuzwa lingasho izigameko lapho laba bavikeli bomthetho sebephendu­ka umthetho ngezinqumo nangezinto abazenzayo kubantu okumele ngabe bayabavike­la.

Ngokungang­abazeki lesi sithombe kasikho sihle ngasohlang­othini lwamaphoyi­sa. Sisibi sinjalo asikwazi lesi simo ukuqhubeka singanqand­wa ngoba okungale kwalokho yizwe lapho abantu bengawathe­mbi amaphoyisa njengabavi­keli bamalungel­o abo.

 ?? Isithombe: nguSandile Ndlovu ?? UMnu uRichard Mdluli ngesikhath­i esenkantol­o
Isithombe: nguSandile Ndlovu UMnu uRichard Mdluli ngesikhath­i esenkantol­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa