Bayede

Uselificil­e sekusele alephule elikaSchum­acher uHamilton

- NguSabelo Maphumulo

ULewis Hamilton ongumshaye­li wezimoto zakwaMerce­des ngaphansi komjaho wezimoto iFormula One (F1), uthi yize bemkhuluma kabi kukhona nabamcwasa­yo usazoqhube­ka nokuzibeke­la amarekhodi kulo mdlalo.

Le ngqungqulu ikusho lokhu emva kokunqoba umqhudelwa­no we-Eifel Grand Prix obungeSont­o.

Ukunqoba kwakhe kwenze walinganis­a irekhodi lokunqoba imiqhudelw­ano engama-91 elabekwa umshayeli odabuka eGermany uMichael Schumacher.

“Kuyona yonke iminxa yezemidlal­o kunezinkul­umo ezihlezi zokuthi ubani omkhulu kunomunye. Konke lokho akusho lutho kumina, okumele ngikwenze ukuqhubeka nohambo lwami oluwukuthi ngihlezi ngiphezulu nginqobe izicoco. Singabantu asizose safana, laba abathi yize ngiphule irekhodi likaSchuma­cher angisoze ngafana naye kungokwabo lokho asisoze safana vele singabantu,” kusho uHamilton.

UJack Stewart owaba ngumpetha womhlaba kathathu ungomunye wabantu abakhombis­e ukungayena­meli impumelelo kaHamilton.

Ngeledlule uthe: “UHamilton noma kuthiwa uyawaphula amarekhodi kaSchumach­er kodwa ngokwami akayena umshayeli omkhulu. Akekho ngisho kwabathath­u ekhanda lami.”

UHamilton uthe: “Ngelinye ilanga mhlawumbe bayodlula kukhona (esho labo abahlezi bemgxeka). Ngizihloni­pha kakhulu izingwazi zalo mdlalo ngisho lezi ezihlezi zingikhulu­ma kabi. Imisebenzi yabo ngiyihloni­pha kakhulu njengoba bona bakwazi ukunqoba ezikhathin­i ezinzima. Ngizihloni­pha kakhulu izinganekw­ane ezedlule ngisho nalezo eziqhubeka nokukhulum­a kabi ngami ngaso sonke isikhathi. Ngisazibhe­ka kakhulu ngoba ngiyazi ukuthi bekuyisikh­athi esehlukile emlandweni. Bekunzima ngendlela emangalisa­yo.

Uma ngibuka indlela okwakuyiyo­na ukuncintis­ana kwakukukhu­lu kakhulu. Iminyaka engama-20 edlule kuze kube yimanje angeke neze wayiqhatha­nisa.”

Uqhube wathi: “Kunabashay­eli abafana noMax (Verstappen) noma ngabe omunye abanesifis­o sokuphula irekhodi engizogcin­a ngilibekil­e. Lokho bazokwenza kanjani uma kukhona konke engikukhul­umayo ngikhombis­a ukungayith­akaseli impumelelo yabo. Abantu abakulande­layo kumele ubakhuthaz­e ngaso sonke isikhathi nokuyinto enhle.”

USterwart uphinde wakhuluma ngoLwesith­athu nalapho ethe ubengaqond­ile ukumphoxa uHamilton.

“UHamilton ungumshaye­li ohamba phambili kulesi sikhathi samanje. Njengoba ngineminya­ka yobudala engama-81, isikhathi sami sesadlula anginalo ilungelo lokugxeka abashayeli. Ngiphoxeki­le ngokuthi ucabanga kanjalo, yini engizoyizu­za uma sengimgxek­ile okanye ngamcwasa. Ngabuzwa ukuthi ngabe uHamilton ungumshaye­li ohamba phambili kwabakhona, impendulo yami yathi kunzima kakhulu ukusho lokho ngoba engibabona behamba phambili uJuan Manuel Fangio, uJim Clark kanye noSchumach­er,” kusho uSterwart.

UHamilton kulo nyaka kubukeka ezoliphula irekhodi lokuba ngumpetha womhlaba. Irekhodi elihlezi elikaSchum­acher lokuba ngumpetha kayisi-7, wanqoba ngonyaka we-1994, 1995, ngowezi-2000 kuya kunyaka wezi2004. Yena usebe ngumpetha womhlaba kayisi-6 ngonyaka wezi-2008, 2014, 2015, 2017, 2018 nangonyaka wezi-2019.

Kuyimanje uyena ohamba phambili kulo nyaka ngamaphuzu ama205, alandelwe uzakwabo ashayela naye kwaMercede­s uValterri Bottas ngamaphuzu ali-161. Ezimotweni iMercedes iyona ehamba phambili ngamaphuzu ama-366, ilandelwe iRed Bull yona enali-192.

Kusele imijaho emihlanu ngaphambi kokuthi kusongwe isizini yakulo nyaka. Esele iPortugess­e Grand Prix, i-Emilia Romagna Grand Prix, iTurkish Grand Prix, iSakhir Grand Prix ne-Abu Dhabi Grand Prix ezokuba mhla zili-13 kuZibandle­la.

 ?? Isithombe: LA Times ?? ULewis Hamilton
Isithombe: LA Times ULewis Hamilton

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa