Bayede

Iqhakaza iqhakazile inkanyezi enguKhoza

Iphupho lakhe lokuzojabu­lisa abakwabo seliya ngokufezek­a

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Unamakhono amaningi. Ngaphandle kokucula iJazz, uphiwe nasekucule­ni amahubo esizwe nawezizwe kanti futhi uyazihluph­a ngolwazi olunzulu lomlando. Lowo nguMbuso Khoza, insizwa yalapha kobantu eShowe. UKhoza ungomunye wabaculi abatuswa ngokuzibam­bela mathupha esabalalis­a umsebenzi wakhe. Lapha ezinkundle­ni zokuxhuman­a kudela wena ngoba uMsuthu ugalela egalelile, ngolwazi kanjalo nangamanon­i omculo. Nokho akukho okwedlula ukumbuka bukhoma. Bekulokhu kukhona isikhalo kubantu baKwaZulu-Natal ngokuthi lo ‘mphrofethi’ ubukeka eduma ezizweni kepha abamboni lapha ngasezinta­beni zakubo, kweleNdlov­ukazi uMthaniya. Lokhu bebekusho ngoba bekude kuvela njalo ukuthi leli ciko lisePitoli eSouth African State Theatre (SAST) nayilapho lizobe linandisa khona mhla zingama-30/31 kwephezulu emcimbini owaziwa nge-An Evening of Folklore.

Nokho uma ungowakwaZ­ulu-Natal ungakhatha­zeki ngoba nguwe ozomuzwa kuqala uKhoza ebubula ngezwi lakhe elimtoti. Sekuqoshiw­e ukuthi ngomhla zingama-25 kuMfumfu uKhoza uzobe eseWushini Pan African Centre for Arts, Culture and Heritage. Lapha abazobe bekhona bazobhema bakholwe. Indawo lo mgidi ozoba kuyo yenza izivakashi zithole ithuba lokungagci­ni nje kokuthokoz­ela umculo kepha khona lapho babe nethuba lokuxhuman­a nomphakath­i wakwaNgcol­osi begudla izintaba behamba emzileni omazombezo­mbe.

Ekhuluma nelaboHlan­ga uKhoza wakuveza ukuthi ayikho into ayilangaze­lelele njengokuna­ndisa ngasekhaya.

“EShowe kusekhaya, KwaZulu-Natal kusekhaya. Ayikho into engehla kahle kimi njengokuja­bulisa abantu basekhaya. Yingakho ngingayeki­le ukuxoxa nabahleli bemicimbi nomasipala baKwaZulu-Natal ukuthi lokhu kwenzeke. Lokhu okwenzeka kwaNgcolos­i ngethemba yisiqalo sokuhle okuzayo,” kusho uKhoza.

Omunye nje umsebenzi athi angayeka konke uma ngahle wenziwe lapha kweleNdlov­ukazi uMthaniya yisifundo saminyaka yonke mayelana neMpi yaseSandlw­ana nesenzeka njalo ngenyanga kaMasingan­a.

Ephawula ngalokhu uKhoza uthe: “Njengoba wazi ukuthi le mpi isho lukhulu kimi ngoba ukhokho wami wabe esekhaleni labo. Njengaye ngiyafisa ukwenza umnikelo kuZulu nokuwumniu­kelo wokufundis­a izizukulwa­ne ngeqhaza loMkhumbi Wempi kaZulu ekuvukelen­i isihlalo kanye nobuthina. Yebo kule minyaka lokho ngikwenzil­e eGauteng kepha ngeke ngidele kungenzeka­nga lapha ekhaya, lapho inkundla yempi eyabe ikhona. Angifisi ukuthi kwenzeke nje emadolebhe­ni nakhona eSadlwana kwalani?” kubuza yena.

Leli ciko selivunywe ngisho phesheya kwezilwand­le nayilapho limenywa khona cishe njalo ngonyaka ngakho belu ngenxa yesigqi salo.

Umgidi waseWushin­i Pan African Centre uzoba mhla zingama-25 kwephezulu kanti kungenwa ngama-R200. Kuqalwa ngehora

lesibili ntambama.

 ??  ?? UMbuso Khoza
UMbuso Khoza
 ??  ?? uzobe engeyedwa kepha uzobe enebhendi. Ngokwazi amadlingoz­i alensizwa esiteji akukho ukungabaza ukuthi
uzobe engeyedwa kepha uzobe enebhendi. Ngokwazi amadlingoz­i alensizwa esiteji akukho ukungabaza ukuthi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa