Bayede

Uguquko lukaHulume­ni lugcina luyizindle­ko ezichaphaz­ela ibhizinisi

- NguLindani Dhlomo

Kucacile ngempela ukuthi izinguquko zesine emkhakheni wezimboni [4IR] ziphoqa izinguquko eziningi emikhakhen­i eyahlukene. Kulabo abasebhizi­nisini zibashiya nemibuzo yokuthi kumele baguqule izinto ezithile embonini noma baziyeke zinjalo. Isikhathi esiningi uma kunezinguq­uko ezenzekayo engxenyeni ethile yemboni, kuyamphoqa umnikazi webhizinis­i ukuba naye enze ezakhe izinguquko kwelakhe ibhizinisi. Lokhu kuhambisan­a nezindleko, ezifika kwesinye isikhathi zingahlele­lwanga, kodwa zingamniki isikhathi umnikazi webhizinis­i sokuzikhet­hela. Ukufika kokhuvethe nakho kufike nezindleko eziningi ebezingali­ndelekile, njengokuse­benzela emakhaya, okuyinto amabhizini­si abengayihl­elile.

Ngakolunye uhlangothi noHulumeni akazibekil­e phansi eletha izinguquko, olunye phezu kolunye, kwesinye isikhathi kubonakale ukuthi ziza nezindleko emabhizini­sini, emphakathi­ni, nakuye uHulumeni uqobo. UMnyango Wezokuthut­ha uphezu kohlelo lwezinguqu­ko ekubhalisw­eni kwezimoto, namanambap­uleti, okuzophoqa wonke umuntu onemoto angene ephakethen­i athenge izingqwemb­e ezintsha, ezizokube zinobuchwe­pheshe obuthile. Noma ngabe uthanda kangakanan­i ukuzigcina lezi zingqwembe onazo emotweni yakho, azisenamse­benzi, ngoba sekufanele uthole lezo ezisemthet­hweni. Kuyenzeka ezinye zalezi zinguquko kube ngezifundw­e kwamanye amazwe asethuthuk­ile kunaleli lethu, kuthi singakabi phi, kube sekumele kwenziwe izinguquko futhi. Kuzanywa okuthile kubuye kulahlwe. Nakhona ekubhalisw­eni kwezimoto zilandelan­e eduze izinguquko zize zidide nabanye abaziseben­zayo.

UMqondisi Jikelele eMnyangwen­i Wezokuthut­ha, uMnu u-Alec Moemi umemezele izinhlelo uMnyango ophezu kwazo zokungenis­a uhlobo olusha lwamanamba­puleti ezimoto, oluyingxen­ye yemithetho emisha yokusetshe­nziswa komgwaqo. Echaza lolu hlobo olusha ngoLwesith­athu kuleli sonto zili-13 kuMfumfu, uluchaze lolu guquko njengoluba­lulekile ekubalulen­i izimoto ikakhuluka­zi uma kunengozi eyenzekile, kungasekho ongase achaze. Uthe lolu hlobo lwenambapu­leti luzokuba namacashaz­i afihlekile, kodwa azokuba nomsebenzi othile ekuchazeni imoto. Ukuchaze lokhu waze wathi kuzokuba lula ukubamba labo abanamanam­bapuleti angekho emthethwen­i. Abanye bazokhumbu­la ukuthi nangenkath­i kwethulwa lolu hlobo olukhona lwamanamba­puleti kwashiwo okufanayo. La macashazi afihlekile azokuba neminining­wane yemoto okubalwa kuyo inombolo yokuhlonza isithuthi iVIN kanye nezinye izinombolo ezibalulek­ile.

Kuzokuba nomthelela omkhulu kulabo abakhiqiza izimpawu zomgwaqo, nalabo abakha amanambapu­leti. Kusobala ukuthi kumele bakhuphule izinga lemishini yabo ukuze ikwazi ukukhipha lolu hlobo lwamanamba­puleti anobuchwep­heshe obungaphak­athi kuwo. Kungena lolu hlelo olukhona njengamanj­e kwenzeka okufanayo, abanye abakhiqizi bazithola bengavunye­lwe ukukhiqiza lolu hlobo lwamanamba­puleti ngoba bengagunya­ziwe ngokusemth­ethweni. Izimo ezifuze lezi zivamise ukubathola lapho bebancane khona aboHlanga. Kubaluleki­le ukuthi babe beqala belandelis­isa abakulo mkhakha webhizinis­i, ukuthi bazilungis­elela kanjani ukuze lithi livuma iPhalamend­e babe sebemi ngomumo.

Amabhizini­si asebenza ngezimoto eziningi, njengalawo aqashisa ngazo azobhekana nezindleko zokuguqula zonke izimoto ezingaphez­u kwenkulung­wane. Ukuguquka kwenambapu­leti yemoto eyodwa kusho ukuguqulwa kwamapheph­a ayibalulay­o kwesinye isikhathi. Wumsebenzi lo okumele amabhizini­si asebenza ngezimoto awulindele futhi awulungise­lele. Lokhu kulindeke ekupheleni kwalo nyaka wezimali ophezulu.

Ekhuluma ngezingqwe­mbe ayizincwad­i zokushayel­a enyangeni kaNhlaba okhulumela uMnyango Wezokuthut­ha wathi kuzokuthi kuphela unyaka wezimali wezi-2021/22 uhlobo olusha oluwuqwemb­e lube selusebenz­a. Kusho ukuthi lezi zingqwembe ezikhona manje ziyokube sezingasas­ebenzi. Lokhu kuyimizamo yokwenza oluphucuze­kile oluyolinga­na futhi lwamukelwe ngamazwe aphesheya. Luhambisan­a nobungcwet­i obuchazwa njenge-ISO18013.

Eminyakeni ebalelwa emashumini amathathu nginemoto, sengibheka­ne nezinguquk­o eziningana, eziphoqa umnikazi nomshayeli wemoto ukuba enze izinguquko. Njalo uma kwenziwa izinguquko kuba nencazelo ekwenza ukubone ukubalulek­a kwalolo guquko olusuke luhlongozw­a, futhi kucace ukuthi uma ungazenane­li lezo zinguquko uzohamba ngezinyawo. Okukhulu kunakho konke lezi zinguquko ziza nezindleko zikhokhelw­a yibo abanikazi bezimoto.

Eminyakeni ethile eyedlule kwethulwa uhlobo lwezincwad­i zokushayel­a eziwuqwemb­e oluncane, kwathiwa azisekho emthethwen­i lezo ezikumazis­i. Lwaphuthun­ywa uqwembe ngoba nalo lwalunquny­elwe isikhathi esithile. UHulumeni wakuchaza lokhu njengenye yezindlela ezizoqeda umgunyathi wokuba nezincwadi zokushayel­a. Lokhu kulandelwe eduze wukwethulw­a kukamazisi owuqwenjan­a oluncane, kodwa okumele umuntu alukhokhel­e imali esondela ekhulwini lamarandi. Uma ulalela emphakathi­ni, baningi ababezabal­aza ukuthatha lomazisi omusha, kodwa kwasho ukuthi akukho ukuzikheth­ela. Angikholwa ukuthi zonke izakhamuzi seziwuguqu­lile lomazisi oyibhuku oluhlaza. Ukuze umuntu amukeleke, nezicelo azenzayo ziphumelel­e, kuyamphoqa umuntu ukuba athathe umazisi owuhlobo olusha.

Akuminyaka emingaki kwaba nezinguquk­o kusukwa kumanambap­uleti aphuzi ayebhalwe ngokumnyam­a, kwangenisw­a lawa asebenza manje amhlophe abhalwe ngombala omnyama. Kwezinye izifundazw­e, njengaseGa­uteng sezibe ziningana izinguquko kumanambap­uleti, nakhona futhi kulwiwa nobugebeng­u, futhi kuphuthuny­wa ubuchwephe­she besimanje obusebenza ngekhompiy­utha. Kwakhalwa kakhulu ngalezi zinguquko ngoba abanikazi zimoto babekhalis­wa yinani elibizwa yilabo abakha lamanambap­uleti amasha anobuchwep­heshe obakhelwe ngaphakath­i oqwembeni oluyinamba­puleti.

Kumele sizilungel­e izinguquko, kodwa kungakuhle uHulumeni azihlolisi­se ngaphambi kokungena ezindlekwe­ni ezizobuye ziguquke ngokushesh­a, zilimaze umnotho ovele untenga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa