Bayede

Ngabe wena uyisimila sini ziningi zingaka?

Abelaphi ngabanye babantu ababekwe njengabavi­keli bezihlahla eziyimpilo kithi

-

Ngesonto eledlule sikhulume kabanzi ngokuxhuma­na phakathi kwaboHlang­a kanye nemvelo. Sithe thina sixhumene nezilwane. Senza nezibonelo ngezibongo ezithize lapha kubeNguni, sikhulume ngoNkomo, oMfene bakhona noDube. Ngifisa ukuvala leso sigaba ngokwenza esinye isibonelo ngolwazi lwethu lwezilwane kanye nokuxhuman­a nathi nazo.

Lapha kubeNguni bakaZulu loyo oyiNkosana yesizwe ubizwa ngesilwane, kuthiwa yiSILO noma yiMbube. Kukhona okwakuthi uma bebizwa yiNyosi eleNdlovu, eleNyathi nelikaBhej­ane. Lokho kumqoka ngoba kusondeza iSihlalo nemvelo eyizilwane.

Namuhla ngifisa ukukhuluma ngezimila nokuxhuman­a kwethu nazo. Empeleni lokhu akwehlukil­e kunokwezil­wane. Ezibongwen­i (khumbula ukuthi zisuka emagameni abantu nokuthile) kukhona kokubili, isilwane kanye nesimila esithile. Nokho okwethu kuze kujule ngoba umuntu nje ongumAfrik­a izihlahla nemvelo jikelele ukwenza kube umsebenzi wakhe ukuba ayivikele.

Lapha phakathi kwethu kukhona ababizwa ngokuthi ngabalaphi bomdabu, mina engithi ngabalaphi, kwaphela.

Laba okungaba zinyanga

(engithi zifana nosokhemis­i) nezangoma babekwa ukuba babe ngabavikel­i bezihlahla. Shiya nje ukuthi sekwaba khona ubudlabha ekongeni izihlahla lezi kepha uhambo lwabo lokuchazel­wa ngobizo lwabo lwedlula ekwazini ngezihlanh­la nomsebenzi wazo.

Lesi yisipho esiyingqay­izivele ngoba kokunye sifika kumuntu elele noma kunkenteze okuthile kuye bese eba nolwazi. Yilolu lwazi olwenza kuphile abantu. Lapha sifundiswa ukuxhumana nemvelo nabantu, lapho uMama (okuyimvelo) esihlizeka ngezimpend­ulo ezifweni esinazo.

Ngiyafisa ukuqinisek­isa ukuthi ezihlahlen­i ezikhona asikho isifo esingelaph­eke ngoba nalezi okuthiwa kazelaphek­i yingoba asikambule­lwa isihlahla okuyiso. Angingabaz­i ukuthi impendulo yethu kuzo zonke izifo nezingalap­heki ikuzo izihlahla lezi.

Okubi-ke ngezihlahl­a nezimila wukuthi ziyezwela. Ingani ziyakwazi ukushabala­la uma kunobudede­ngu. Yikho kumele njengabant­u siqonde ngazo kanjalo nobudlelwa­no bethu nazo. Samukele ukuthi kokunye siwutho ngazo, ngakho ukushabala­la kwazo kungasho ukuphela kwethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa