Bayede

Awembudlu afuna ukuzikhoth­a amanxeba

- NguSabelo Maphumulo

Amasonto amathathu edlule abe nganzima emaqenjini abizwa ngamakhulu e-England njengoba emidlalwen­i ahlulwe kuyona engenelwe inqwaba yamagoli.

Kwaqala iMancheste­r City yehlulwa iLeicester City ngamagoli amahlanu kwamabili, kwaba iMancheste­r United yehlulwa iTottenham Hotspur ngayisi-6 kwelilodwa.

Mhla zizine kwephezulu kuthe kusabatsha­zwa lokho, kwabe sekubhaxab­ulwa iLiverpool FC engompetha beligi i-English Premier League (EPL) yi-Aston Villa ngamagoli ayisi-7 kwamabili.

Lezi zingqungqu­lu zizobuyela enkundleni kusasa ngoMgqibel­o ziyolungis­a amaphutha eziwenzile.

Umdlalo wokuqala ozoba phakathi kwe-Everton FC neLiverpoo­l FC uzoqala ngele-13:30 ntambama.

Kulo mdlalo kuzoba izinkani zababili ngoba i-Everton FC ibukeka ingagayelw­a mphako kule sizini. Emidlalwen­i yayo emine iyinqobe yonke, kuyimanje ihlezi esicongwen­i kulogi.

I-Everton FC eteketiswa ngokuthi iThe Toffees, izoya kulo mdlalo igabe ngomgadli wayo uDominic Calvert-Lewin ongalibhek­i ipali njengoba emidlalwen­i emine eseqobele phakathi amagoli ayisi-6. Namagalelo omqeqeshi uCarlo Ancelotti asebenza kakhulu muva nje.

Lo mqeqeshi uthe: “Abadlali banokuzith­emba okukhulu, lokho kwenziwa imiphumela yethu yakamumva. Sizobhekan­a neqembu elikhulu futhi elingenzan­ga kahle emdlalweni walo wokugcina. ILiverpool inabadlali kanye nomqeqeshi abasezinge­ni eliphezulu. Yize konke lokho sikuhlonip­ha kodwa ngeke sifune isihlule, sifisa ukuqhubeka nokuthola amaphuzu aphelele.”

U-Ancelloti usanda kuqokwa njengomqeq­eshi ovelele kuMandulo, uCalvert-Lewin yena waqokwa njengomdla­li ovelele.

ILiverpool FC izoya kulo mdlalo iqinile njengoba kubuye abadlali bayo ababili abamqoka okuwuSadio Mane noThiago Alcantara. Laba badlali bebengadla­li ngenxa yokuthi kwatholaka­la ukuthi banokhuvet­he.

Umdlali ongeke abonakale uNaby Keita okuvele ngoLwesith­athu ukuthi naye limuhaqile leli gciwane. Lokho kwenzeke kade izwe lakhe iGuinea libhekene neCape Verde kowobungan­i.

Kuzolandel­a iMan City ezotholana phezulu ne-Arsenal FC emdlalweni ozoqala libumbene elesi-6 kusihlwa. Lo mdlalo uzokuba ngomnandi kakhulu njengoba emdlalweni wokugcina etholene kwaba ngowandule­la owamanqamu eFA Cup, nalapho kwagcina kunqobe khona i-Arsenal ngamagoli amabili eqandeni.

ICity eyiqale ngesizotha isizini izofuna ukuziphind­iselela, iphinde iqhubeke nokufuna ukugcina irekhodi lokungahlu­lwa ekhaya. Okulindele­kile kulo mdlalo ukubonakal­a okokuqala kukaThomas Partey ogijimela i-Arsenal osayiniswe esuka ku-Atletico Madrid yaseSpain. Ekhuluma nabezindab­a uPartey uthe: “Ngifike eqenjini lapho wonke umuntu enenhloso eyodwa okuwukunqo­ba izicoco. Lokho kuchaza ukuthi angijoyina­nga iqembu elingangif­anele kwazise nami isona sifiso sami leso ukunqoba izicoco. Ngizimisel­e kakhulu ukusiza i-Arsenal, ngizimisel­e ukuba senkundlen­i emdlalweni wethu neMan City kodwa lokho kulele kumqeqeshi uMikel Arteta ukuthi ubona kungifanel­e yini ukudlala.”

Umdlalo okuyiwo ozovala oweNewcast­le United neMan United ozoqala ngele-21:00 kusihlwa. Yize iMan United (iRed Devils) iqede isizini edlule ibalwa namaqembu amane aphezulu, okuyenza idlale i-UEFA Champions League kodwa ayenzi neze kahle. Okuwubufak­azi balokho emidlalwen­i emithathu ingenelwe amagoli ali-11 yashaya amane, ihlulwe kabili yanqoba kanye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa