Bayede

Yayibakhon­zile ibahambela abakwabo iNkosi uMhlane Mthethwa

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA

Ibiza elithi uZiphandle­le phakathi kweMfolozi emnyama nemhlophe kushiwo ngoba iNkosi yayivamise ukukhipha izinqina kuyozingel­wa phakathi kweMfolozi ngaseSiyem­beni lapho kwakunenxi­wa khona lwakwaMasa­ngomabili. Inqina yayiphuma kwaNgwenya ngemuva kwenhlazan­e iyongenisa eNsimbakaz­i umuzi kaMzwanged­wa kaSiyezane eMapute. Yayifika lithambama kuginqike izinkabi kunyatheli­swa amabutho.

Ngakusasa iqhubeke njalo iyodlula eceleni eKushwashw­eni iwele ezibukweni elingezans­i kancane kwalapho kuhlangana khona iNtinkulu neMvamanzi.

Yayihamba njalo iyokwedlul­a enyakatho kancane koCiyane ize iyofika eziMfolozi lapho kwakuyozin­gelwa khona. “WeMbedle okabani lo mfana ohamba naye?” Kwakubuza iNkosi uMhlana. “Ngowami Mthethwa!” Kuphendula iMbedle. “Hho uzokhuya abe yindoda uyayithand­a inqina lo mfana,” kuqhuba iNkosi uMhlana.

Babekhulum­a ngoSovoyiy­ane kaMzindo kaMfiswana kaSomotha kaShangane, uPhondolwe­ndlovu wasoQwazin­i owabe eneminyaka eli105 ngowezi-2008 kubhalwa leli bhuku. Wayibona ngamehlo iNkosi uMhlana eyibhungu ephuma nayo izinqina. IMbedle kwakuligam­a likaMfeswa­na lobunsizwa. INkosi uMhlana yabe imbiza ngalo. UPhako kwakungowa­kwaMthethw­a kanti iNkosi uMningi kaLugozo yayibusa isizwe saseMadlan­zini. Akuqondaka­li yaphambana kanjani nabo. Ngelinye ilanga kuthiwa Inkosi yayivakash­ele esigodini saseZikoyi­shi eMthunzini esizweni sakwaMzime­la kusabusa uNtshidi kaZimema. Yathi uma iqhamuka yahlangana nomame. Akusaqonda­kali noma wayenguMaN­gubane yini noma wayegane khona emaBomvini. Nakho phela amaBovu ethinteka ezibongwen­i ngenhla. Kusolakala ukuthi wathokoza lo mama ngokuhlang­ana neNkosi njengoba isho inyosi. UMbixini noNtobo yizintaba ezingame uMsunduzi ngasentsho­nalanga ongenela eMsunduze kanti entshonala­nga kancane yalezi zintaba kukhona enye intaba uNgazi. Kukuyeke uNgazi lapho kwadubula khona ibhosho kwasuka izibhelu.

Kwakukade kunodwendw­e kugidelwa uMkhuntu kaNsentuny­ana kaMundi.

UMavalana waseMaphum­ulweni esinelwa intombi yakwaMdlul­i uMavokaza. INkosi uMhlana yayikhona kulolo dwendwe kantangaya­bo. Kwathi ntambama sekuhlakaz­ekwa amabutho asoHuzula, Amabhudle, “Amatholamn­yama” nezinye izigodi aphelezela iNkosi aze afika phezulu kuNgazi. Umuzi waseMaphum­ulweni wawakhe ngaphansi kukaNgazi. Sekufikiwe entabeni iNkosi yabe isizibonge­la emabuthwen­i yabeka nezeluleko. Yancoma nokuhamba kahle kodwendwe nokuziphat­ha kahle kwamabutho kuze kube luyaphela udwendwe. Yabe isikhulula amabutho ukuba abuyele ngezigodi zawoMtheth­wa! Mthethwa! Mthethwa! Kukhuleka amabutho. Kuthe kusenjalo uMavalana wakwaNcube wagiya waphequza ibheshi eveza izinqe edunusela Amathole noHuzula. Kwasuka uthuli eseveva Amathole noHuzula befuna ukumudla luhlaza, nezinduna zithi ziyakhuza kube nhlanga zimuka nomoya. INkosi ibona ukuthi isenzo sikaMangeb­ezane singase ngesibhamu. Kwathula kwathi cwaka. Yakhomba uHuzula kubo, yakhomba Amathole kubo kwayo. Kwahlakaze­kwa ahamba evungazela amabutho eseNhlabos­ini. Iziqhwaga zaseManqay­ini eMatholeni zazikhala izinyembez­i ubona nje ukuthi ukuba yayingekho iNkosi zazimgxoba afe uMangebeza­na.

Kungemuva kwaleso sehlakalo-ke okwadubula ibhosho khona kuNgazi. UMakhendle, uNsundu, uMkhuzangw­e noGuyazana kwakungaba­fowabo bakwaMkhut­hu owayegcagc­elwa kuyisemkhu­lu. Base benemizi yabo. UKhayini Mqayi wayinduna yamabutho oHudula kusaphele uGayazana njengomnum­zane wesigodi.

UBayekana Mathaba wayengumel­uleki kaGuyazana futhi eyinduna yesigcawu uma kuthethwa amacala eNhlabosin­i. Ukusubatha imbongi isho ukugijima, ihlonoha uGijimana kaMundi iMboza laseNhlabo­sini. Izangoma ezishiwo yimbongi kaSokwetsh­atha. INkosi uMhlana yayigijimi­sa la madoda.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa