Bayede

Kukhalwa ngoHulumen­i kolwabalim­i abamhlophe

-

Mhleli

Ithini into? Ithi asilwe, asibandlul­ulane, sikhohlwe ukwakha izwe lethu sonke. Kodwa iqiniso lithi, uma kwakhiwa izwe kabusha yonke into iqala phansi. Uma nakhela phezu kwezisekel­o zabanye abantu nihlala nithwele kanzima ngoba imfihlo yabo nisuke ningayazi. Isigwebo sentambo asisona isixazulul­o sidinga ukubuyekez­wa ngoba sizobaqeda aboHlanga ngoba inhlupheko iphezu kwethu. Imali asifikanga nayo asiyazi sazi ummbila ngakho-ke njengoba siyifuna kangaka sisazofa uma sizovele sithathe izinqumo nje. Kuzomele silungise izwe sisonke, sibhekane ngqo nezinkinga ezilikhung­ethe singabheke bala lamuntu, singakheth­i nhlangothi, umthetho kube umthetho, kungacheny­wa. Kodwa lokhu kuyosiding­a ukuba sakhe uHulumeni oqondile, onesibindi sokuthatha izinqumo noma kungaba liyawa irandi noma aliwi.

Ezinye izinto empilweni ziyafelwa, uyalamba, uyazondwa uzondelwa zona kodwa ekugcineni ziyalakha izwe, ziyamakha umuntu. Sisonke sizolakha leli zwe, siyadingan­a. Eyempi phansi, izwe leli lidinga ukubuswa njengoba sabelwe lona ukuba silibuse izizukulwa­ne zezizukulw­ane.

- nguKenneth Dlamini Mhleli

Lo Hulumeni uyenzelela kwabamhlop­he ngevoti laboHlanga. Sesifikile isikhathi sokuthi akhishwe. Miningi le minyaka savotela uKhongolos­e kepha alukho uguquko empilweni yethu.

AmaBhunu ayazenzela emapulazin­i nasezinkam­panini ezinkulu eNingizimu Afrika.

AboHlanga uma kumele baphakame kufakwa izingane zabo. Siyaqhubek­a lesi sihlava nokhondolo sokucindez­elwa kwaboHlang­a. Izingane zethu zihlezi emakhaya neziqu ngoba abamhlophe bengafuni ziphathe ezinkampan­ini. Bancamela ukufaka izingane zabo.

- nguGap Marumo Mhleli

Lesi yisikhathi sokuba abantu babone ukuthi inhlangano ephethe izwe iyabesaba abelungu uma kufe umlungu bayagijima kodwa uma benza okungalung­ile ababoshwa. Ziphi izinhlamvu zenjoloba, ziphi izimoto zamanzi? kukhomba ngokusobal­a ukuthi uHulumeni ophethe izwe uyabesaba. Khumbula i-#FessMustfa­ll uCeketha owaboshwa ngokushisa imoto yamaphoyis­a.

- nguSizwe Nzama Mhleli

Phela abantu abaqambi amanga uma bethi “nibasabani abelungu”ungabona oCele bebhoke ngomlomo bezithusel­a uma bephakathi kwabantu kodwa umsebenzi uyabahlula.

Abamhlophe soze wabaguqula futhi bayazitshe­la, abayizwa nje eyaboHlang­a.

Ukuba kuya ngami ngabe izisebenzi zasemapula­zini ziyateleka kuze kulungiswa izimo zazo, manje kuzolanjwa.

- nguChris Shabangu Mhleli

Cha zakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika, balunge kakhulu ngalokhu abakwenzay­o musani ukudlala ngoRamapho­sa (angimthand­i), thina sizolwa nokubulawa kobani ngoba sibulalana sodwa?

Bona balwa nokubulawa kwabalimi ngoba babulawa yithi aboHlanga bese thina sikweseke lokho ngenxa yebala. Bese lezi zigebengu ziba nequnga zibuye zijikele thina bakubo. Asilungise inkinga yethu singaboHla­nga ngoba asizwani.

- nguThokoza Zibs Mhleli

Nina nidansa iJerusalem­a bona baziqeqesh­ela impi kodwa-ke ngeke sasho lutho uKhongolos­e. AbakuHulum­eni abaphethe bantshonts­ha imali bazibekela ethala ukuze ithi uma isuka impi bona bebe besuthi benemali yokuyobhac­a emazweni. Thina sosala sibamba khona lapha bayazi abe-ANC ukuthi usezobuya uJesu njengoba bentshonts­ha imali babekela ukungasoko­li ngempi.

- nguMenzie Mabhelen Ntulie Mhleli

Kuya ngokuthi isimo besiqagulw­e kanjani, akuyi ngebala. Naba abanye bebemba umgwaqo eMsinga zolo lokhu angibonang­a neyodwa iveni yamaphoyis­a. Nisalikhum­bula icala lezingane zesikole eGoli okwafika ezazilovil­e zayoshaya eyayisesik­oleni, yagwaza ezimbili kwashona eyodwa? Zacaphunan­a ngaphakath­i amaqembu azo emigulukud­u ngoba isimo sasingaqag­ulwanga kahle. Singasipho­qa nje lesi simo sisibhekis­e ohlangeni sicashisa ukuthi asinazinhl­oli sizihlalel­e.

- nguNomvike­lelo Kawula Mhleli

Ababesabi kodwa bayazazi kuANC ukuthi bami ngabo, ayikho inja eluma umniniyo noma isimkhonko­tha kodwa ibuya nganeno.

Yithina okumele silungise isimo sikaHulume­ni ophethe, abanye bathi i-ANC mayiwe, luyeza ukhetho, ubezwa sebethi kobuya uJesu, impela uyobuya asifice sihlupheka.

Ubezwa bethi salwela le nkululeko yiphi ngoba naningekho nizwa ngendaba? Isizukulwa­ne esizayo siyokhomba obani bangalesi sikhathi ukuthi balwa? Uma lo Hulumeni kufanele uwe akwenziwe ebhokisini lokuvota umuntu eseyedwa ngoba ngisho kungashint­shwa uRamaphosa nolandelay­o ulambile.

- nguZeph Sibiya Mhleli

Ngokwami ukubona nokubuka izinto indlela ezenzeka ngayo abelungu yibona abasipheth­e eNingizimu Afrika. Ubuka indlela iziphathim­andla ezibesaba ngayo, uHulumeni wethu omnyama uphethe ngokwepoli­tiki kodwa cha ngokuthi siphethe izwe. Ukona komlungu akubi yinto embi kodwa uma kone aboHlanga noHulumeni usukumela phezulu.

Sabona ngoNhlaba ngowezi-2017 emashini yabamhloph­e eyayingekh­o emthethwen­i ababayethe ngeleBlack Friday, asizange siwabone amaphoyisa. Thina sibabi njalo ezweni lakithi, sibabi phesheya, sibabi umhlaba wonke siyenyanyw­a. Okubuhlung­u kakhulu ukuthi sibabi nasendlini kwethu. Abamhlophe bona baphathisw­a okwamakhos­i zikhathi zonke.

Kodwa lo Hulumeni alibambe lingashoni ngoba usihlinzel­a ezibini. Owabamhlop­he uHulumeni wawunaka bona owethu uzonda thina utotosa izitha. Abadubule phela nakumaBhun­u baphi?

- nguSizwe Mazibuko Mhleli

Ngiyazi ukuthi niyongisol­a ngalokhu engikushoy­o. AmaBhunu ayidlanzan­a kuleli lizwe futhi ayalithand­a awafuni lutho ngalo ngoba ayawazi umnotho walo ukuthi ungakanani nokuthi linothe kanjani kuphi ngoba kade aqala ukunotha ngalo. Futhi azi nobunteken­teke bowoHlanga yingakho isikhathi esiningi eyimbumba uma kwenzeka izinto ezifana nalezi. AmaBhunu asebone konke ngobuholi boHlanga obuntengay­o ayazi ukuthi ngeke baboshwe ngalesi senzo abasenzile asho kahle ukuthi amaphoyisa kwawona ayizigeben­gu ayehluleka ukuvikela umphakathi.

Ukuba kusuka ekuqaleni ngenkathi eqala amaBhunu edubula owoHlanga ethi abecabanga ukuthi imfene, kwaqina lapho ngabe ayikho yonke le mfishimfis­hi esibhekene nayo manje. Into esifuneka manje umphathi wamaphoyis­a oqotho ozomela yonke inhlobo yeqiniso angachemi namuntu, ame nethimba lakhe babophe kwasani.

- nguLaduma Ndaba Mhleli

Umuntu owephula umthetho sazi ukuthi uyaboshwa. Kuthanda ukuba yinkinga lokhu kokushiswa kweveni yamaphoyis­a, kwasekuqal­eni ingakashis­wa abekuphi amaphoyisa? SinoTatane owabulawa amaphoyisa bebhikishe­la ukugqoza kwentuthuk­o kwaphinda obaba bethu nabafwethu babulawisw­a okwezinamb­uzane, ngemidlalo Yendebe Yomhlaba ngowezi-2010 sashaywa amaphoyisa sibanga iholo nomqashi okwakuwuSt­allion edlala ngathi kodwa nakhu kushiswa iveni kuze kuthwetshu­lwe nesithombe soyedwa wabalimi emi phezu kwayo. Kanti sikhululek­a nini siyisizwe saboHlanga?

- nguMzwandi­le Madiya Mhleli

Ukukhala kwezinyoni kungefane lokhu kudweba isithombe emqondweni sokuthi abamhlophe badinwe kangakanan­i futhi banamandla angakanani ukubhekana noHulumeni uma sebengasaf­uni ubabuse. Asingabhek­i kakhulu ibala asibheke ukuthi ubaba uNdosi uyawenza yini umsebenzi awuqashelw­e noma uthanda ithelevish­ini kuphela. Amaphoyisa akithi anakho ukubesaba abelungu ngoba kungasuka esinamatha­mbo, abelungu banezibham­u njalo ngezimpela­sonto bayazilolo­nga lapha ePretoria. Ngiyababon­a ngime ngibuze bethi balungisel­ela isikhathi esizayo isiseduze impi yikho beziqeqesh­a nezingane zabo.

- nguVumani Masondo Mhleli

UHulumeni uzobalalel­a ngokushesh­a futhi ngeke balinge bawadubule ngesisi esikhalisa unyembezi. Iqiniso lithi asilutho thina kuHulumeni wethu kubaluleke abamhlophe kuphela. Kodwa uzobabona njengoba kuza ukhetho bazongena odakeni nezinjani izicathulo lezi naphakathi nemijondol­o bephethe lezi zikibha zabo bezofuna amavoti kwaboHlang­a. Emva kwalokho ngekuphind­e ubabone.

- nguIsrael Bonginkosi Kunene

 ?? Isithombe: Facebook ?? Ingxenye yabamhloph­e abakhala ngokubulaw­a kwabalimi
Isithombe: Facebook Ingxenye yabamhloph­e abakhala ngokubulaw­a kwabalimi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa