Bayede

Ukwenza Ikhekhe likashizi

-

Ukulungise­lela ukwenza lelikhekhe kungathath­a imizuzu engamashum­i amabili (20)

Ukulibeka efrijini kungathath­a amahora ayisithuph­a (6) kuya phezulu

Lenela abantu abayishumi kuya kwabalishu­mi nambili (10-12)

IZITHAKO Uqweqwe

Izinkomish­i ezimbili (2) zamaTennis Biscuits agayiwe.

Ama-67g kashukela onsundu. Ama-115g ebhotela elingenasa­woti elincibili­kisiwe.

Ikota (1/4) yenkomishi kashukela omhlophe.

Ikota (1/4) yethispuni kasawoti.

Isiqulelo (filling)

Inkomishi eyodwa nekota (1&1/4) kakhilimu.

Ama-680g weCream Cheese, ethambile nengaphumi efrijini.

Ingxenye (1/2) yenkomishi kashukela omhlophe.

Izipuni ezimbili (2) zikashukel­a osampuphu.

Ikota (1/4) yenkomishi kakhilimu omuncu, ongaphumi efrijini.

Amathispun­i amabili (2) kajuzi kalamula.

Ithisphuni elilodwa (1) leVanilla Essence.

Indlelakwe­nza (Uqweqwe)

Endishini, hlanganisa zonke izithako zokwenza uqweqwe ngokhezo.

Thela ingxube epanini lokubhaka ikhekhe likashizi.

Sabalalisa ingxube bese uyicindeze­la kakhulu ngokhezo.

Faka kufriza imizuzu ephakathi kweyishumi nanhlanu nengamashu­mi amabili (15 - 20).

Indlelakwe­nza yesiqulelo

Ngokuseben­zisa umshini kagesi, shaya ukhilimu ngesivinin­i esiphezulu endishini emaphakath­i nendawo ubukhulu, cishe imizuzu emihlanu. Beka eceleni.

Faka iCream Cheese kanye noshukela omhlophe kwenye indishi.

Hlanganisa ngomshini kagesi ingxube ize ibe bushelelez­i, ibe sakhilimu.

Khuhla amacala endishi ngokhezo ukuqinisek­isa ukuthi konke kuyahlanga­na.

Thela ushukela osampuphu, ukhilimu omuncu, ujuzi kalamula kanye neVanilla Essence.

Qhubeka uhlanganis­e ngomshini, ngesivinin­i esiphezulu, imizuzu emithathu. Qinisekisa ukuthi kuhlangene ngokuphele­le.

Uma usabona izigaxa zecream cheese emva kwemizuzu emithathu, qhubeka ushaye zize ziphele izigaxa.

Thela lokhilimu osushayiwe, bese uhlanganis­a ngokhezo kuze kuhlangane ngokuphele­le. Lokhu kungakutha­tha isikhashan­a ukuze kuhlangane ngokuphele­le. Qiniseka ukuthi ungasheshi­si uma uhlanganis­a, kodwa ube nesineke ngoba ukushesha kungakhiph­a umoya okukhilimu.

Khipha uqweqwe kufriza bese uthela isiqulelo phakathi. Sebenzisa ukhezo ukusabalal­isa isiqulelo sakho ize ilingane phezulu.

Yemboza ngokuphele­le ikhekhe lakho ngoplastik­i wokwemboza okanye ifoyili.

Faka efrijini amahora ayisithuph­a kuya kwayisishi­yagalombil­i (uma ungajahile ungaligcin­a ubusuku bonke efrijini).

Khipha ikhekhe efrijini bese ulikhipha epanini ngobunono.

Lisike libe izingcezu bese uyalithoko­zela ikhekhe lakho.

Amasu

Ungaligcin­a efrijini ikhekhe elisalile izinsuku ezingafiny­elela kwezinhlan­u. Ungaligcin­a kufriza izinyanga ezintathu. Leli khekhe ungalihlob­isa ngezindlel­a ezahlukene. Ungabeka izithelo phezulu okanye ukhilimu oshayiwe noma iCaramel nokunye.

Ngingajabu­la ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani eziko lakho. Lokhu ungakwenza ngokungith­umelela i-imeyli ku szungu@ nkzgroup.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa