INgonyama uShaka ikhapha unina ohambeni lokugcina
Abantu abaningi babekhala baze bawe, baquleke, abanye bafe khona lapho. INgonyama yahlaba izinkabi ezingamashumi amane ukunikela umphefumulo weNdlovukazi ezinyaneni zesizwe. Kwathi ntambama iNgonyama nezikhulu zayo bema bazungeza indlu lapho kwakukhona isidumbu seNdlovukazi, kwase kuhutshwa amahubo amakhulu empi, sekuphekezelwa umphefumulo weNdlovukazi.
INdlovukazi yatshalwa eSigodlweni sayo saseMkhindini, endaweni yaseMatheku, eduze komfula iMbuzana. empumalanga yalo muzi kukhona igquma elaziwa ngokuthi kuseMphongo. Leli dlinza leNdlovukazi liseningizimu yeSigodlo seSilo uShaka sakwaBulawayo esasisendaweni yakwaMaqhwakazi.
Kwaba khona ezikhulwini zeSilo abathatha amathuba sebebulala noma ngubani abamzondayo. Kuliqiniso ukuthi kwafa izinkulungwane zabantu beSilo, kepha abaningi babebulawa ngezwi elalingaphumi neze neze eNgonyameni. Abanye babewa, bafe khona lapho sebephelelwe ngamanzi emzimbeni ngendlela abase bekhala ngayo.
Leso sikhathi sokuhamba kweNdlovukazi kwaba yisikhathi esaba buhlungu kakhulu esizweni sikaZulu. Lapho iNgonyama uShaka yafana nomuntu owayesedidekile kanye nazo izikhulu zayo. Isimo sabaphunyuka kangangokuthi babengasakwazi okwase kufanele bakwenze.
Kwamiswa ukulima amasimu isikhathi eside, kwaze kwadlula isikhathi ngoba kuzilelwe iNdlovukazi. Isizwe sabuye saqedwa yindlala, izwe elaligijinywa yinyamazane amasimu alo aphenduka amafusi.
Kwathi uma kungasaziwa ukuthi kuzokwenziwa njani, kwaqhamuka iqhawe uGala kaNodade wakwaBiyela eMvuzane, endaweni yaseMpaphala, wancenga iSilo uShaka wathi “INgonyama mayiginqe itshe.
Kade ayekhothma aMakhosi oHlanga kuleli lizwe, kodwa kawahambanga nabantu bawo. Uzakuthi uyinkosi kabani uma ungasenabao abantu. Uzakubusa izintaba namatshe?
Uzakulivikela ngani izwe lakho uma usuqede amabutho ngendlala, kungasekho ngane ekhalayo ezweni lakwaZulu?” La mazwi aleli qhawe leSilo afaniswa nokususwa komthwalo emahlombe eSilo uShaka. ISilo sambonga uGala kaNodade, sancoma isibindi sakhe, sihlezi namadoda, kepha kakukho neyodwa eyayisike yaveza umbono ngesimo izwe likaZulu elase libhekene naso.
UGala kaNodade iSilo samxoshisa ngezinkomo, sabuye samhlonipha ngokuthi akakhehle isicoco ngenxa yobudoda bakhe nokuzidela amathambo azoseluleka, angesabi ukufa.
Kuthiwa iSilo uShaka sababuza abakwabo kanye nezikhulu zezwe ukuthi bathule bathini kuze kusuke uGala lena eMvuzane azosibonisa. Kuthiwa akubanga bikho mpendulo kwabakayise. Kwathi kusenjalo iSilo sase sibhekisa kuMntwana uMaphitha sithi nawe Maphitha kawusenazwi lokungeluleka ubona izinto zonakala?
UMntwana uMaphitha bathi waphendula ngelokuthi ngasitha, mina ngifika izwe selisha phambi kwezikhulu zombuso weSilo, kepha zonke zithule, kangabe ngisayibona intuba engangabe ngisangena ngayo ukukhuza umonakalo owasewenzeka. Isimo sangenza ngakhungatheka Hlangalezwe, ingqondo yami yabophana kayaze yavuma ukuthombululeka ngingaphambi kwayo iNgonyama.
AbaseNdlunkulu bathatha ithuba kuwo lowo mnyama, bathi iNgonyama uShaka inenhlizyo embi, isiqedile isizwe sikaPhunga noMageba. Bafaka umoya kubantu, abathi iNdlovukazi uNandi kayizifelanga, kepha yabulawa yisona iSilo uShaka.
La manga acheleka ngokushesha ngesikhathi esifushane nje asabalala nezwe lonke, etshalwa aBantwana uMkabayi, uDingane uMhlangana kanye nenceku uMbopha kaSithayi, wendlu yaseGazini.
Umoya wokuyenyanya nokungayethembi iNgonyama uShaka wakhula ngamandla amakhulu ezweni, abanamanga besho nokusho ukuthi ibulala isizwe kangaka nje ingoba igqiba ukuthi iyona ebulele iNdlovukazi.
Ngale nkathi ingqondo yabantu yayididekile bengasaqondi ukuthi ngempela yikuphi okuyikhona ngempela. ABantwana balwakha ngokushesha uzungu lwabo baze baluthekeleza ngefindo lwalo.
Lobu buqili nala manga ababeyakhela wona iNgonyama, kwathi noma sebeyibulele, akwababikho muntu, kubantu bayo owazimisela ukuyiphindiselela ngoba base beyembathise unya nehlazo elalingelinganiswe nalutho phakathi kwezwe. Nababhali bezomlando weNdlunkulu bawezwa la manga, base bewaqopha phansi nengeqiniso.
Izibongo zeNdlovukazi uNandi Usomgqeni!
Umathanga kawahlangani Ahlangana ngokubon’ umyeni Ugedegede lwasenhla nenkundla Uphoko phalala kuMaqhwakazi Angibonanga uphoko ukuphalala Umboni wamabhuzenge, uSontanti USontanti onje ngowakwaGwazana USontanti kayidli inkomo ensizwana. Ukwesab’ abayisengayo.
Intombi kaMbhengi weNguga KaSoyengwase kaMaqamade
UXebe woMhlathuze
Mfazi ontongade zingezendoda Oyishaye yenyu’ iSabhuza Umathanga kawahlangani Ahlangana ngokubon’ indoda Obengabafana baseNgugeni
Abeza beluhayizana.