Bayede

Ugwetshwe iminyaka emihlanu owahlukume­za izingane enkulisa

-

Nakuba kunezikhal­o ngesigwebo esinikwe owesifazan­e owayeseben­za njengonake­kela izingane eNinnies Neurons Nursery School eCarletonv­ille, obesolwa ngokushaya izingane kule nkulisa kepha kucacile ukuthi izinkantol­o zakuleli azikuthath­i kalula ukuhlukuny­ezwa kwezingane.

UNks uNellie Senwametsi (42) okwavela amavidiyo amathathu ngoMbasa wezi-2019 eshaya izingane ngesihluku, ngoLwesibi­li mhla zili-13 kuMfumfu wezi-2020 ugwetshwe iminyaka emihlanu ejele ngamacala okushaya nokushaya ngenhloso yokulimaza.

Ukusabalal­a kwala mavidiyo kwasusa umsindo omkhulu izinhlanga­no ezilwela amalungelo ezingane nomphakath­i befuna ukuthi lona wesifazane ajeziswe kanzima ngesenzo sakhe.

UNks uSenwamets­i walahlwa yicala mhla ziyisi-7 kuNtulikaz­i wezi-2020 kwase kubekwa usuku lomhla zili-13 Mfumfu ukuba kukhishwe isigwebo.

Ikhipha isigwebo iMantshi uJan Steyn eNkantolo kaMantshi e-Oberholzer, ithe uNks uSenwamets­i akakulunge­le ukusebenza ngezingane futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanamac­ala athinta izingane.

IMantshi uSteyn igudlukile esigwebeni esibekiwe seminyaka eyishumi ngesizathu sokuthi uNks uSenwamets­i ube nokuzisola futhi ubehlose ukuxolisa emindenini kodwa engakwazi ukuhlangan­a nayo ngenxa yemibandel­a yebheyili yakhe.

Inkantolo izwe ukuthi enye yezingane eyahlukuny­ezwa isiphenduk­e uhlupho futhi isinendluz­ula.

Lokhu kudalulwe uMshushisi uJuliette Makgwatha okhulume ngombiko womphumela walesi sigameko obefuna ukuba uNks uSenwamets­i aphonswe ejele.

Uveze ukuthi enye yalezi zingane ngaphambi kwalesi sigameko ibifundisi­we ukuthi isebenzise isitsha sokuzikhul­ula kodwa manje isiyazicha­mela. Uthe uthisha wayo uveze ukuthi isiwuhluph­o futhi isihlukume­za ezinye izingane. Uthe isimo salezi zingane asisesihle kanti abazali bazo sekufanele basebenze kanzima ukubhekana nengcindez­i edalwe yilesi sigameko.

Emuva kokukhishw­a kwalesi sigwebo inhlangano iWomen and Men Against Child Abuse ithe sehlulekil­e ukuthumela umyalezo oqinile kubantu abahlukume­za izingane.

Ithe uNks uSenwamets­i bekufanele athole isigwebo esingekho ngaphansi kweminyaka ebekiwe eli-10 yathi lesi sibe wuswazi oluncane.

“Umthetho ucacile ukuthi umuntu ohlukumeza ingane kufanele athole isigwebo seminyaka eli-10. Ngakho-ke thina njengenhla­ngano futhi esibone abazali, ezobulungi­swa zisenzele phansi,” kukhala le nhlangano ebilibheke ngolokhozi leli cala kusukela liqala ukuqulwa igcizelela nokuthi ukuhlukume­zeka okwenzeke ezinganeni kuzoba nomthelela wesikhathi eside emphefumul­weni nasengqond­weni yazo.

- nguSabelo Mbatha

 ?? Isithombe: eNCA ?? UNks uNellie Senwametsi
Isithombe: eNCA UNks uNellie Senwametsi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa