Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

Indodana yesisebenz­i sosizo, uSophie Petronin, owathunjwa iJihadists kuleli lizwe ngasekuphe­leni konyaka wezi2016 ithe ngesonto elizayo izondiza iye kuleli lizwe elisentsho­nalanga ne-Afrika ukuyolungi­selela ukukhululw­a kwakhe. UPetronin (70) kwakufanel­e akhululwe ngumholi weqembu eliphikisa­yo, uMnu uSoumalia Cisse, ngokushint­shanisana ngokuthi uHulumeni waleli lizwe ukhulule abasolwa ngokuba kuleli qembu ababeboshw­e ngamaphoyi­sa aleli lizwe. USebastian Chadaud-Petronin utshele abezindaba ukuthi ubehambela iBamako kodwa ubengakabi naso isiqinisek­o esisemthet­hweni sokuthi unina uzokhululw­a. Amadoda ayehlome ngezibhamu athumba uPetronin ngoZibandl­ela wezi-2016 edolobheni elisenyaka­tho yezwe iGao lapho ayephethe khona inhlangano eqondene nezingane ezingenaba­zali.

EMali:

Kuleli sonto abaholi beWest African Regional Bloc babike ukuthi lonke unswinyo olwabekwa phezu kwaleli lizwe ngemuva kokuvukelw­a kombuso amasosha okwakhipha esikhundle­ni uMengameli uBoubacar Keita, luyasuswa noma luyehliswa. Lolu nswinyo obelukhuba­za leli lizwe lususwe ngemuva kokuphakan­yiswa kukaColone­l uBah Ndaw osathatha umhlalapha­nsi njengoMeng­ameli wesikhasha­na kwathi uMnu uMoctar Oune yena waqokwa njengoNdun­ankulu. Lo Hulumeni wezinguquk­o kulindelwe ukuba udonse izinyanga eziyishumi nesishiyag­alombili.

Kulo leli sonto leli zwe limemezele abaholi abasha kodwa okubonakal­e kakhulu ukuthi izikhundla eziphezulu zinikwe noma zitholwe yizikhulu zamasosha. Okungase kube ukuhamba phezu komqulu wezepoliti­ki owawukhish­we ngamasosha othi izikhulu eziqokwayo uMengameli kufanele aqhamuke kuwo, kodwa lokhu kwathola ukugxekwa nokuphikis­wa umfelandaw­onye wabagxeki bakaHulume­ni waphambili­ni owawuhola imibhikish­o eyayiqondi­swe kuwo.

Abafuduki abayisi-8 bafile kwathi abali-12 baduka olwandle ngemuva kokuthi abashushum­bisi bebaphoqe ukuba behle esikebheni ogwini lwaleli lizwe ngokusho kolunye uphiko lwenhlanga­no ye-United Nations olubhekene nabafuduki. Abafuduki ababalelwa kuma-34 abebegibel­e lesi sikebhe okukholwa ukuthi bonke ngabomdabu base-Ethiopia, bebezama ukubuyela emuva ngemuva kokwehlule­ka ukungena eYemen. Abasindile abali-14 bathole usizo lwezempilo khona kuleli lizwe ngokusho kwe-Internatio­nal Organizati­on for Migration (IOM). Izinkulung­wane zezisebenz­i zase-Ethiopia ezisuke zifuna ukuya eSaudi Arabia ziwelela eYemen inyanga nenyanga, kepha imikhawulo ehlose ukunqanda ukusabalal­a kokhuvethe kuleli lizwe elihlaselw­e yizimpi yenze lolu hambo lwaba yingozi enkulu lwaphinde lwaphoqa abaningi ukuba babuyele emuva.

EDjibouti:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa