IBelgium ibophe abathathu baseRwanda
Ihhovisi labashushisi bakaHulumeni eBelgium selibophe abantu abathathu abadabuka eRwanda ababekwe amacala okwephula imithetho yamazwe omhlaba ehlobene nokubulalana kwezinhlanga ngowe-1994. Lokhu kuboshwa kwenzeka ngesikhathi abasinda kulokhu kubulawa befuna kusheshiswe ezobulungiswa zamazwe omhlaba kanti iBelgium eyayiwumbusi wamakolini eBurundi, eCongo kanjalo naseRwanda ifuna ukwenza okuningi ukuze ihambisane nesikhathi sayo sangaphambilini.
Amasosha aleli lizwe ayengawohlanga lwamaHutu abulala abohlanga lamaTutsi abayizi-800 000 kanye nalabo ababewaseka amaTutsi bengamaHutu ezinsukwini eziyikhulu ngowe-1994.
Abashushisi baseBelgium ababili kulaba abathathu baboshwa ngemuva kokusesha kwamaphoyisa edolobheni iBrussels kanye nasesifundazweni saleli lizwe iHainaut ngoMandulo mhla zingama-29 kuya zingama-30.
“Uphenyo luqhutshwa ngamaphoyisa aseBrussels futhi lolu daba luthinta ukwephulwa okukhulu komthetho wamazwe omhlaba wamalungelo abantu okwenzeka eRwanda ngesikhathi kubulawa abohlanga lwamaTutsi ngowe-1994 eKigali ezindaweni iGikondo neKacyiru,” kusho isitatimende sabashushisi.
Ihhovisi labashushisi alivezanga ngqo ukuthi ngobani laba ababoshiwe futhi alivezanga ukuthi iliphi iqhaza abalibamba kulokhu kubulala.
Ngenyanga uMfumfu abasinda ngesikhathi sokubulawa kwabohlanga lwamaTutsi bathi inkantolo eyisipesheli ye-United Nations( UN) kwakufanele ishusise ngokushesha isicebi uMnu uFelicien Kabuga ngamacala okuxhasa ukubulawa kwamaTutsi.
Kuzokhumbuleka ukuthi Inkantolo yaseFrance yanquma ukuthi uKabuga icala lakhe lilalelwe yinkantolo ye-UN. Kulezi zinyanga ezedlule kunodaba lokuboshwa kwaloyo obekwa njengeqhawe kungqayi yaseUSA, uMnu uPaul Rusesabagina, eyayikhuluma ngokubulalana kwezinhlanga kuleli lizwe ngonyaka we-1994 kodwa manje obhekene necala lokuphekula. Kuvele izindaba zokuthi unqatshelwe ibheyili ngesonto eledlule obese kungokwesibili kwenzeka.