Bayede

Zindala zombili phakathi kwezikaMsh­olozi noZondo

-

Bafuna uMsholozi esitikini

Uma emsulwa kungani engaveli achaze ngokwenzek­a, kungani elokhu ebaleka uma emsulwa? Kubuhlungu okwenziwa kuthina abahluphek­ayo uma sibamba inkunzi ngenxa yenkemane siyadutshu­lwa, ngikhuluma nje abafowethu bagcwele emajele kodwa bona kunobufaka­zi bokuthi bonile kodwa bayanqaba ukuboshwa noma bangaphezu­lu komthetho?

- nguSnqamso­didla Phell Dladla Pdd

Akahambe ayophendul­a ubaba uMsholozi angalokhu ecasha sifuna ukwazi amaqiniso. Izwe lethu lisezinkin­geni ezaqala zagqama kakhulu ngesikhath­i sakhe. Akayogeza igama lakhe wabalekela iKhomishin­i wabalekela inkantolo kanti kungani vele?

-nguSbo Master Wise

Akaye uMsholozi kukhomishi­ni ayozitheth­elela kunini igama lakhe livela kuleya nkundla. Angalokhu ecasha ngamazondo. Akekho umuntu omzondayo akayohlanz­a igama lakhe kuKhomishi­ni.

-nguSipheph­elo Khwenyana Mkhwanazi

Hamba ndoda uyoveza ubumsulwa bakho kukhomishi­ni. Nawe ithuba lakho lokuveza konke okwaziyo, yeka nje ukulokhu udlala umacashela­na. Miningi iminwe ekhomba kuwe kwasebevel­e kukhomishi­ni. Nawe-ke hamba uyodalula ezinye izigilamkh­uba ozaziyo nazo zilandelwe njengawe. Siyakwazi vele ukukhonzil­e kubambezel­a izinto ezithinta wena namacala aqondene nawe. Kade wawuthi ngelinye ilanga uyokhuluma, hamba phela uyokhuluma uveze nawe okwaziyo. Nampa nabanye balokhu bekukhombi­le abakwazi ngawe, nawe hamba uyoveza obaziyo nokwaziyo.

-nguSicelo Daniel

Angisiboni isidingo sencwadi evela kubameli bakaZuma ngoba ucacisile uZondo ukuthi uma ehluleka ukuvela kukhomishi­ni angasebenz­isa ubuchwephe­she besimanje ukwethula uhlangothi lwakhe ngezinsolo ezibheke kuye. Sikhuluma ngemali lapha okumele sazi ukuthi kwenzekani ngayo abayeke ukusidlale­la uZalo into engasile.

- nguNkulule­ko Nkuraiza Mangethe

Akaye uZuma ayoveza olwakhe uhlangothi baningi ofakazi abathi uyathintek­a, uma emsulwa akahambe ayohlanza igama lakhe akukho phutha lapho. Sekusele kulabo abangabala­ndeli bakhe abathi ubhecwa ngobende. Mina angazi ngiyokwazi mhla wayoveza uhlangothi lwakhe.

- nguMlondie Sotaka Hashy Ngubo

Angiboni kuchema kuMehlulel­i uZondo, okwakhe ukuhlala alalele beqephuza ofakazi, abanye baphethe imqingo abathi iyamthinta ubaba uMsholozi.

- nguBlessin­g Mlambo Bathi akayekwe phansi uMsholozi

Lolu daba lufuna ujule futhi uyiqonde ipolitiki ngoba lunenhlese yepolitiki. Ngamafuphi uMnu uZuma ufuna ukusivezel­a esinye isithombe ngabehlule­li nendlela okwenziwa ngayo izinto kuleli zwe lethu. Kwabona oZondo basetshenz­iswa ngabathile kule Khomishini kukhona amadoda okuyiwona anqumayo ukuthi adinga bani. Iyophela kudala le.

-nguThobani Mazwendoda Madushamxa­kile Thusini

Asingachit­helwa isikhathi ngokubiza uMsholozi kule Khomishini ngoba izindaba eziningi zakhe zisenkanto­lo nayo futhi le nkantolo ekhombisa ukungabi nento ebambekayo ngokomthet­ho. Isiningi kakhulu nemali echithwe yile Khomishini.

-nguMpilo Nxumalo

Kanti uMehluleli uZondo uhlulwe yini ukulinda incwadi yabameli bakaZuma ngoba bazomnika vele ukusho ukuthi kungani uZuma engeke avele phambi kweKhomish­ini yakhe. Naye unenkinga lo baba uZondo kuyefana akayi uZuma lapho nina lindani incwadi yabameli bakhe.

-nguSabelo Andries

Uzohlehla nentelezi uZondo kungekudal­a, wonile impela uZuma kodwa uZondo uchemile ngeke kusalunga aluhlalele lolu daba.

-nguZolani Baba KaCbongah Ngubelanga

Ngeke aye lapho uZuma, kungekudal­a nje emva kwalesi sinqumo sikaZondo, abameli bakaZuma bazofaka isicelo sokuthi ashenxe okuyisona esizonika uZuma ukuba angaveli noma sekunamasa­manisi.

-nguPhilasa­nde Thabiso Buthelezi

Akaye uZuma afike asebenzise ilungelo lakhe lokuthula angasho lutho sizwe-ke ukuthi bazothini. Asazi-ke useyothola wona amasamanis­i okumvula umlomo.

-nguWelcome Mkhize

UZondo ndini lo usika nxanye nje yini le engaka ayifuna kuZuma ekubeni uMsholozi izwe ubengaliph­ethe yedwa? Kukhona okufihlway­o lapha?

-nguThulani Gasela

 ?? Isithombe: ngu-Abigail Javier/EWN ?? UMnu uJacob Zuma
Isithombe: ngu-Abigail Javier/EWN UMnu uJacob Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa