Yayibakhonzile ibahambela abakwabo iNkosi uMhlane Mthethwa
Ibiza elithi uZiphandlele phakathi kweMfolozi emnyama nemhlophe kushiwo ngoba iNkosi yayivamise ukukhipha izinqina kuyozingelwa phakathi kweMfolozi ngaseSiyembeni lapho kwakunenxiwa khona lwakwaMasangomabili. Inqina yayiphuma kwaNgwenya ngemuva kwenhlazane iyongenisa eNsimbakazi umuzi kaMzwangedwa kaSiyezane eMapute. Yayifika lithambama kuginqike izinkabi kunyatheliswa amabutho.
Ngakusasa iqhubeke njalo iyodlula eceleni eKushwashweni iwele ezibukweni elingezansi kancane kwalapho kuhlangana khona iNtinkulu neMvamanzi.
Yayihamba njalo iyokwedlula enyakatho kancane koCiyane ize iyofika eziMfolozi lapho kwakuyozingelwa khona. “WeMbedle okabani lo mfana ohamba naye?” Kwakubuza iNkosi uMhlana. “Ngowami Mthethwa!” Kuphendula iMbedle. “Hho uzokhuya abe yindoda uyayithanda inqina lo mfana,” kuqhuba iNkosi uMhlana.
Babekhuluma ngoSovoyiyane kaMzindo kaMfiswana kaSomotha kaShangane, uPhondolwendlovu wasoQwazini owabe eneminyaka eli105 ngowezi-2008 kubhalwa leli bhuku. Wayibona ngamehlo iNkosi uMhlana eyibhungu ephuma nayo izinqina. IMbedle kwakuligama likaMfeswana lobunsizwa. INkosi uMhlana yabe imbiza ngalo. UPhako kwakungowakwaMthethwa kanti iNkosi uMningi kaLugozo yayibusa isizwe saseMadlanzini. Akuqondakali yaphambana kanjani nabo. Ngelinye ilanga kuthiwa Inkosi yayivakashele esigodini saseZikoyishi eMthunzini esizweni sakwaMzimela kusabusa uNtshidi kaZimema. Yathi uma iqhamuka yahlangana nomame. Akusaqondakali noma wayenguMaNgubane yini noma wayegane khona emaBomvini. Nakho phela amaBovu ethinteka ezibongweni ngenhla. Kusolakala ukuthi wathokoza lo mama ngokuhlangana neNkosi njengoba isho inyosi. UMbixini noNtobo yizintaba ezingame uMsunduzi ngasentshonalanga ongenela eMsunduze kanti entshonalanga kancane yalezi zintaba kukhona enye intaba uNgazi. Kukuyeke uNgazi lapho kwadubula khona ibhosho kwasuka izibhelu.
Kwakukade kunodwendwe kugidelwa uMkhuntu kaNsentunyana kaMundi.
UMavalana waseMaphumulweni esinelwa intombi yakwaMdluli uMavokaza. INkosi uMhlana yayikhona kulolo dwendwe kantangayabo. Kwathi ntambama sekuhlakazekwa amabutho asoHuzula, Amabhudle, “Amatholamnyama” nezinye izigodi aphelezela iNkosi aze afika phezulu kuNgazi. Umuzi waseMaphumulweni wawakhe ngaphansi kukaNgazi. Sekufikiwe entabeni iNkosi yabe isizibongela emabuthweni yabeka nezeluleko. Yancoma nokuhamba kahle kodwendwe nokuziphatha kahle kwamabutho kuze kube luyaphela udwendwe. Yabe isikhulula amabutho ukuba abuyele ngezigodi zawoMthethwa! Mthethwa! Mthethwa! Kukhuleka amabutho. Kuthe kusenjalo uMavalana wakwaNcube wagiya waphequza ibheshi eveza izinqe edunusela Amathole noHuzula. Kwasuka uthuli eseveva Amathole noHuzula befuna ukumudla luhlaza, nezinduna zithi ziyakhuza kube nhlanga zimuka nomoya. INkosi ibona ukuthi isenzo sikaMangebezane singase ngesibhamu. Kwathula kwathi cwaka. Yakhomba uHuzula kubo, yakhomba Amathole kubo kwayo. Kwahlakazekwa ahamba evungazela amabutho eseNhlabosini. Iziqhwaga zaseManqayini eMatholeni zazikhala izinyembezi ubona nje ukuthi ukuba yayingekho iNkosi zazimgxoba afe uMangebezana.
Kungemuva kwaleso sehlakalo-ke okwadubula ibhosho khona kuNgazi. UMakhendle, uNsundu, uMkhuzangwe noGuyazana kwakungabafowabo bakwaMkhuthu owayegcagcelwa kuyisemkhulu. Base benemizi yabo. UKhayini Mqayi wayinduna yamabutho oHudula kusaphele uGayazana njengomnumzane wesigodi.
UBayekana Mathaba wayengumeluleki kaGuyazana futhi eyinduna yesigcawu uma kuthethwa amacala eNhlabosini. Ukusubatha imbongi isho ukugijima, ihlonoha uGijimana kaMundi iMboza laseNhlabosini. Izangoma ezishiwo yimbongi kaSokwetshatha. INkosi uMhlana yayigijimisa la madoda.