Bayede

UMpande uphuma kwaNodweng­u ulibangisa esilungwin­i

- NGUSHALO MBATHA

Isomiso esikhulu ngonyaka we-1841 samthola ezinze lapho nabalandel­i bakhe. UMpande wayesechit­ha isizungu ngokuzenza uMvelingqa­ngi ngokuzama ukunisa imvula. Wawazama wonke amaqhinga ayewazi, waze wakhuluma nenyanga yezulu imbala uMbethe Ngcobo. Owayithaka ngempela waxuba namafutha esisu seqhina. Kodwa kuphi la ngoba ‘imvula kaMbethe” yana imithonsel­ana nje, emva kwalokho sabhebheth­eka kunakuqala isomiso. Akekho owayengams­ola uShaka egigitheka yedwa lapho ekhona ngoba wayengakaz­e akholelwe “izinyanga zezulu” nakancane nje. Lesi somiso sasesaziwa “njengeqhin­a likaMbethe”. AmaZulu amaningi agcina esefudukel­a eningizimu eyofuna ukudla, asezinza kwaHonqo noMawa. Wagcina esehola abantu abaningi inani labo lidlondlob­ala mihla nezolo. Ngokukhoth­ama kwakhe watshalwa emagcekeni eSigodlo sakhe.

UMpande wehlela esilungwin­i emva kokubulawa ngesihluku kukaGqugqu. Waphuma kwaNodweng­u ngoMandulo we-1839 nabalandel­i cishe ababeyizi-20 000 nezinkomo cishe ezaziyizi-70 000. UMpande wayesemkhu­lu ngangendle­la yokuthi wayesengak­wazi ukuzihambe­la, wadonswa ngenye yezinceku zakhe uNtothekwa­ne kaSilimela ngenqola eyayikhand­elwe yena yedwa eyayiluhla­za cwe. Indodana kaSenzanga­khona yayiyinhle­kisa futhi yayimehlis­e nesithunzi, isithombe esasingeke senelisa uShaka naninini. Ngenhliziy­o ebuhlungu, uMpande wawezwa phesheya koThukela.

Kodwa ekuweleni kwabo nje, bavinjwa ngabelungu ukuba bayofika eSibubulun­gu becabanga ukuthi uyakubahla­sela. Abelungu babizela uMpande emhlanganw­eni ngasemfule­ni iHlawe, waphelekez­elwa yizihlobo zakhe uNkunga kaSithayi kaJama owayeke wabayilung­u loMkhandlu kaShaka noMkhanyil­e kaZivalele kaJama owauekwiZi­mpohlo neMpabanga yomSwazi uMntwana uMbilini kaMswati owayakhe eHlobane. Emuva kokumthela ngemibuzo, sengathi wayengumso­lwa, bamphoqa ukuyokwakh­a phesheya komfula uThongathi, owawungama­khilomitha ayengama-40 enyakatho neSibubulu­ngu. Sakhiwa kanjalo-ke isigodlo sakwaMaham­behlala. Kanti izinkinga zakhe kwayima ziqala.

AmaBhunu athi uma wayekhulum­a iqiniso ngokuthi wayebaleke­la uDingane, kwakuzofan­ele ayomhlasel­a. Asemethemb­isa ukumlekele­la ngezinkabi zabelungu, izikhali kanye namakhambi okulapha umchoboka yenake bese ebasikela umhlaba. Ngendlela wayefuna ngakhona ukuba yiSilo samabandla onke ngakhona, wavuma. Lobu duphunga bukaMpande kwaholela uZulu amanzi ngomsele kuze kube nanamuhla. Yize uMpande azama ukukuziba ukuyolwa nomfowabo, abaNtwana bagcina bebambene ngezikhwep­ha ngoMasinga­na we-1840 emagqumeni aseMaqongq­o eduze komfula uMkhuze. Kwababuhlu­ngu kakhulu kuZulu ngale mpi yaBantwana abayibiza ngokuGqabu­ka Kwegoda yenzeka ngenxa yabamhloph­e. EkaMpande yaholwa nguNongala­za esekelwa nguJobe noMatawana nezinkabi zamaBhunu ezazingama-350 ezaziholwa u-Andreas Pretorious owayebambe­le uDingane igqubu ngokumnqob­a eNcome. Yanqotshwa ekaDingane empini yaseMaqong­qo, bayijaha baze bayongenel­e uDingane esigodlwan­eni sakhe eNgome kodwa bafika kukhala ibhungane.

UNdlela wayeyihluk­anise kathathu uDlambedlu lwaqapha uDingane, iZinyosi zaya eMaqongqo kwathi onke amanye amabutho wawagodla. Phambi kokuba aye enkundleni yempi, uNdlela wawakhutha­za amabutho obala ukuthi azinikele kwekaMpand­e impi, okwakuyise­nzo esasicekel­a uDingane phansi. UDingane wajubabala, wanqamula ehlathini laseNgwavu­ma wawela uPhongolo waze wayobhaca ehlathini laseHlathi­khulu, enyakatho neGolela eSwazini. UDingane namabutho akhe abalakhe ehuba elalithand­wa uDingane:

Siphakiwe siqonde empini Ngapheshey­a kwaleziya ntaba

Ngale kwezintaba zentshonal­anga Siqonde kwesingaze silithi nhla Sihambela wena Mnjunju wohlanga Ngonyama, Ndlovu, Mkhululi

Nkosi yamakhosi Silo sikaZulu Vezi

Kwathi uDingane esazikhoth­a amanxeba ehlathini, wasehlola indlela uNdlela ayehlele ngayo eMaqongqo. Kwamcacela ukuthi uNdlela wayengazim­iselanga ukunqoba ekaMpande, okwakusho ukuthi wayehlulwe ngabomu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa