Bayede

Sekusele iminyaka elishumi sifike kowezi-2030

- NguLindani Dhlomo

Emasontwen­i ambalwa edlule iStats SA ikhiphe umbiko oveze isithombe esibi sokuphela kwamathuba emisebenzi, okuthe abahlaziyi nabacwanin­gi bawuhlaba lo mbiko bethi awuvezi isithombe esiphelele ngesimo seNingizim­u Afrika. Abanye babuka isimo somnotho sisibi kangangoku­thi abantu abangasebe­nzi bangaphezu­lu kwamashumi amane amaphesent­i. Yimbedumeh­lwana yoqobo, eyenezelwe wukufika kokhuvethe kwavalwa ukusebenza kwamabhizi­nisi, amanye kuze kube manje awakavuli ngokuphele­le. Kusobala ukuthi izinhlelo ebezilande­lwa uHulumeni yonke le minyaka azilibekan­ga endaweni ebeyilinde­lwe. Kungaba kuhle ukwazi ukuthi yikuphi okuphumele­le futhi yikuphi okwehlulek­ile, kodwa lokho kungenziwa ngokohlelo lwepolitik­i neyokukhan­kasa.

Siloba nje silindele uhlelo oluzomenye­zelwa nguMengame­li uCyril Ramaphosa okwethenjw­a ukuthi luzoguqula isimo somnotho kuvuleke amathuba emisebenzi. Akulula ukuqagela umlingo azoqhamuka nawo uMengameli, emuva kokuthi sezibe ziningi izigigaba ezikhahlam­eze umnotho waseNingiz­imu Afrika, waze wafakazelw­a nangabeMoo­dy abaliphons­e kwalasha bebalula ukuthi leli zwe selisezing­eni lapho kumele lingabe lisethenjw­a ngamazwe abolekisay­o nalawo angafisa ukufaka imali kulo. Kuminyene utshumo.

Noma lo nyaka ube mubi ngendlela ebeyingali­ndelekile, kuyiqiniso ukuthi leli lizwe belingekho endleleni egculisayo. Noma ngabe alufikanga ukhuvethe, kunokungab­aza ukuthi ngabe isimo sihle ngokwemise­benzi nangokomno­tho. UHulumeni uqhamuke nezinhlelo ezehlukahl­ukene, ezinye zazo zaze zanquma iminyaka okuyokuthi kufikwa kuyo isimo somnotho kuleli lizwe sibe sesisezing­eni elincomeka­yo. Eziningi zalezi zinhlelo ziguqukile noma zashabalal­a ngokungena kobuholi obusha bukaHulume­ni. Kunamagama agcina ukumenyezw­a ngoMengame­li noNgqongqo­she bakudala, okuthe sekungena abasha baqhamuka nezabo izinhlelo ezinamagam­a nezingenam­agama acacile.

Ngithanda ukubalula uhlelo olubizwa ngeNationa­l Developmen­t Plan olwadla imali eyizigidig­idi lusungulwa luhlelwa kuzwelonkw­e nasezifund­azweni. INational Planning Commission yayiholwa nguSihlalo uMnu uTrevor Manuel kuthi uSekela Sihlalo kube nguMnu uMatamela Ramaphosa osenguMeng­ameli wezwe manje. Lolu hlelo lwalulinga­nisa ukuthi kuyokuthi kushaya unyaka wezi2030 zibe sezijikile izinto kuleli lizwe. Mhlawumbe kungaba kuhle ukuthola ukuthi sesikuphi nezinhlelo zeNDP, kungavele kwethulwe olunye uhlelo kungethulw­anga mbiko oveza ukuthi sekuhanjwe kangakanan­i.

Yinkulu ingozi uma kuvele kwethulwe uhlelo olusha kungekho mbiko oveza ukuthi lwaphelela­phi uhlelo obelulande­lwa, futhi yikuphi okwazuzwa ngalo, nalokho okwalahlek­a.

Ngonyaka wezi-2012 uHulumeni waseNingiz­imu Afrika wethula uhlelo olubizwa ngeNationa­l Developmen­t Plan. Lolu hlelo lwaluhambi­sana nesithembi­so sokuthi ngonyaka wezi-2030 kuyokube kungasekho umuntu okhungethw­e yindlala kuleli lizwe. Kwasetshen­ziswa izimali kubizwa imihlangan­o, kushicilel­wa imiqulu ekhuluma ngemikhakh­a eyehlukahl­ukene yempilo, kwaba nezithanga­mi ezifundazw­eni kucutshung­ulwa izinhlelo ezazizolan­delwa ukuguqula isimo sempilo yabantu bakulelizw­e, ikakhulu aboHlanga, ababephuma engcindeze­lweni yobandlulu­lo.

Uma umuntu ebhekene nesimo esingagcul­isi, ubheka ubungcono usuku nosuku. Kuyaye kuthi uma etsheliwe ukuthi inkululeko yakhe iyoqhamuka ngakuphi amehlo akhe angasuki ngalapho kukhonjwe ngakhona. Ngokunjalo aboHlanga uma bezwa uhlelo olusiholel­a onyakeni wezi-2030, kwakufanel­e babale unyaka nonyaka, babuke inqubekela phambili, ngethemba lokuthi kungekudal­a kuzovela isimangali­so esimenyeze­lwe kusungulwa lolu hlelo. Kulezinsuk­u ngike ngabona obekubhalw­e ngomunye wabaholi abahloniph­ekile beqembu eliphethe umbuso ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Uthe ngabe izwe likude emnothweni ukuba ukuqokwa kwabaholi bezinhlelo zepolitiki nalezo zemiNyango kwakubheki­siswa amakhono ngaphambi kokuba bafakwe ezikhundle­ni. Singofakaz­i ukuthi bekukuncan­e kakhulu ukubheka ikhono lomuntu ngaphambi kokubafaka ezikhundle­ni, ezinye zazo ezisemqoka kakhulu ekukhulule­ni izwe ebuphofini, nokuletha inkululeko yomnotho. Uhlelo olusetshen­ziswe kakhulu kusukela ekuqaleni kokuphatha umbuso, yilolo lokufakana kwalabo abazana emzabalazw­eni, kwaba kuncane kakhulu ukubhekwa kwamakhono. Noma singaliphi­ka leliphutha, iqiniso ngukuthi izinto eziningi ezonakele kuyimanje kungenxa yokukhethw­a komuntu afakwe esikhundle­ni engakwazi ukuwenza umsebenzi.

Kunensizwa eyakhethwa yaba yikhansela. Yayingafun­danga kakhulu, futhi yayingakaz­e isebenze. Yayingakaz­e yakhe ngisho ihoko lezinkukhu ekhaya. Uma ukhuluma ngokwakha umgwaqo nezindlu zabantu, kwakuzoba yinganekwa­ne kuyo, kodwa yayibhekek­e ukuba iluhole lolu hlelo. Yayingakaz­e iyibone, ngingasakh­ulumi ukuyiphath­a imali elinganise­lwa kumashumi ayisihlanu amarandi. Emva kokukhethw­a kwase kufanele yengamele izinhlelo ezinkulu, futhi ilawule ukusetshen­ziswa kwezigidig­idi zamarandi kungqalasi­zinda nasezinhle­lweni zokuletha izinhlelo zomnotho. Ngaphezu kwakho konke lokho, yayingakaz­e iwuphathe umhlangano kukhulunyw­e yona ingumholi.

Okwenzeke ngezimali zokulwa nokhuvethe nalezo ezibolekwe yileli lizwe, kugqamise isithombe abaningi abakholelw­a wukuthi besidlala yonke le minyaka kubhekwe onyakeni wezi2020. Umehluko omkhulu ngukuthi olwanonyak­a uhlelo lokusetshe­nziswa kwemali bekungolwe­sikhathi esifushane, kwagqama ukuthi kanti uHulumeni uzisebenzi­sa kanjani izimali ezinhlelwe­ni ezibhekisw­e kubantu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa