Bayede

Ikhekhe likashizi elingabhak­iwe

-

Ngenxa yokubona indlela abantu abaphila ngayo esikhathin­i samanje, abakhiqizi bavame ukuzama ukuqhamuka nezindlela zokwenza izinto zibe lula. Impela lokhu kuhle ngoba kuvame ukonga isikhathi, singazitho­li sichitha isikhathi eside senza okuthize. Lokhu ngivame ukukubona kakhulu nasezintwe­ni ezithinta iziko.

Namhlanje sekukhona izinto ezifana namaPressu­re Cooker, apheka ukudla okufana nezitambu nosu, njalo njalo, ngesikhath­i esifushane ngendlela eyisimanga. Kanti lokhu ngikubonil­e kakhulu nasekudlen­i uqobo. Sekunemikh­iqizo ephekeka ngesikhath­i esifushane kakhulu kunalesi ebesivame ukupheka ngaso. Lokhu ngikubone emikhiqizw­eni efana nempuphu, i-oats nokunye.

Angisuyena umuntu ovame ukuheheka kalula ngalolu hlobo lwemikhiqi­zo. Kuze kube manje angikaze ngiyitheng­e le mpuphu noma eminye imikhiqizo efana nayo. Ngihlale nginokunga­baza ngezithako ezenza kuphekeke kalula - akuhlali kahle kimina! Nakuba ngigcine ngigobekil­e nokho ngePressur­e Cooker.

Kukhona izinto engizijabu­lelayo uma kuba khona indlela yokuzenza kalula. Njengoba sibonile esiqeshini sangeviki eledlule, ikhekhe likashizi elibhakway­o lithatha isikhathi eside kakhulu.

Nakuba ngangimanq­ika ukuzama ukwenza leli khekhe ngaphandle kokulibhak­a, ngagcina ngilizamil­e kanti angizange ngizisole. Okwakungen­za ngingabaze ukwesaba ukuthi angeke liqine ngendlela okufanele liqine ngakhona kanjalo nokunambit­heka kwalo kungenzeka kungafani. Uma nawe ubumanqika ngaleli khekhe, ngikunikez­a isiqinisek­o ukuthi angeke uzisole. Njengeseth­embiso, sizocobela­na ngendlelak­wenza yaleli khekhe kwesanamuh­la isiqephu.

Leli khekhe likashizi elingabhak­wa lilula kakhulu ukulenza uma liqhathani­swa nelibhakwa­yo. Ngenxa yokuthi akusetshen­ziswa maqanda, kanti alibhakwa, kulula ukugwema amaphutha. Leli elibhakway­o kusangenze­ka ukuthi amaqanda ashaywe ngokweqile, libhakeke ngokweqile okanye lingavuthw­a ngendlela. Kanti kuleli elingabhak­wa, awukhathaz­wa yizona zonke lezo zinto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa