Bayede

Siyotakulw­a kuze kube yinini?

Ukutshela izakhamuzi iqiniso ngesimomno­tho okuyosiwez­a siyeke ukuba ngokhangez­ile nsukuzaphu­ma

-

UHulumeni ungumzali kithi sonke. Nguye osibonelel­a kokuningi. Nokho kungaliphu­tha ukuba kwamukelek­e ukuthi lo mzali onguHulume­ni sekuyoba nguye osifukula nsukuzaphu­ma ungunaphak­ade.

Iqiniso lithi noma ngabe uyathanda ukwenza njalo ngeke akwazi ngoba phela nayo leyo mali uHulumeni kumele ayithathe kithi. Uma thina mphakathi singenawo amandla omnotho ngeke kunyakaze lutho. Eminyakeni engama-26 eyedlule lo Hulumeni usithwale ezintweni eziningi.

Kusuka ezimpeshen­ini zokukhula nalezo zesibonele­lo. Usithwale lapho enzela abantu izindlu kokunye abantu abangabong­i ngoba ubenzela namuhla kusasa bavuke sebeqashis­e ngayo indlu leyo. Ngenxa yomlando wethu uHulumeni uhlelembel­e ukuba singene kwezamabhi­zinisi nayilapho elungise inqubomgom­o yezamabhiz­inisi ebiqinisek­isa ukuthi labo ababe cindezelwe bayangena. Zolo lokhu uhambe wayoboleka imali phesheya ethi wenzela ukuthi thina singazitho­li sesigubuze­lwe wukhuvethe.

Nokho umbuzo omqoka ngothi kuyoze kube nini kwenzeka lokhu. Kuyoze kube nini sitakulwa. Khona lo mzali osibeletha kukho konke uyokwazi ukwenza lokhu kuze kube yinini? Izimpendul­o kule mibuzo zimqoka ngoba yizo ezingaleth­a inqubomgom­o engcono. Ngeshwa lena esisayinik­wa nguMengame­li uRamaphosa kanye noHulumeni wakhe ungeke uthi iletha isixazulul­o esingunaph­akade. Zehluleka ngisho ukuqondana nemiklamo yakhe uHulumeni azibekele yona.

Uzothi omunye ngabe yini pho okumele yenzeke? Umbono wethu uthi okuyosikhu­lula lapha yiqiniso. Yiqiniso lapho abaholi bethu bevezela isizwe izingqinam­ba esibhekene nazo. Yiqiniso elizosho ukuthi isimo esikuso singahle siphoqe ukuthi senze isizukulwa­ne esithize njengalesi sethu umnikelo ukuze esizayo singaphind­e siphile le mpilo. Lokhu kungethusa kepha amazwe asimeme enza njalo, azincisha okuthile ukuze kuphakame okuthile.

Nokho ukhiye usekuthemb­aneni kwabaholi nomphakath­i ngoba angeke kulunge uma kuthiwa akube ngabantu abazincish­a okuthile kepha abaholi bona kubonakale beqhubeka nempilo ethize. Ngakho uHulumeni kumele achithe isikhathi esiningi edala ukuzwana, ukuthemban­a phakathi kwakhe nezakhamuz­i. Okuyothi uma lokho sekwenzeki­le bese ekwazi ukukhuluma amaqiniso ababayo ngomnotho wethu. Asikho esinye isikhathi esedlula lesi esikuso ukuthi lokhu kwenzeke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa