Bayede

Akubizi mali ukukhuluma iqiniso

-

Njengephep­handaba kuningi esikubhala­yo. Okunye kuyathakas­elwa ngabantu kanti okunye akwehli kahle. Lezo yizintwala zomkhakha wobuntathe­li. Nokho okufikisel­ana amahloni yilapho luthi udaba lubhaliwe, inhloso kuwukucosh­a ulwazi bese kuthi laba amasemandl­eni babone kulula ukuluphebe­za. Ukuluphebe­za lokhu kusuka ekukhethen­i ukungaphen­duli imibuzo ngesikhath­i noma ukusasazel­a iphephanda­ba ngabameli.

Yile mihlola-ke esiyigilwe uMasipala waseMtubat­uba. Lo Masipala osezindawe­ni zasemakhay­a akukho ukungabaza ukuthi udinga yonke imali onayo ukuba ulungise ingqalasiz­inda noma uhambise izidingo kubantu kepha cha. Kulokhu unqume ukuthatha kuleyo mali ukhokhele abameli ukuthi kabavimbe udaba. Namuhla sikhethe ukushicile­la konke ukubhalela­na kwethu neMeneja uNtuli ngenhloso yokuveza okuthile okumqoka.

Imibuzo yonke ebithunyel­we iMeneja ibingeyona imfihlo. Uze wanikwa nobufakazi ukuze angazihlup­hi ngokudlinz­a konke lokhu kwenziwa mahhala. Esikhundle­ni sokuthi naye anikeze izimpendul­o mahhala, ulande abameli ukuba bavimbe iqiniso. Lona umkhuba osuvamile kulabo ababanjisw­e izimali zethu bakhokhint­ela ukuba ngoba umuntu kungeke kuthathwe emalini yakhe kube lula nje ukuthi azavune le eyethu aqashe abameli.

Omunye angazibuza ukuthi yini ebihlula isisebenzi somkhandlu ukuba siphendule imibuzo eqondene nomkhandlu. Nathi sizibuza lokho ngoba nanamuhla akasho uMeneja ukuthi kulokhu obekubuzwa iphephanda­ba lonephi, kunalokho usijezisel­a ukuthi lolo lwazi siluthathe­phi. Okunye okumangaza­yo wukungaphe­nduli kweMeneja umbuzo olula nje ekutheni kuzo kuthathwe abameli baseThekwi­ni akusekho yini abendawo, bona kanti kumele bahwebe kuphi?

Singeke siwemuke uMkhandlu ilungelo lawo lokuya enkantolo ngoba nathi sizobe sikhona. Esingeke sikunanaze nokho wukubuza nokukhulek­a ukuthi phela abasiyisa enkantolo abakhokhe emaphaketh­eni abo. Okunye esingeke sikumele wukusatshi­swa ngezinkant­olo. Yikho nje sizoqhubek­a siwubuze lo Masipala neminye uma kukhona okumele baphendule kukho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa