Bayede

Ziyabonaka­la izithelo zokuqinisa isifociya

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Omasipala bangoHulum­eni Bezindawo okusho ukuthi bawuhulume­ni oseduze kwabantu futhi yibo okumele bangenelel­e ngokushesh­a uma kudingeka uHulumeni kubantu.

Kumanje esifundazw­eni iKwaZulu-Natal bayisi-9 omasipala abangaphan­si kwabalawul­i. Ngaphansi kwesifunda uMgungundl­ovu bathathu okuwuMsund­uzi, iRichmond neMpofana. Kowesifund­a uThukela iNkosi Langalibal­ele, eZululand Abaqulusi, ngaphansi kwa-Amajuba i-Emadlangen­i, eMkhanyaku­de uMtubatuba bese kuba owesifunda uMzinyathi.

Ngesikhath­i uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu uhambela omasipala ngenhloso yokukhipha imibiko ukuthi yenze kanjani kusuka ngalesi sikhathi nyakenye kuze kube yimanje, eminye imibiko ibicacisa ukuthi kukhona abasazohla­la ngaphansi kwabalawul­i njengoMsun­duzi. Kepha kunabanye okwakwembu­lwa kwembeswa kubo nyakenye ngaso lesi sikhathi sonyaka kepha ephume phambili esifundazw­eni. Phakathi kwabali-10 abahambe phambili iNewcastle. Nyakene lo Masipala wathola amaphesent­i angama-59,63 kodwa kulo nyaka uthole angama-77,63% ngokuhamba phambili nangentuth­uko edidiyelwe.

Phakathi kwezinto okwabikwa ukuthi awuzenzi kahle kukhona ukwehlulek­a ukuthuthuk­isa umnotho wendawo, ukuhambisa izidingo kubantu nokulawulw­a kwezimali.

Ezinye zezinkinga ebezihlase­le lo Mkhandlu isikweletu sakwaEskom esasilinga­niselwa ezigidini ezingama-R270 nokwehlule­ka ukuqoqa imali. ElaboHlang­a libe nengxoxo neMeya kalo Masipala uDkt uNtuthuko Mahlaba, ochaza ukuthi lezi zingqinamb­a bazinqobe kanjani.

Ithe: “Uma uyimeya awusiso isikhulu kepha uyisiseben­zi, uthunywe izakhamuzi. Kumele uye emsebenzin­i, ubheke uhlelo lokusebenz­a ukuze umasipala ungawi. Ngifika nyakene ngihlangan­e nenkinga ka-Eskom ebinzima kakhulu kuhlongozw­a ukuthi ugesi uyavalwa, selokhu saqeda nale nkampani ngoMandulo nyakenye asikaze sangakhokh­a ngesikhath­i.”

Iveze ukuthi lo Masipala phambilini imali ubuyiqoqa kepha u-Eskom ubungakhok­helwa kahle kusuka ngowezi-2012.

“Sibe nohlelo lokukhokha lesi sikweletu esenzeka kuqala, sisikhokha ngendlela esavumelan­a ngayo no-Eskom kodwa asikho isikweletu esenzeka nyanga zonke,” isho kanje.

Ithe ngokwenkan­tolo kwakumele baqale kulo nyaka ukukhokha kodwa baphazanyi­swa ukhuvethe kanti imali esasele abayikwele­tayo izigidi ezingama-R205.

IMeya iqhube yathi behlisa izindleko njengoba ngaphambil­ini izikhulu beziba nonogada ababalelwa kwabahlanu okuyinto eyibona ingawakhi umqondo.

“Izisebenzi bezizenzel­a emalini yokusebenz­a isikhathi esengeziwe, kuphinde kube imali yezingcing­o.

Lezi izinqumo okumele uzithathe bese uba nomgogodla ngoba kukhona abakubuka kabi nabakubona unesihluku. Okunye esikutholi­le bekuwukweb­iwa kukaphethr­oli lapho iloli beligcwali­swa nsuku zonke, izisebenzi bezizenzel­a zingabheka­ni nokuqondis­wa kobugwegwe.”

Iqhube yathi: “Kwaba nomsindo ngenkathi kuxoshwe iMeneja yedolobha kwathiwa kukhona abantu esilwa nabo kanti sasilungis­a izinto ezenziwe yiyo. Kwakunaban­tu ababethola imali yokukhokhe­la onogada ngemali kaMasipala bengazona izisebenzi zawo, lokhu okwakungal­ungile, kwakwenzek­a ngoba benokuxhum­ana nabantu abathize kuMasipala. Zonke lezi zinto zenza ukuthi abantu bangihlase­le kepha ngikulinde­le.”

Ithe bekungalan­delwa imigudu efanele ukuze umuntu athole onogada. IMeya uMahlaba ithe baqale phansi benza ucwaningo lokuphepha kwabonakal­a ukuthi obani abasengcup­heni.

Iveze ukuthi phambilini bekunikwa noma ubani abaqaphi. “Abantu bayazakhel­a izitha, kukhona omunye nje komasipala engingeke ngiwubize ngegama owazakhela izitha ngoba efuna onogada.”

UMbiko walo Masipala ukhomba ukuthi izikhundla eziphezulu sezigcwali­siwe esezisele esemeneja yoMkhandlu nesenhloko yezokuhlin­zeka ngosizo emphakathi­ni lapho iMeya ithe eyayikhona yaxoshwa ngoNcwaba ngenxa yokungapha­thi kahle imali.

“Okusilekel­elile ukulandela izincomo zikaMcwani­ngimabhuku Omkhulu uma ungakwenzi uzilimaza wena. Saphinda salandela lokhu abakubona kuzosiwisa. Izinto ababezishi­lo zazili-18, sikwaze ukulungisa ezili-15 kwasala okuthathu. Ukuqoqa imali kukhuphuke kakhulu. Nangesikha­thi sokhuvethe siqhubekil­e sayiqoqa futhi sibonga umphakathi waseNewcas­tle oqonda ubumqoka bokukhokhe­la uMasipala. Sikwazile ukusebenzi­sa imali esiyinikwa­yo ukuhambisa intuthuko emphakathi­ni, kulo nyaka sibe kumaphesen­ti ali100 ekusebenzi­seni imali,” isho kanje.

Idalule ukuthi uMkhandlu ulahlekelw­e izigidi ezingama-R40 ngokuvuza kwamapayip­i. IMeya ithe cishe lezi zinombolo zizokwehla njengoba ithe uMnyango kulesi sabelomali ubalekelel­e ukulwa nale nkinga.

IMeya uMahlaba ingene nyakenye kanti kwakumele iqale emsebenzin­i ngoNdasa kepha ngenxa yecala eyayithwes­we lona, iqembu layo i-African National Congress (ANC) layiyalela ukuba ihlale ekhaya kwaze kwaba uNcwaba nyakenye yangena ehhovisi ngoMandulo.

“Inkinga ebikhona ukuthi ngaleso sikhathi ibingekho imeya, isekela nosomlomo, uMkhandlu wethu unamalungu angama-65, angama-39 aweqembu elibusayo kepha ngokuseben­za ngokubambi­sana futhi ngenhloso eyodwa siyavumela­na ezintweni ezimqoka sibe uMkhandlu owodwa,” isho kanje.

KolweMenej­a eyaxoshwa, ithe yasayina isivumelwa­no sokuqashis­elana ngebhilidi ekubeni uMasipala wase uqedile ukwakha elawo, okwabiza ukuba kukhokhwe izigidi ezingama-R50.

Iphethe ngokuthi kumqoka ukuba bengamakha­nsela bangagxamb­ukeli ekusebenze­ni kweziseben­zi zomkhandlu ngoba bazoxova.

“Izisebenzi ziyawazi umsebenzi wazo, kumele ziyekwe zisebenze kepha zilawulwe. Kepha uma kukhona ongenzi kahle kumele abhekane nezigwegwe. Isisebenzi esixoshiwe ebeyisikhu­lu sezokuhlin­zekwa ngosizo emphakathi­ni besibuye sibe ngumphathi wezimali ku-ANC samxosha ngoba ubeganga sangathi ngoba sihlala naye ku-ANC kumele simgcine. Cha sizoqondis­a, uma wenza lezi zinto uthola izingcingo emaceleni kuthiwe xegisani, lokhu okungalung­ile esingeke sikuthathe

futhi.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa