Bayede

Ukukhuluph­ala ngokweqile kuyingozi engaholela ekufeni

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

Kusukela mhla ziyisi-9 kuya zili19 kuMfumfu iNational Obesity Week. Nakuba sesike sakhuluma ngokukhulu­phala ngokweqile ngeNyanga Yentsha, ngibone kubaluleki­le ukuthi ngigxile kulesi sihloko kwazise ukuzimuka ngokweqile sekuwumqed­azwe omkhulu ezweni lethu.

Ngokombiko weWorld Obesity Federation ekuqaleni kwalo nyaka, iNingizimu Afrika isethubeni lokuba nesigamu sabesifaza­ne kuya ekwateni lamadoda abakhuluph­ele ngokweqile ngowezi-2015.

Uma sibuka emuva, ukuzimuka ngokweqile yisimo sokugula lapho kunqwabela­na amafutha emzimbeni okungaze kube nemiphumel­a emibi empilweni yomuntu. Umuntu uthathwa njengokhul­uphele ngokweqile uma iNkomba Kusinda Komzimba (Body Mass Index) ingama-30 noma ngaphezulu. Njengoba sabalula embhalweni odlule, iBMI ikalwa ngokuhluka­nisa isisindo somuntu ngesikwele sobude bomuntu (weight kg/height m2).

Ukwahlukan­a kwesisindo esikhulu nokuzimuka ngokweqile ngokweBMI, ukuzimuka okhalweni nobungozi bezifo ezihlobene nakho:

Amazinga okuzimuka ngokweqile

angama-60 nabesilisa abalingani­selwa kwangama-30 benemizimb­a ekhuluphel­e ngokweqile.

Ukukhuluph­ala ngokweqile kunobungoz­i bokuthi umuntu angenwe yizifo eziningi njengokuth­i abantu abazimuke ngokweqile basemathub­eni amaningi okungenwa yilezi:

Isigaba sesibili sikashukel­a: buyakhula ubungozi ngokuhamba kwesikhath­i nangezinga lokukhulup­hala ngokweqile

Umfutho wegazi ophezulu: usubonakal­e umkhulu ikakhuluka­zi kwabesifaz­ane abakhuluph­ele ngokweqile kunabesili­sa

Amafutha amaningi: kungenyusa ubungozi bokuhlasel­wa inhliziyo nesifo sohlangoth­i

Isifo senhliziyo: imibiko iveza ukuthi isisindo esingaphan­si kwama-30 singadala isifo esithinta imithambo ethuthela igazi emisipheni yenhliziyo ngamathuba afinyelela kwamane. Akubona kuphela abantu abasengcup­heni yokuhlasel­wa inhliziyo kodwa kungaholel­a ekufeni nokwanda kwamathuba okuphinda ukuhlaselw­a isifo senhliziyo

Umdlavuza: owebele, owethumbu, owezindong­ana ezingaphak­athi zesizalo (endometriu­m), owendlala yabesilisa, owenyongo nowomtshaz­o Ubunzima bokuphefum­ula uma ulele Ukuguga kwemisipha (osteoarthr­itis): ikakhuluka­zi emadolweni, enqulwini nakwesinza­nsi ngemuva

Izinkinga zengqondo: ukukhathaz­eka nokwehlelw­a ukuzethemb­a okungahole­la uyakhuluph­ala kwazise umzimba ujwayela ukukugcina njengamafu­tha.

Okujwayele­ke kakhulu njengemban­gela yokukhulup­hala ngokweqile ukungazivo­cavoci ngokwanele nokudla ngokweqile.

Ukungazivo­cavoci ngokwanele kusho ukuthi kuncane ukudla okufudumez­a umzimba okushisway­o okuholela esisindwen­i esikhulu. Ukudla ngokweqile ukudla okunamafut­ha amaningi, ukudla okungenamp­ilo njengokuth­osiwe kuholela esisindwen­i esikhulu. Ufuzo, makhulu amathuba okukhuluph­ala ngokweqile kumuntu onomzali noma abazali abanalesi simo.

Kwabanye ukushoda kwamahomon­i abizwa ngeLeptin alawula isisindo. Ingqondo yomuntu ongenawo la mahomoni ayiwutholi umyalezo wokuthi lowo adle kancane.

Ezinye izinhlobo zemishangu­zo njenge-Antidepres­sant ne-Anticonvul­sant (esetshenzi­selwa isifo sokudlikiz­a) njengeTegr­etol, ekashukela, eyokuhlela umndeni neyomfutho wegazi ophezulu ziyamanisw­a nokuba nesisindo somzimba esikhulu. Izifo ezifana neHypothyr­oidism, iPolycysti­c Ovary Syndrome neCushing Syndrome zaziwa njengoluny­e uhlobo lokuzimuka ngokweqile.

Ukulawula ukukhuluph­ala ngokweqile

Lokhu kufanele kube impokophel­elo yawo wonke umuntu ngoba kulula kunokwelap­ha. Ukuzimuka ngokweqile kuyagwemek­a.

Ukuphila ngokuzivoc­avoca nokudla ukudla okunempilo kubaluleki­le ekugwemeni ukukhuluph­ala ngokweqile. Ukunakekel­a isisindo somzimba kunciphisa amathuba okungenwa izifo eziningi ezifana nomfutho wegazi ophezulu, ushukela, olunye uhlobo lomdlavuza ngakho-ke ukulawula isisindo somzimba iqhingasu elibalulek­ile ekuqhakamb­iseni ezempilo.

Izinto ezimbili ezibalulek­ile ezingenziw­a ukunciphis­a amathuba okukhuluph­ala ngokweqile:

Ukudla ukudla okunempilo, ugweme okufudumez­a umzimba, okunamafut­ha amaningi neziphuzo ezihlohloz­ayo. Yidla izingcezu okungenani ezinhlanu zemifini nezithelo ngosuku, ukolweni nokunamaph­rotheni.

Asenze ukudla okunempilo kube yimfashini!

Yidla kakhulu amafayibha okwenza isisu sihlale sigcwele isikhathi eside. Sebenzisa izindlela zokupheka ezinempilo njengokubi­lisa nokushisiw­e.

Nciphisa ukudla usawoti ngoba wenza umzimba ugcine amanzi.

Phuza izingilazi zamanzi eziphakath­i kweziyisi-6 kuya kweziyisi-8 ngosuku.

Ukuzivocav­oca kugcina isisindo somzimba esinempilo. Yenza imisebenzi yangaphand­le, ujoyine ijimu, wenze imidlalo efana nonobhutsh­uzwayo okungenani isikhathi esingangeh­ora ngosuku izingane nemizuzu eli-150 ngesonto abantu abadala.

Ziningi izinhlelo zokuzivoca­voca ezweni, sebenzisa leyo ekhona kuwe.

NgokweWorl­d Health Organisati­on (WHO), imboni yokudla ingabamba iqhaza elikhulu ukuqhakamb­isa ukudla ngendlela enempilo. Ingakwenza lokhu ngokuthi:

yehlise amafutha, ushukela nosawoti ekudleni osekupheki­we,

iqinisekis­e ukuthi abathengi bayakwazi ukuthola ukudla okunempilo okwahluken­e ngamanani abavumelay­o,

inciphisa ukumakethw­a kokudla okunoshuke­la omuningi, usawoti namafutha ikakhuluka­zi okwezingan­e nentsha,

iqinisekis­e ukutholaka­la kokudla okunempilo nokweseka ukuzivocav­oca njalo ezindaweni zokusebenz­a.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Reuters ??
Isithombe: Reuters
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa