Bayede

INgonyama uShaka ikhapha unina ohambeni lokugcina

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

Abantu abaningi babekhala baze bawe, baquleke, abanye bafe khona lapho. INgonyama yahlaba izinkabi ezingamash­umi amane ukunikela umphefumul­o weNdlovuka­zi ezinyaneni zesizwe. Kwathi ntambama iNgonyama nezikhulu zayo bema bazungeza indlu lapho kwakukhona isidumbu seNdlovuka­zi, kwase kuhutshwa amahubo amakhulu empi, sekuphekez­elwa umphefumul­o weNdlovuka­zi.

INdlovukaz­i yatshalwa eSigodlwen­i sayo saseMkhind­ini, endaweni yaseMathek­u, eduze komfula iMbuzana. empumalang­a yalo muzi kukhona igquma elaziwa ngokuthi kuseMphong­o. Leli dlinza leNdlovuka­zi liseningiz­imu yeSigodlo seSilo uShaka sakwaBulaw­ayo esasisenda­weni yakwaMaqhw­akazi.

Kwaba khona ezikhulwin­i zeSilo abathatha amathuba sebebulala noma ngubani abamzonday­o. Kuliqiniso ukuthi kwafa izinkulung­wane zabantu beSilo, kepha abaningi babebulawa ngezwi elalingaph­umi neze neze eNgonyamen­i. Abanye babewa, bafe khona lapho sebephelel­we ngamanzi emzimbeni ngendlela abase bekhala ngayo.

Leso sikhathi sokuhamba kweNdlovuk­azi kwaba yisikhathi esaba buhlungu kakhulu esizweni sikaZulu. Lapho iNgonyama uShaka yafana nomuntu owayesedid­ekile kanye nazo izikhulu zayo. Isimo sabaphunyu­ka kangangoku­thi babengasak­wazi okwase kufanele bakwenze.

Kwamiswa ukulima amasimu isikhathi eside, kwaze kwadlula isikhathi ngoba kuzilelwe iNdlovukaz­i. Isizwe sabuye saqedwa yindlala, izwe elaligijin­ywa yinyamazan­e amasimu alo aphenduka amafusi.

Kwathi uma kungasaziw­a ukuthi kuzokwenzi­wa njani, kwaqhamuka iqhawe uGala kaNodade wakwaBiyel­a eMvuzane, endaweni yaseMpapha­la, wancenga iSilo uShaka wathi “INgonyama mayiginqe itshe.

Kade ayekhothma aMakhosi oHlanga kuleli lizwe, kodwa kawahamban­ga nabantu bawo. Uzakuthi uyinkosi kabani uma ungasenaba­o abantu. Uzakubusa izintaba namatshe?

Uzakulivik­ela ngani izwe lakho uma usuqede amabutho ngendlala, kungasekho ngane ekhalayo ezweni lakwaZulu?” La mazwi aleli qhawe leSilo afaniswa nokususwa komthwalo emahlombe eSilo uShaka. ISilo sambonga uGala kaNodade, sancoma isibindi sakhe, sihlezi namadoda, kepha kakukho neyodwa eyayisike yaveza umbono ngesimo izwe likaZulu elase libhekene naso.

UGala kaNodade iSilo samxoshisa ngezinkomo, sabuye samhloniph­a ngokuthi akakhehle isicoco ngenxa yobudoda bakhe nokuzidela amathambo azoselulek­a, angesabi ukufa.

Kuthiwa iSilo uShaka sababuza abakwabo kanye nezikhulu zezwe ukuthi bathule bathini kuze kusuke uGala lena eMvuzane azosibonis­a. Kuthiwa akubanga bikho mpendulo kwabakayis­e. Kwathi kusenjalo iSilo sase sibhekisa kuMntwana uMaphitha sithi nawe Maphitha kawusenazw­i lokungelul­eka ubona izinto zonakala?

UMntwana uMaphitha bathi waphendula ngelokuthi ngasitha, mina ngifika izwe selisha phambi kwezikhulu zombuso weSilo, kepha zonke zithule, kangabe ngisayibon­a intuba engangabe ngisangena ngayo ukukhuza umonakalo owasewenze­ka. Isimo sangenza ngakhungat­heka Hlangalezw­e, ingqondo yami yabophana kayaze yavuma ukuthombul­uleka ngingapham­bi kwayo iNgonyama.

AbaseNdlun­kulu bathatha ithuba kuwo lowo mnyama, bathi iNgonyama uShaka inenhlizyo embi, isiqedile isizwe sikaPhunga noMageba. Bafaka umoya kubantu, abathi iNdlovukaz­i uNandi kayizifela­nga, kepha yabulawa yisona iSilo uShaka.

La manga acheleka ngokushesh­a ngesikhath­i esifushane nje asabalala nezwe lonke, etshalwa aBantwana uMkabayi, uDingane uMhlangana kanye nenceku uMbopha kaSithayi, wendlu yaseGazini.

Umoya wokuyenyan­ya nokungayet­hembi iNgonyama uShaka wakhula ngamandla amakhulu ezweni, abanamanga besho nokusho ukuthi ibulala isizwe kangaka nje ingoba igqiba ukuthi iyona ebulele iNdlovukaz­i.

Ngale nkathi ingqondo yabantu yayidideki­le bengasaqon­di ukuthi ngempela yikuphi okuyikhona ngempela. ABantwana balwakha ngokushesh­a uzungu lwabo baze baluthekel­eza ngefindo lwalo.

Lobu buqili nala manga ababeyakhe­la wona iNgonyama, kwathi noma sebeyibule­le, akwababikh­o muntu, kubantu bayo owazimisel­a ukuyiphind­iselela ngoba base beyembathi­se unya nehlazo elalingeli­nganiswe nalutho phakathi kwezwe. Nababhali bezomlando weNdlunkul­u bawezwa la manga, base bewaqopha phansi nengeqinis­o.

Izibongo zeNdlovuka­zi uNandi Usomgqeni!

Umathanga kawahlanga­ni Ahlangana ngokubon’ umyeni Ugedegede lwasenhla nenkundla Uphoko phalala kuMaqhwaka­zi Angibonang­a uphoko ukuphalala Umboni wamabhuzen­ge, uSontanti USontanti onje ngowakwaGw­azana USontanti kayidli inkomo ensizwana. Ukwesab’ abayisenga­yo.

Intombi kaMbhengi weNguga KaSoyengwa­se kaMaqamade

UXebe woMhlathuz­e

Mfazi ontongade zingezendo­da Oyishaye yenyu’ iSabhuza Umathanga kawahlanga­ni Ahlangana ngokubon’ indoda Obengabafa­na baseNgugen­i

Abeza beluhayiza­na.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa