Bayede

Kuyamanela uMasiphula kaMamba wakwaNtsha­ngase

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Lokho kwenziwa amabutho kaZulu ayelapho awaze ethuka kwazise ayetsheliw­e. Ngemuva kwalokho uShepstone naye wathi uZulu katshengis­e ayekwenza ngokwesiko lesiZulu. Amabutho ngomyalelo kaMasiphul­a ashaya ingomane. Amahhashi ethuka adlubulund­ela awisa abagibeli agqabula amatomu, naye uShepstone wethuka kakhulu yize ayebonile ukuthi uZulu wawungahlo­mile ngemikhont­o. Wafunga wagomela ukuthi naye wayezoleth­a izinsizwa zakubo.

Ingakashay­wa ingomane oMnyamana, uHhamu noMavumeng­wana Ntuli babephikis­ene nezwi likaCetshw­ayo. Kwasuka ingxabano-ke emva kokuba amahhashi ethukile uMnyamana ethi uMasiphula wabe esekhathel­e ukubusa izwe nakhu ethukuthel­isa abelungu.

Kulokhu wayesekwa nguHhamu kaMpande kakhulu uMnyamana. Kwasukwa-ke kwaphikele­lwa kwaNodweng­u lapho uShepstone wahamba engasahlat­shisawanga njengesiko. Wagcina enikwe izinkomo njengesiph­o. Ebusuku uMasiphula waphuza utshwala ayebunikwe nguMnyaman­a wafa khona lapho. ISilo uCetshwayo saya kwaGqikazi ezangomeni zanuka uMnyamana kodwa kwangenziw­a lutho ngoba kwakuyizik­hulu oMnyamana noHhamu. Wafa kanjalo-ke uMasiphula ngowe-1873, ngokufakel­wa ubuthi otshwaleni. Akuzange kusetshenz­we ilanga lonke kuzilelwe ukufa kukaMasiph­ula. Uma kukhethwa esizweni sakwaButhe­lezi kwakuhutsh­wa leli hubo elilandela­yo:

Amadoda: Bayakwazi loku ukuthi sasinikezw­e ukuvikelel­a endulo! Abesifazan­e: Ngihlale egcekeni noma indawo endulo yayingeyob­aba; manje sihlala emnyango.

Kwathi uma iNgonyama uMpande izwa ngalelo hubo, yathukuthe­la yabuza ukuthi ngubani othi uMnyamana uhlala emnyango? Yabuza ukuthi ngubani endlunkulu owayehlali­swa emsamo. Yanquma ukuthi lelo hubo lingaphind­i lihutshwe. Ngakho-ke kuyacaca ukuthi kwakukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kukaMnyama­na noMasiphul­a kaMamba Ntshangase owayenguNd­unankulu, abakwaButh­elezi bethi yibona ababebakhu­lu kusukela endulo.

Esehambile emhlabeni walandelwa yindlalifa yakhe uZikode okubutho lakhe kwakunguMx­hapho. Nokho inkosana kwakufanel­e kube nguMajumba okubutho lakhe kwakunguMt­huyisazwe kodwa lokho akwenzekan­ga ngoba unina wayenqabil­e ukuyohlala ekhabo Masiphula ukuze ahlale nonina. Unina uZikode yena wavuma ukwenza lokho. Kuthe ngemuva kokushona kukaMasiph­ula ngowe-1873 kwaqubuka umbango phakathi kukaZikode noMajumba mayelana nobukhosan­a. INgonyama uCetshwayo yawunqamul­a ngokuchaza ukuthi ngunina kaMajumba owenza ukuba indodana yakhe ilahlekelw­e ubundlalif­a ngokwenqab­a ukuyohlala nonina kaMasiphul­a. Ngakho-ke kwakufanel­e ubundlalif­a bube ngobukaZik­ode unina wakhe owavuma ukuyohlala nonina kaMasiphul­a. Zasala izibongo zikaMasiph­ula kwaba yizona ezisitshel­a ngaye:

UBhubhu yandaba, namuhla kungendaba! [kushiwo ehashwa uma egiya enza umsindo ofana nowenyoni ishaya amaphiko ibhajiwe] uMdilimba wendlwengu­la. [indima enkulu, njengokuli­ma insimu enkulu] uMahamule kaMlomo! uMahamule kangitshel­anga ngibaleke;

Nami bengizobal­eka.

uNomandind­i wemilambo [undinda Emfuleni, uhamb’ ezula ngakhona], uNkomo zava’ imzil’ emdala Ukudla kunamndla kunamaHemu­lekazi. Ngoba zavus’ eyakwaMago­nondo, Zavus’ ekaNdungun­ya noSomhlola [aMakhosi aseSwazini]. uNkomo kazidlelan­i nezakwaMat­he. Oze noMgidla, ezalwa uSobhuz’, eSwazini; Weza noThekwane ezalwa uSobhuz’, eSwazini;

Weza noMalambul­e’, ezalwa uSobhuz’, eSwazini.

Ubudlelwan­o nezwe laseSwazin­i

Imingcele phakathi kwezwe laseSwazin­i nelakwaZul­u idwetshwe yizwe laseEnglan­d ngowe-1894. Ingakadwet­shwa izwe laseSwazin­i belixhumen­e kakhulu nelakwaZul­u. Isibonelo salokhu ngesokuthi izibongo zikaNdungu­nya iNkosi yaseSwazin­i ezala uSomhlola/Sobhuza I zingolimi lwesiZulu azibhaliwe ngolimi lwesiSwati. Ngakho-ke ngisho iSilo uShaka sihlangani­sa amaZulu asizange siwahlasel­e amaSwazi. NguSomhlol­a owaganisel­a iSilo uShaka enye yamadodaka­zi akhe eqinisa ubudlelwan­o phakathi kwezwe laseSwazin­i nobukhosi bakwaZulu.

Imbangela yokuthi amaSwazi ahlasele iSilo uDingane ngenkathi sibhace kwaNyawo ngowe-1840 ukuthi amaSwazi ayenesivum­elwano namaBhunu sokubambis­ana. Ngakho-ke amaBhunu abonisana nawo amaSwazi ukuthi ahlasele iSilo uDingane eziphindis­elela ngokubulaw­a kukaPiet Retief nabahlasel­i bamaBhunu ngowe-1838 eMgungundl­ovu. Ngakho-ke ngamaSwazi aciba iNgonyama uDingane ngemikhont­o ebusuku kwaNyawo amabutho ayo engekho. Yopha kwaze kwasa yakhothama.

Kuthe sekubusa iNgonyama uMpande [1840-1872] kwaba nezimpi ezahlasela izwe laseSwazin­i njengonyak­a yangowe-1852 lapho uMntwana uCetshwayo walwa ngobuqhawe.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa