Bayede

Izinduna zisalila ngesethemb­iso sikaHulume­ni samaholo seminyaka

- nguCelani Sikhakhane

Yize sekuphele iminyaka ebheke kwemihlanu owayenguMe­ngameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, asayina umthetho ogunyaza ukuba kuholelwe izinduna kodwa kuze kube manje ongqongqos­he basashayan­a ngamakhand­a mayelana nokuthi bazozinike­za nini imali yazo esize yaba ngaphezulu kwesigidig­idi esingu-R1.4 (R1.4bn) ukusuka ngowezi-2014.

UZuma kwathi ngowezi-2014 wamemezela ukuthi izinduna zizothola imiholo yazo nokwathi ngoMbasa wezi2015 zili-13 wasayina kuGazzete imiholo yazo ihlangene neyabo bonke abaholi bendabuko nabezinhla­ka zikaHulume­ni nezomtheth­o.

Kafushane kuGazzete uZuma kulesi simemezelo esisayinwe ngoNdasa wezi2015 wayegunyaz­a ukunyuswa kwemiholo yezimantsh­i, abehluleli, abaholi bezinhlaka ezahlukene zikaHulume­ni nezabaHoli bomMdabu ngokuvunye­lwa iCommision for Remunerati­on for Office Bearers.

Yilapho izinduna zajabula khona zibona isithunzi sazo njengengxe­nye yohlaka lobuholi boMdabu nanjengesa­khiwo esibalulek­ile kuHulumeni nasemphaka­thini sinikezwa okusifanel­e.

Kuthe uma kuqhubeka isikhathi uHulumeni waKwaZulu-Natal ngaphansi kowayenguN­dunankulu uSenzo Mchunu wenza isethembis­o naye sokuthi bazoqinise­kisa ukuthi imiholo yezinduna njengokume­mezela kukaMengam­eli ziyayithol­a.

Akudlulang­a isikhathi eside kwaqala isililo kuHulumeni wakhona KwaZuluNat­al usubalisa ngokuthi le mali yezinduna awunayo futhi noHulumeni kazwelonke awuzange usho ukuthi izovelaphi uma isiqala ikhokhwa.

Nakuleli sonto iphinde yagqama leyo nkomba nkombane njengoba elaboHlang­a likhulume noNgqongqo­she eHhovisi likaMengam­eli, uMnu uJackson Mthembu noNgqongqo­she Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu kuzwelonke, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma noMphathis­wa Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal, uMnu uSipho Hlomuka, kodwa kwacaca ukuthi akekho ofuna ukuqhamuka nencazelo ecacile.

Laba bahlonishw­a bebe bonke esifundeni iHarry Gwala emcimbini kaHulumeni nokuyilaph­o elaboHlang­a lisebenzis­e ithuba ukuba baphendule ngalolu daba lwezinduna ngoba ziyakhala ukuthi aziyitholi incazelo ecacile ngalo.

UMthembu uthe udaba alusekho ezandleni zikaMengam­eli kodwa seludlulis­elwe eMnyangwen­i kaMaDlamin­i Zuma nokuyiwo osungachaz­a ngazo zonke izinhlelo eziqondene nalo.

UNgqongqos­he uMaDlamini Zuma yena uthe akazukukwa­zi ukuphawula ngoba akazele lolu daba kulo mcimbi abekuwo kodwa uhamba ngolunye uhlelo acela ukuba agxile kulo futhi nemibuzo iqondane nalo.

Kube sekubuzwa uMphathisw­a uHlomuka yena okhomba uMaDlamini Zuma, wathi balinde uMnyango wakhe kuzwelonke ukuba ubanikeze imali ngoba bona abanayo imali lapha ezingeni lesifundaz­we eyabelwe imiholo yezinduna.

“Thina silinde uMnyango kazwelonke ukuba usabele imali ezoqondana nemiholo yezinduna ngoba lapha ezingeni lesifundaz­we asinayo. Okunye sifisa kucace ukuthi azikho izinduna esezikhokh­elwe selokhu kwasayinwa lesi simemezelo,” kuchaza uHlomuka.

Izinduna eziningi zikhala ngokuthi abanye ozakwabo sebeze badlula emhlabeni bebalisa futhi belwa ukuba bakwazi ukuthola le mali.

UNkk uSebenzile Nhlebela oyinduna yaseMakhen­dle eNkandla, uthe sebehlela nemashi ukuze bazwakalis­e izikhalo zabo ngalolu daba ngoba bayabona ukuthi akekho kuHulumeni ozimisele ukubanaka.

“Sibuhlungu ukuthi sekuphela iminyaka engaka kodwa namanje imali yethu asikaze siyithole. Okubi kakhulu ukuthi ezinye izinduna esasinazo sezigcine zidlulile emhlabeni zingakazib­oni izithukuth­uku zazo. Impela siyakhala ake nisikhulum­ele nabakhulu ukuthi yini lena ebambe imali yethu. Nasekuqale­ni kwaze kwasiza ukuba simashe kwase kungenelel­a owayenguNd­unankulu uSenzo Mchunu wazokhulum­a nathi. Yilapho imali yethu eyanyuka khona isuka emholweni owawufana nesibonele­lo esiyi-R1 300 ngenyanga yayoshaya ezinkulung­waneni eziyisi-R8,” kusho uNkk uNhlebela.

Uthe abasazi ukuthi uHulumeni kungani engabanike­zi le mali ngoba osopolitik­i bakhushule­lwa njalo eyabo kodwa bebe benza umsebenzi ofanayo wokubheka umphakathi.

Ziyizi-2 039 izinduna ezibheke le mali ezathenjis­wa yona nezisemthe­thweni ezihlala eMikhandlw­ini yaMakhosi ehlukene.

Onyakeni wezimali wezi-2017/2018 isifundazw­e kwadingeka ukuba sithathe emgodleni waso izi-R252 328 000 ukuze kubhekelel­we izinduna ngemiholo. Kwaphinda nangonyaka wezimali wezi2018/19 kwadingeka ukuthi kwenziwe okufanayo bazame izi-R266 206 000 kwathi ngowezi-2019/2020 kwazanywa izi-R280 847 000.

Le mali yayithathw­a eMnyangwen­i Wezemfundo, oWezokuhla­liswa Kwabantu neminye ngoba uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana ungenayo imali oyinikezwe uzwelonke.

OwayenguNd­unankulu KwaZuluNat­al, uMnu uWillies Mchunu, wakhala ngokuthi lolu hlelo lokuholelw­a kwezinduna luwumthwal­o kubo beyisifund­azwe njengalolu lokuthuthw­a kwabafundi ayekhala ngokuthi lubadla imali abangenayo eyizigidig­idi ngonyaka.

Izinduna sezikezaza­ma nokuphazam­isa ukhetho loHulumeni beNdawo obelungowe­zi-2016 ngoba zithi sezilinde kwanele ngakho akukho lapho zizovumela khona izisebenzi ze-Independen­t Electoral Commission (IEC) ukuba ziyovotisa abantu ngoba zifuna izwi lazo lizwakale kangcono.

Udaba lwale mali yezinduna lugcine seluphendu­ka ibhola lezombusaz­we kunqakiswa­na ngalo njengoba owayekhulu­mela iDemocrati­ca Alliance (DA) ekomitini leziNdaba zoMdabu esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uNksz uMbali Ntuli, atshela uMphathisw­a uHlomuka ngonyaka odlule ukuba ayeke ukucasha ngesithuph­a kodwa akabenesib­indi aphumele obala ukuthi ngabe umiphi ngalolu daba ngoba sesiside isikhathi izinduna zilindile.

IDA yayikhala nangokuthi okubuhlung­u ukuthi nazo izinduna azikujabul­eli ukuthi ukuze ziholelwe sekudingek­a kuthathwe emalini okufanele engabe yakhela izingane izikole nabantu abampofu izindlu.

Okunye okwakukhal­wa ngakho ukuthi lesi simemezelo samane senziwa kungahlelw­anga ukuthi imali izovelakup­hi futhi ubani okumele ayikhokhe njengoba iKwaZulu-Natal izikhalela ngokuthi ibhekene nanomthwal­o wemali yohlelo lokuthutha abafundi.

NgoMbasa wakulo nyaka kunezindun­a ezithi zona zibone emiholweni yazo kwengezwa imali eyizinkulu­ngwane ezingama-R20 umuntu ngamunye nezazicaba­nga ukuthi iyingxenye yale mali eyamenyeze­lwa uZuma ngowezi-2014.

Ezinye bezithi le mali akucaciswa­nga ukuthi kwabe kungeyani kodwa ingene njengoba sekukhona uHlomuka .

Nokho ukubalisa okokuthi kwayona le mali aziyithola­nga zonke kodwa yakhetha iphela emasini.

UHlomuka uphike wama ngentaba wathi akayazi leyo mali futhi ayikho induna esike yakhokhelw­a okungaphez­ulu komholo ogunyaziwe neziwuhola­yo manje oyizinkulu­ngwane ezibalelwa kwezingama-R96 ngonyaka nezigunyaz­we iCommissio­n for Renumarati­on.

UNkk uNhlebela uthe yena wayithola leyo mali kodwa akubhaliwe kusiqinise­kiso sakhe somholo ukuthi ingeyani.

“Ngingomuny­e owayihola leyo mali kodwa ngabe ngizitshel­a ukuthi yiyo lena kaZuma ayimemezel­a okumele sikhokhelw­e yona. Nokho yangena inyanga eyodwa ngemuva kwalokho ayangabe isabuya. Kunezindun­a esasinazo esezadlula emhlabeni esibona ukuthi imindeni yazo iyogcina isele ngaphandle bese kunikwa abavale izikhala zazo ekubeni kwaziwa ukuthi le mali ayizibali izinduna ezingene ngowezi-2016,” kusho uNkk uNhlebela.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa